UMntwana uNdabuko kaMpande ungomunye waBantwana baseNdlunkulu yakwaZulu abawulwela kakhulu uMbuso kaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu. Wazama impela uMntwana uNdabuko ukuwuvikela uMbuso kaZulu . UMntwana uNdabuko walwa ngokuzikhandla empini yakwaNdunu neyakwaCeza phakathi kwenyanga kaNhlangulana ngowe 1888. KwaNdunu igquma eliseduze nakwaNongoma . Impi yakwaNdunu yayiphakathi kukaZulu ngaphansi kweSilo uDinuzulu kanye noMntwana uZibhebhu wayesetshenziswa ngamaNgisi ukudala izinxushunxushu kwaZulu. Kuleyo mpi uZulu wadla umhlanganiso nokwathi ngemuva kwaleyompi amaNgisi abopha iSilo uDinuzulu noyise baso aBantwana oNdabuko noShingana abathwesa amacala okuvukela umbuso wawo . AmaNgisi abathumela eSiqhingini iSt Helena , iSilo sagwetshwa iminyaka eyishumi, uMntwana uShingana wagwetshwa iminyaka eyishumi nambili , uMntwana uNdabuko yena wagetshwa iminyaka eyishumi nanhlanu. UMntwana uNdabulo wayebuthelwe eButhweni u’Mbonambi onduku zibomvu igazi “, okuyiButho okwakukhona kulo noMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe. Wayebuthwe yiSilo uMpande. Ngesikhathi iNgonyama uDinuzulu noYise bayo bedingiselwe eSt Helena uNina weSilo uDinuzulu iNdlovukazi uNomvimbi Mzimela yiyona eyasala ibheke isizwe sakwaZulu , isizana noNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe. UMntwana uNdabuko wayelamana neSilo
