Incazelo ngoMvagazi  (Pterocarpus angolensis )

UMvagazi

Incazelo ngoMvagazi  (Pterocarpus angolensis )

Nina abakaZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo.UCala lathethethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana.UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?UMkhumbi gudluka sibone aMagumgedlela.ISilo sasoSuthu leso.Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade,ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu. Cha,thina sisaphila.Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMvagazi igama lawo lesiZulu.Akuwona uMdlebe lo.Lo muthi wopha igazi,muhle kakhulu okhunini,kwenziwa ngawo iFenisha.Esingabala kuyo amaTafula,amaWadilobhu, iziHlalo kanye nokunye.Kubuye kweziwe ngawo amaFutha\uOyela osetshenziswa ukuhlanza iFenisha,obizwa ngokuthi iMukwa oil.Leli gama elithi Mukwa lisuselwa egameni lalo muthi lesiTswana elithi Mokwa.Lo muthi ngesiBhunu ubizwa nge Kiaat.NgesiLungu soSosayensi ubizwa nge Pterocarpus angolensis.AmaNgisi awubiza ngeBloodwood, noma nge Transvaal teak.Ka se Tswana bare ke Mokwa,kana Morotomadi.Ka sePedi bare ke Moroto.NgiesiSwahili ubizwa ngokuthi uMuninga

Welaphani uMvagazi

Nina beSilo lo muthi uMvagazi muhle kakhulu ekwelapheni umuntu wesifazane onenkinga yokungangeni kahle eFindweni,noma uma iFindo lakhe liza kancane.Kuye kubiliswe igxolo lalo muthi libe isiphungo noma imbiza ephuziswa umuntu wesifazane onenkinga yeFindo elinganqamuki ngenxa yobuthakathi.Leli xolo lo Mvagazi lihle nasekwelapheni iRingworm(uMbandama), kuye kuphuzwe sona isiphungo salo,kubuye kunanyekwe nempuphu yalo esigayiwe kuwona uMbandama.Isiphungo segxolo lale nduku sibuye siconsiselwe nasehlweni elibuhlungu elikhala nobovu.Kanti sona futhi lesi Siphungo sandisa ubisi kuMdlezane,kanye nasenkomeni eyiSigqala.Lesi siphungo sihle nasekwelapheni isisu esijuqayo.UMvagazi muhle nasezikweni lezinkomo,wandisa izinkomo.Umgoqo wawo uye ubeke esangweni lesibayeni ukuze izinkomo ziweqe uma zingena noma ziphuma.Ufana nomgoqo woMgogiwezinhlanya.

Khumu!

Baphile abeNkosi kuzo zonke izindawo lapho bekhona.Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi ngempande .

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo