Incazelo ngoMaphipha iKhubalo (Rapaneu melanophloeos)

UMaphipha.

Incazelo ngoMaphipha (Rapaneu melanophloeos)

Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo, akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo,lona olwaluqed’umuzi ngokunkenkeza.ISilo uDingane leso.Ngiyazibingelela iziNgabade enhla nasezansi.Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMaphipha igama lawo.NgesiSwati kuthiwa iGcolo noma uDzilidzili.KwaXhosa ubizwa ngeSiqwane sehlathi.NgesiLungu ubizwa ngeCape Beech,kanti ngesiBhunu kuthiwa Boekenhout.OSosayensi bona bawubiza ngeRapaneu melanophloeos.IKhubalo elihle kakhulu leli,elingena ezindaweni eziningana.Babili oMaphipha,kukhona lona uyiKhubalo, bese kuba khona noyiNtelezi ongena kakhulu kwezokuchela.UMaphipha oyiKhubalo uyaphipha njengoba negama nalo lichaza. Kusebenza kakhulu ixolo kulo muthi.Angikaze ngizwe kuthiwa impande yawo iyasebenza. Ngike ngizwe kuthiwa namacembe nawo ayasebenza kodwa bengingakaze ngiwasebenzise.Kuthiwa ageza inxeba eselibolile ,kuthiwa abulala wonke amagciwane,izimpethu nokunye .Bathi a-“Anti-bacterial” (phecelezi).Bathi nesithelo naso uma usidla sibulala izilonda ezingaphakathi emuntwini.

Wenzani uMaphipha

Muhle uMaphipha kwezezichitho.Uwumuthi omuhle wezinduna.Uwumuthi omuhle wokugeza igazi, wenze umuntu athandeke  . Uyangena futhi nasemithini yokulungisa iDlozi, ebeseliphenduliwe,liphendulwa abathakathi.UMaphipha uyaphalaza ,uyageza uyagquma,uyancindwa. Kusebenza igxolo,lisuke selithakwe neminye imithi.Umuntu ophalaze ngoMaphipha uyagezeka, ubuso bakhe buba bushelelezi, kuphele izinduna uma bezikade zikhona,uxoshe namaphupho amabi.Umuntu ophalaze ngoMaphipha uyagezeka futhi nasemaphashini ngaphakathi,akwazi ukuphefumula kahle.Nasezibindini. Okuchaza ukuthi uyangena embizeni ephuzwa wumuntu onenkinga yezibindi namaphaphu.Uma unenkinga yamaphuphu nezibindi, thatha ixolo likaMaphipha, ulibise ,bese uphuza isiphungo salo.Liyasebenza lilodwa.Ungalinyusa amandla ngokulithaka nezinye izinduku uma uthanda. Ekuphalazeni uMaphipha uqhathwa nezibomvu, uMtholo,oVumakumangoma obomvu,iNgwavuma, iNtolwane nezinye.Inkunzi uMaphipha , kubalulekile ukuba umuntu ahlale enawo.Kanti nasemfuyweni muhle kakhulu.Uyabiliswa bese uphuziswa izinkomo,izimbuzi ,izimvu ukuba zikhuluphale. Ukukhuluphala kwemfuyo kusho ukwanda kwayo, ngoba isheshe ikhwelwe uma inonile,bese iyamitha izalane yande.Kanti nakwezokubethela umuzi uyangena futhi uMaphipha.Ungena njengomuthi ozoxosha izithunzi ezimbi, zobusokoco.

Khumu!

Thola olunye ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV

Niphile nina bakaMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo