Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Amagama emithi

*AMAGAMA EMITHI,NGOKWEHLUKANA KWEZINDAWO* -Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. Nina bakaLanga lisehlule madoda sesingamavikithi. Ake sibheke amagama emithi,indlela imithi ebizwa ngayo kuleli lakwaZulu. *ISibhaha — UMazwahlabayo *IPhakama— IMfeyenkawu *UMavumbuka—IHlule *IHluze — uMgxam/INhluthe *INyokiziphinda—UMvithi *UVumakubangoma omhlophe— ISikhwali *UNukani uyikhubalo—UMshiphowenkawu/Shiphambhemu *UMhlakaza— ISindiyandiya/UNdiyaza *UQhume –UMfazothethayo *IKhambilomsinga—Nalo libuye libizwe ngeSolo *UNkungwini— UMnyamawe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngesilwane iNkakha{Pangolin}

Nina bakaVezi ngimfumane bemzila,ngafike ngamudla, kanti ngizifaka iloyi esiswini. Nanso-ke iNkakha. Lesi silwane sinegobolondo eliqinise okweloFudu. Sitholakala emazweni amaningi ,sande kakhulu eAfrika, eNingizimu Afrika esifindazweni saseMpumalanga, eSwazini , eMalawi, eZambia , eZimbabwe , eUganda kanye namanye amazwe esaAfrika. Abanye abantu baseAfrika ikakhulukazi eMalawi bayasidla. Bathi inyama yaso yehla esiphundu ,yedlula eyenkukhu. Kepha sidliwa kakhulu eChina. Nabo bathi simnandi kabi. Sizinhlobonhlobo lesi silwane. Uhlobo lwaseChina lubizwa ngokuthi yi-Pentadactyla,kuseyiyona nokho iNkakha. Yisona lesi silwane oSosayensi baseChina bathola ukuthi yisona esasabalalisa ukhuvethe ,phecelezi icorona. Ukhuvethe lwaqala khona eChina , edolobheni laseWuhan ngoZibandlela 2019.  INkakha ishushumbiswa kakhulu emazweni afana nelaseChina, Malaysia, Vietnam kanye nabanye. Bayayidla, kanti futhi amafutha ayo  bakha ngawo induku yenhlanhla . Nalana eAfrika abantu abasundu lesi silwane basebenzisa abafutha aso ukwakha induku yenhlanhla ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Bawathaka neminye imithi . Akusona iSadawana lesi bakwethu. Ixolo leNkakha liyangena emithini yokugomela inhlamvu yezibhamu. Lithakwa neminye imithi.  INkakha iyakwazi nokugibela esihlahleni,kuthiwa iyisilwane esinamahloni kabi, iyaziwisa

read more

Incazelo ngentelezi iDlulabehlezi

read more

Incazelo ngoSolo/uMgandakankawu

read more

Incazelo ngeMpila

read more

Incazelo ngoMgwenya

read more

Incazelo ngoNkungwini

read more

Incazelo ngePhakama

read more

Incazelo ngekhubalo uMaphipha

read more

Mngwengwe

Umlando Nezithakazelo ZakwaMngwengwe #Ucashunwe ku-Lwazi Programme. *Izithakazelo zabo* Mngwengwe kaZitha kaNyamande Nyama kayishi, isha ngomphephezelo. Abehla ngomzungulu wasala wabola *Umlando wabo:* Abantu bakwaNgwengwe bavela enkabazwe lapho bephuma khona.Behla njalo ngasogini oluseMpumalanga baze bafika lapho kuseMozambique base besabalala abanye badlulela eSwazini baqhubeka abanye laba esesibathola kwaZulu. Inkosi yaso lesi sizwe yayikade inamadodana amabili angamawele. Kwenzekile ke elidala laqonywa yintombi. Lamawele abefana ngalendlela yokuthi bekunzima ukuwahlukanisa. Nentombi ibihluleka nawukuwahlukanisa indlela abefana ngayo. Kuthi lapho inkosi isiguga yathi eweleni elidala alikhombe intombi ukuze liganwe bese elibeka esikhundleni sobukhosi. Kanti elincane liyakuzwa lokho okushiwo inkosi kumfowabo omdala. Labe seliya entombini lathi uyise ufuna ukulibeka esihlalweni sobukhosi nokuthi laqhubeka lathi selizondwa nayileli elinye iwele, lifuna ukulibulala, ngakho abeqe. Nebala beqa nebutho labalandeli baze bafika lapho kuyiKwaZul khona namuhla, njengoba sekushiwo. AbakwaZondi bafika kamuva ababebaleke kubo kwaDlamini eSwazini. Kamuva nje sekubusa iLembe KwaZulu, ngelinye ilanga kwakucitshwa inseam. Kwakuneqhawe lakwaNgwengwe elalinemba kangangoba laze laciba ibhece lisekhanda lentombi

read more

error: Akuvumelekile lokho !!