INgonyama uDinuzulu yabusa ngemuva kokukhothama kukayise iSilo uCetshwayo kaMpande. INgonyama uDunuzulu yabusa isencane kakhulu ngokweminyaka ngoba yabusa ineminyaka eyishumi nesithupha(16) ,yayizalwe ngowe 1868 ,kanti yaqala ukubusa ngowe 1884 mhla zingama 20 kuNhlaba kwaze kwaba wumhla zingama 18 kuMfumfu 1913 . Unina weSilo uDinuzulu kwakuyiNdlovukazi uNomvimbi indodakazi kaMsweli Mzimela . UMsweli Mzimela wayelwe ngasohlangothini lweZigqoza empini yaseNdondakusuka.Impi yaseNdondakusuka yayiphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande kaSenzangakhona. Abalandeli bakaMntwana uCetshwayo babebizwa ngokuthi bawuSuthu ,kanti abakaMntwana uMpuyazwe kwakuyiZigqoza . USuthu olwadla umhlanganiso kuleyo mpi .Le mpi yaseNdondakusuka yalwa iSilo sakwaNodwengu iSilo uMpande sisawadla anhlamvana. Ngokomthetho wasebuNguni uMntwana ozalwe uyise engakabi yinkosi akakwazi ukubusa isizwe uma uyise esekhotheme ngisho noma kungathiwa lowo uyindodana endala kuwo wonke amadodana enkosi kodwa uma ezalwe uyise engakabi yinkosi naye akakwazi ukuba yinkosi . UMntwana uDinuzulu naye wazalwa uyise uCetshwayo engakabi yinkosi .Kodwa ngesizathu sokuthi uMntwana uDinuzulu wayezalwe waba nguye yedwa ingane yomfana kwaphoqeleka ukuba abekwe njeNgonyama kwazise uMntwana uManzolwandle wazalwa
