Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni, indlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela abanxeba okuluphala!
Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso -ke isigaxa sikaMababaza , intelezi enkulu engena ezintelezini zokuchela ekhaya ,kanye nakwezokubethela ikhaya/umuzi. Le ntelezi ixosha imimoya emini, iphebeza nemihlola engahle ingene ekhaya. Iyaluma, uma ikuthintile esikhumbeni. Kubuye kugezwe nangayo ,kuxoshwe amabhadi nezithunzi,iluma injalo.
#Khumu!
Thola ukwazi ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺