Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Ukuzalwa nokukhula kukaMphrofethi uShembe

*Umlando ngokuzalwa nokukhula kukaMphrofethi uShembe, uMqaliwendlela,uMqalisi nombumbi wamaNazaretha,nobuNazaretha* Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uM P Mpanza ethi “UShembe noBunazaretha” Lawamazwi akuleli khasi akhulunywa ngu-Mqali waloluhambo lobuNazaretha isikhonzi senhlupheko obizwa ngokuthi ngu’ Isaiah Mloyiswa Mdliwamafa Shembe’ . Ezalwa ngu-Mayekisa kaNhliziyo kaMzazela kaSokhubuzela kaNyathikazi.AbakwaShembe bangabaNtungwa bakwaDonsa Wawakhuluma lawamazwi kubalandeli bakhe emzini wakhe oyingcwele waseKuphakameni ngonyaka ka- 1926 , ebachazela ngokuzalwa no... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosikazi uSitheya Hadebe,unina kaMphrofethi uShembe

Umlando ngeNkosikazi uSitheya Hadebe. (Unina kaMphrofothi uShembe) Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uMP Mpanza esihloko sithi “UShembe noBunazaretha” Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane abantu bakwaHadebe babebuswa yinkosi yabo uLangalibalele ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi sibathola bakhe ngaphansi kwezintaba  zoNdi noKhahlamba,okuyindawo abasakhe kuyona  nanamuhla. UNdunankulu wenkosi uLangalibalele (phecelezi Prime Minister) kwakunguMalindi ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi kwasekuqale ukwanda abashumayeli beVangeli ,iningi okwabe kungabamhlophe ,ababesuke emazweni aphesheya afana nakoNgilandi, Scotland kanye namanye. Baningi abantu abansundu abasebephundukile ,bamukela uNkulunkulu umdali wezulu nomhlaba njengenkosi yabo. Indodakazi kaNdunankulu uMalindi ,uSitheya Elizabeth Hadebe,naye wayengomunye wabo. Kuthiwa ekukhuleni kwayo yakhula ilungile ,ilondekile. Kuthiwa kontangayayo yayingekho intombazane eyayifana nayo. Kuthiwa le ntombazane yakhula ihlonipha kakhulu, ithandeka futhi kubazali bayo,bonke abantu bethokoza ngayo.  Ngaleso sikhathi kwelaMahlubi kwasekutheleke ingxenyana yesizwe saMantungwa akwaDonsa ,ayeluqhamukise ezintabeni zakwaCeza . Leyo ngxenyana yaMantungwa akwaDonsa yafika kuleya ndawo osekuyiNtabamhlophe namuhla iholwa nguMzazela ka Sokhabuzela, owazala uNhliziyo ,owazala uMayekisa . Ngenkathi kufika laba bantu bakwaDonsa

read more

Incazelo ngentelezi uMababaza

Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni, indlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela abanxeba okuluphala! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso -ke isigaxa sikaMababaza , intelezi enkulu engena ezintelezini zokuchela ekhaya ,kanye nakwezokubethela ikhaya/umuzi. Le ntelezi ixosha imimoya emini, iphebeza nemihlola engahle ingene ekhaya. Iyaluma, uma ikuthintile esikhumbeni. Kubuye kugezwe nangayo ,kuxoshwe amabhadi nezithunzi,iluma injalo. #Khumu! Thola ukwazi ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺    

read more

Amagama emithi

*AMAGAMA EMITHI,NGOKWEHLUKANA KWEZINDAWO* -Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. Nina bakaLanga lisehlule madoda sesingamavikithi. Ake sibheke amagama emithi,indlela imithi ebizwa ngayo kuleli lakwaZulu. *ISibhaha — UMazwahlabayo *IPhakama— IMfeyenkawu *UMavumbuka—IHlule *IHluze — uMgxam/INhluthe *INyokiziphinda—UMvithi *UVumakubangoma omhlophe— ISikhwali *UNukani uyikhubalo—UMshiphowenkawu/Shiphambhemu *UMhlakaza— ISindiyandiya/UNdiyaza *UQhume –UMfazothethayo *IKhambilomsinga—Nalo libuye libizwe ngeSolo *UNkungwini— UMnyamawempunzi *INtuma enkulu—INtunta -UPhalabashimane—ISiqunga sikaTikoloshe *IShaladilezinyoka— ISweli/ITshwele lo mlambo *ILabatheka—IZambane lentaba/IDumbe lentaba *AMangwe amnyama — UMunola *UMbhadlangu— UBangalala *ILoyi — IJoyi *IMfuzane — UMsilawengwe *IShabhele— INkomankoma *UMnyamathi — UMathunzentaba *IMpishimpishi — INdodemnyama *ISiqunga —IKhambi likaVico/UTshanibezwe *ISinyembane— UMnwandanyoka *USolo–UMgandankawu/ISikhukhukazi esinamatshwele *UXhaphozi —ISishoshokazane *IZibu—UDabulamanzi/IBhudle lomndawe *UMahogwe— IKhambi likaNgcolosi *INqayi elimhlophe—IKhambi likaMntungwa *INqayi elimnyama—IKhambi likaMthiyane *UMdlonzo— IKhambi leziduli *UMgogiwenhlanya—UMazwenda *UMphafa—UMlahlankosi *UMhlakuva—UMhlafutho *IDlula— IDlulabehlezi *IMpila — UMafuthomhlaba *UNgqengendlela—UShobalehhashi *UNtonganazibomvana—UMfanakazihlanjana *AMalanjana—UQadolo *IMfuzane — UMsilawengwe *IMpindamshaye —IMfulwa *INcamashela– INgcamu *INhlokoshiyane—UMkhaphalanga *UMadwaleni—INsulansula *UMqhumane —IPhengulula *IShabhele— INkomankoma *IShongwe—UHlakahla *UMaguqu—ISidenda *ISihlekahlekane— UMasheshisa *ISiklenama(esimhlophe nesibomvu) —UMahlanganisa *UMvuvuka—ISilengo *ISiphephane—UBendle/INgqabulane *UMshekisane—ISizimane * UQhuzu—UGqomgqomu *UHlaba —UHlabamaphonjwana *UHlabu—INtingo * UMgwanyana–UMgunya /UMbizakazivuthwa *UMakhandakansele—IKhambi likaLinda *UMathithibala —UMabululwana omkhulu *UMganu— UBaganiselwa *UMlahleni—

read more

Incazelo ngesilwane iNkakha{Pangolin}

Nina bakaVezi ngimfumane bemzila,ngafike ngamudla, kanti ngizifaka iloyi esiswini. Nanso-ke iNkakha. Lesi silwane sinegobolondo eliqinise okweloFudu. Sitholakala emazweni amaningi ,sande kakhulu eAfrika, eNingizimu Afrika esifindazweni saseMpumalanga, eSwazini , eMalawi, eZambia , eZimbabwe , eUganda kanye namanye amazwe esaAfrika. Abanye abantu baseAfrika ikakhulukazi eMalawi bayasidla. Bathi inyama yaso yehla esiphundu ,yedlula eyenkukhu. Kepha sidliwa kakhulu eChina. Nabo bathi simnandi kabi. Sizinhlobonhlobo lesi silwane. Uhlobo lwaseChina lubizwa ngokuthi yi-Pentadactyla,kuseyiyona nokho iNkakha. Yisona lesi silwane oSosayensi baseChina bathola ukuthi yisona esasabalalisa ukhuvethe ,phecelezi icorona. Ukhuvethe lwaqala khona eChina , edolobheni laseWuhan ngoZibandlela 2019.  INkakha ishushumbiswa kakhulu emazweni afana nelaseChina, Malaysia, Vietnam kanye nabanye. Bayayidla, kanti futhi amafutha ayo  bakha ngawo induku yenhlanhla . Nalana eAfrika abantu abasundu lesi silwane basebenzisa abafutha aso ukwakha induku yenhlanhla ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Bawathaka neminye imithi . Akusona iSadawana lesi bakwethu. Ixolo leNkakha liyangena emithini yokugomela inhlamvu yezibhamu. Lithakwa neminye imithi.  INkakha iyakwazi nokugibela esihlahleni,kuthiwa iyisilwane esinamahloni kabi, iyaziwisa

read more

Incazelo ngentelezi iDlulabehlezi

read more

Incazelo ngoSolo/uMgandakankawu

read more

Incazelo ngeMpila

read more

Incazelo ngoMgwenya

read more

error: Akuvumelekile lokho !!