Umlando ngesibongo sakwaShembe Abantu bakwaShembe baphuma kuMantungwa akwaDonsa , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u-Mayekisa owazala inkosi u-SHEMBE [u-Mqaliwendlela ]. Ngesikhathi senkosi uSenzanzangakhona umuntu owayegqame kakhulu kulesi sizwe sakwaShembe kwakunguMzazela kaSokhabuzela , owabe eyisangoma esasibuye sibe yinyanga sazi ukuhlanganisa amakhambi. U-Mzazela lona wayakhe ngaphesheya komfula iSikhwebezi... qhubeka ufunde »