Incazelo ngoDlutshana\uDlutshani\Afroaster hispida Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olwesemehlweni... qhubeka ufunde »
Umlando ngabakwaDlamini{Indlu yaseMakhuzeni} Abantu bakwaDlamini bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Njengokuchaza kwethu ngokwedlule ngenkathi sichaza indlu yenkosi uNyanya, isibongo sakwaDlamini sikhulu kakhulu kangokuthi abantu bakwaDlamini baze baphikane bathi abahlobene,ngenxa ... qhubeka ufunde »
Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane. UBaleni ka Silwane wakwaMpungose wabe engelinye lamaqhawe eSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona ka Jama. Wayebuthwe yisona iSilo uMpande , simbuthela ebuthweni loDloko , ngo 1858. Izinsizwa zebutho loDloko zazizalwe ngo1838 ,... qhubeka ufunde »
UFoshela /uQhwashu/Ikhambi lakwaNgcobo/Felicia erigeroides Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu,uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Lo muthi engiwubona esithombeni ubizwa ngokuthi uFoshela ngesiZulu, noma yiKhambi lakwaNgcobo. Ubuye ubizwe ngokuthi uQhwashu, ngenxa yokuthi unamakha anuka kamnandi . NgesiLungu soSosayensi kuthiwa iFelicia erigeroides . Lona wumuthi owande lena eThekwini , KwaDukuza, nakoNdwendwe . Wumuthi wobuhle lona . Wumuthi wogazi nenhlanhla lona . Wumuthi okhonzwe kakhulu ngamaSoka, izinsizwa ezeshelayo. AmaSoka awuthaka eNdukwini yawo eMhlophe . okuyiNduku yokwakha ugazi nokwakha iNhlanhla. Lo muthi ubuye ungene emithini ethakwa uma kwakhiwa iSikhahlamezi. ISikhahlamezi yingxube yemithi ethakwa yenziwe iNduku egcotshwa ezandleni nasebusweni. Igcotshwa izinsizwa . Uma insizwa egcobe iSikhahlamezi ike yaxhawula intombi , noma yayithinta, leyo Ntombi ivele ilangazelele ukuya ocansini naleyo nsizwa khona lapho , kangangokuthi ize iyilandele nokuyilandela . Kuleyo mithi kusuke kuthakwe wona uFoshela , uDumbasimbu , uVelangemoyeni ,
read more