Mzinyane

Zikode!
Bhungane wenza ngakuningi!
Makhulukhulu!
Umkhulu Bhungane kodwa awungango Nkulunkulu!
Mashiya amahle amade anjengawe nyamazane!
Mafuza afulele njengelifu lemvula!
Sgoloza esimehlo abomvu esibheka muntu kubengathi siyamjamela!
Ndlubu ezamila ebubini bamadoda!
Ngoba zamila emthondweni
kwaSthondose
Abakasothondose ngokuzimelela kwanda uBhungane, yena owehla ezulwini ngesilulu!
Inkunzi enezindlu ezamila emthondweni!
Bhungane ongumakhulukhulu!
Nina enindlebe zikhanya ilanga!
Nina enindlebe zinhle zombili!
Nina bosiba olude olungakhothami ndlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama!
Nina omagawula imithi emncane emikhulu ivele iziwele!
MaHlubi amahle!
Mangelengele amahle!
Nina MaHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana!
Mashwabada owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo yathi mayifika emphinjeni yadlamalala

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo