UMntwana uZibhebhu kaMaphitha kaSoyisa kaJama Zulu unina kwakunguKhundlase kaSothondose Nxumalo . Wayebuthelwe ebuthweni loMxhapho . Imizi yakhe kwakuseBhanganomo ,eNkalakuthaba neminye. Imizi kayise uMaphitha kwakuseNkungwini, eKuvukeni, eKuxedeni, oPhanyekweni,kwaMandlakazi nemiye. Yena-ke uMntwana uZibhebhu kwabo kwakuseNkungwini. Wayeganwe ngamakhosikazi angale kwama 80,nesingabala kuwo okaMasiphula, okaMathanda ,abakaMatshana (babebathathu ), okaNdengezi , okaMdlume nabanye . Ngesikathi sempi yaseSandlwane uMagasa (uMntwana uZibhebhu) walwa ngasohlangothini lukaZulu ,futhi walwa ngobuqhawe obukhulu. Kukhona lapho adubula abulala idlanzana lamaNgisi ayelifice ligeza esizibeni eMfolozi eMhlophe. Ngesikhathi sempi yaseNdondakusuka uMandlakazi walwa ngasohlangothini lukaJininindi (uMntwana uCetshwayo) . UMandlakazi wawuholwa nguMntwana uHhayiyana kaMaphitha umnawakhe kaMagasa owayezalwa ekhohlo . Kwathi ngemuva kokwehlulwa kukaZulu ngamaNgisi ,eseshise nesigodlo sasoNdini ngowe 1879 ,ngenyanga kaNtulikazi mhla zingama 4, kwathathwa isinqumo sokuthi iSilo uCetshwayo siyobhaciswa ehlathini laseNgome. Ngaphambi kokuba ahambe uJininindi wathatha wonke umdlunkulu kanye nezingane zakhe ezazimbandakanya iWundlu uMntwana uDinuzulu wazisa eBhanganomo kuMntwana uZibhebhu ukuba asale nazo kanye nabo bonke omndlunkulu ngenkathi sona iSilo sisekubhaceni. UMntwana uZibhebhu wanikwa izinkomo enikwa