*Umlando ngokuzalwa nokukhula kukaMphrofethi uShembe, uMqaliwendlela,uMqalisi nombumbi wamaNazaretha,nobuNazaretha* Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uM P Mpanza ethi “UShembe noBunazaretha” Lawamazwi akuleli khasi akhulunywa ngu-Mqali waloluhambo lobuNazaretha isikhonzi senhlupheko obizwa ngokuthi ngu’ Isaiah Mloyiswa Mdliwamafa Shembe’ . Ezalwa ngu-Mayekisa kaNhliziyo kaMzazela kaSokhubuzela kaNyathikazi.AbakwaShembe bangabaNtungwa bakwaDonsa Wawakhuluma lawamazwi kubalandeli bakhe emzini wakhe oyingcwele waseKuphakameni ngonyaka ka- 1926 , ebachazela ngokuzalwa nokukhethwa kwakhe ngu-Jehova ukuba yisikhonzi sakhe . Uthi uma eyilanda indaba yokuzalwa kwakhe,uthi kwakuko 1856 ezalwa . Uthi wazalelwa phansi kOndi kwaNtabamhlophe ,yilapho umuzi wakubo wase wakhe khona ngokusuka kwabazali bakhe lapho kwakukade kwakhe khona oyisemkhulu ezintabeni zakwaCeza. Nanamuhla ikhona lentaba ebizwa ngokhokho wakhe uMzazela lena enhla noNongoma Ngokuhambela kuka-Jehova kuMzazela wathi ‘Mzazela,Mzazela baleka- baleka uye ezweni lasenhla ngokuba ngizovusa iNkosi enolaka emhlabeni kanti enzalweni yakho kuyovela abaProfethi abayosindisa isizwe sami esiNsundu engisakhileyo nengisikhethileyo. UMzazela kazange angabaze walalela izwi likaMvelinqangi ukuthi lalithini kuyena wahamba wabalekela enhla eMahlutshini wayokwakha khona njengoba kuze kuzalwa
read moreUmlando ngeNkosikazi uSitheya Hadebe. (Unina kaMphrofothi uShembe) Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uMP Mpanza esihloko sithi “UShembe noBunazaretha” Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane abantu bakwaHadebe babebuswa yinkosi yabo uLangalibalele ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi sibathola bakhe ngaphansi kwezintaba zoNdi noKhahlamba,okuyindawo abasakhe kuyona nanamuhla. UNdunankulu wenkosi uLangalibalele (phecelezi Prime Minister) kwakunguMalindi ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi kwasekuqale ukwanda abashumayeli beVangeli ,iningi okwabe kungabamhlophe ,ababesuke emazweni aphesheya afana nakoNgilandi, Scotland kanye namanye. Baningi abantu abansundu abasebephundukile ,bamukela uNkulunkulu umdali wezulu nomhlaba njengenkosi yabo. Indodakazi kaNdunankulu uMalindi ,uSitheya Elizabeth Hadebe,naye wayengomunye wabo. Kuthiwa ekukhuleni kwayo yakhula ilungile ,ilondekile. Kuthiwa kontangayayo yayingekho intombazane eyayifana nayo. Kuthiwa le ntombazane yakhula ihlonipha kakhulu, ithandeka futhi kubazali bayo,bonke abantu bethokoza ngayo. Ngaleso sikhathi kwelaMahlubi kwasekutheleke ingxenyana yesizwe saMantungwa akwaDonsa ,ayeluqhamukise ezintabeni zakwaCeza . Leyo ngxenyana yaMantungwa akwaDonsa yafika kuleya ndawo osekuyiNtabamhlophe namuhla iholwa nguMzazela ka Sokhabuzela, owazala uNhliziyo ,owazala uMayekisa . Ngenkathi kufika laba bantu bakwaDonsa
read moreNina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni, indlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela abanxeba okuluphala! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso -ke isigaxa sikaMababaza , intelezi enkulu engena ezintelezini zokuchela ekhaya ,kanye nakwezokubethela ikhaya/umuzi. Le ntelezi ixosha imimoya emini, iphebeza nemihlola engahle ingene ekhaya. Iyaluma, uma ikuthintile esikhumbeni. Kubuye kugezwe nangayo ,kuxoshwe amabhadi nezithunzi,iluma injalo. #Khumu! Thola ukwazi ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺
read more