Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngesilwane iMfene🖋️👇🏾

Incazelo ngesilwane iMfene🖋️👇🏾 21 January 2023 IMfene/ Baboon: Nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe🙌🏾 Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba ukuthi basaphila kumagumbi amane omhlaba. IMfene yisilwane esitholakala ehlathini ,ikakhulukazi ezindaweni ezinezintaba. Kuthiwa ziningi izinhlobo zeziMfene, kukhona iMonkey esiyazi ngekeNkawu, kukhona iChimpanzee, kukhona iYellow Baboon, kukhona iGuinea Baboon, kukhona,kukhona iChacma Baboon, iOlive Baboon, kukhona iKinda Baboon kany... qhubeka ufunde »

Incazelo ngesihlahla iSigqiki somkhovu 

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.  Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Nanso-ke iSigqikisomkhovu nina beSilo. Lesi isihlahla esitshalwa esangweni lekhaya ,ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Sitshalwa yizo zonke izinhlanga, ngisho nabeLungu imbala. Sitshalelwa izizathu ezahlukahlukene. Abantu abansundu basitshalela ukuvimba nokuphebeza imimoya emibi, imikhovu nabathakathi imbala. Kuthiwa uMkhukhuli akangeni lapho kutshalwe khona lesi sihlahla. Kahle-hle kuthiwa akukho moya omubi ongenayo lapho kutshalwe khona iSigqikisomkhovu. Umuntu ofisa noma ofuna ukutshala iSigqikisomkhovu kudingeka abe nencwadi emgunyazayo ukuba asitshale, uma esitshala ngaphandle kwencwadi uyakubhekana nengalo yomthetho. Le ncwadi eyimvume yokusitshala itholakala kubona abomthetho. Kuthiwa lesi sihlahla sesiSgqikisomkhovu sinobulili, kukhona esomfazi nesendoda. Esomfazi sibonakala ngokuthela izithelo esizithela phakathi nendawo, ngasemvinini , hhayi emacembeni. Kanti futhi kuthiwa kudingeka  uzitshale zombili, esomfazi nesendoda. Ngakho-ke kudingeka wazi ukwehlukanisa ubulili.  Ungaqala ngesomfazi, bese ulandela ngesendoda.Bathi siyakhungwa lesi sihlahla. Umuntu akaveli asitshale nje. Sinemibandela nemikhuba. Kuthiwa sitshalwa ngemali ekhanyayo, lokho kusuke kwenzelwa ukuthi sisebenze kahle.  Kuthiwa uma sisesincane  asichelelwa inoma ubani. Kepha

Incazelo ngomuthi uMavumbuka/iHlule 

Nina beMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni ,yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa umdlebe kwaSoshangane! Ehla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso-ke isithombe somuthi uMavumbuka! Wumuthi wesisu lona! Isisu esilumayo, isisu esijuqayo ,isisu esisontayo nesikhipha igazi. Kuye kususwe amaqhuqhuva kule sigaxa, bese siyaphekwa siba yisiphungo eselapha noma yinhloboni yesisu. Lo muthi ubuye ube muhle nasemankonyaneni uma ehuda . Nakhona kusebenza sona lesi sigaxa. Siyaphekwa, sibe yisiphungo eselapha isisu emankonyaneni. Lo muthi ubuye ube muhle nakwabasefazane abahlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Kuye kuphekwe sona isigaxa lesi, siqhathwe nezimpande zoGobho. Bese uyaphuza -ke owesifazane ohlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Lo muthi ize ubonakala nasebusika kodwa wanda kakhulu ehlobo, uma lina. Uvele uqhume nje uvumbuke ,uthi cithi saka yonke indawo. Kubuye kuthiwe yiHlule,ngoba umise okweHlule , igazi. #Khumu!! Thola izincazelo ngamakhambi ezithe thuthu kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺  

Umlando ngenkosi uMatomela Zuma 

Nina bakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma. Enhla nasezansi ngiyababingelela  abeSilo. Ake ngisike elijikayo ngenkosi uMatomela yabakwaZuma.  Babebabili oMatomela endulo,kwakukhona owakwaZuma, kanye nowakwaNgubane . UMatomela wakwaNgubane wayezalwa uNdlovu ka Nyonebomvu ka Mbovu . UMatomela Ngubane wayewumfowabo ka Nzombane. UMatomela Zuma wayezalwa uShisa kaMgebhe. Wayebusa abantu bakwaZuma ngesikhathi sokubusa kweLembe,iSilo uShaka. Waziphephisa ekuhlaselweni yi-Lembe ngokunikela ngamadodana akhe ,ukuba ayoba yingxenye yempi yeLembe. Ngalokho iLembe alizange limhlasele, ngenkathi lihlanganisa izizwe ,ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu. Inkosi uMatomela yazala amadodana yawo esingabala kuwo inkosana uMsholozi, uLugaju ,uSiguqa kanye nabanye. Ngaso isikhathi sokubusa kweLembe le nkosi yaManxamalala yake yabambana ngezihluthu nenkosi uZihlandlo kaGcwabe yaseMbo. Kulempi yawudla umhlanganiso impi yaseMbo. Inkosi uMatomela yagcina ikhotheme, ngokudunguzela. Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi kwayo kwabusa inkosana yayo uMsholozi, eyabusa ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane kwaZulu. Inkosi uMsholozi yazithola isihlaselwa yimpi yeSilo uDingane ,iSilo uDingane sasesiqale umkhankaso waso wokubulala bonke abantu ababe bengabahlobo beLembe.

Incazelo ngomuthi uMhlambamanzi 

Nina abeNkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesixhumu senyamanzane! Nina beNhlehlanyovane ka Ndaba ehlehle futhi ngoBulawayo yazithatha zonke izihlangu zoMbelebele! Yazithatha zonke izihlangu zoDlambedlu! Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi kwaZulu! Enhla nasezansi ngiyababingelela, ngethemba bonke abeSilo basaphila. Sisaphila thina eNdinaneni. Nanso-ke isithombe somuthi uMhlambamanzi. Wumuthi wokugeza idlozi lo! Umuntu osuke ephalaze ngawo ucacelwa yidlozi. Akawalibali amaphupho akhe. Ubuye ungene nasemithini yokugeza umuntu onamabhadi. Kanti futhi ubuye ungene nasemithini emhlophe yehlanhla ,yokuphalaza.Uqhathwa neminye imithi emhlophe efana noQhume, uMadlozana, uVuma omhlophe kanye neminye. Lo muthi okhonzwe kakhulu yiZangoma noThwasa . Igama lawo kuthiwa ‘wuMhlambamanzi” . Ungeminye yemithi okungafanele isale lapho kuthakwa imithi yenhlanhla, yokuphalaza. #Khumu! Ngena kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺 ufunde kabanzi ngamakhambi .

UVumakubangoma 

    UVumakubangoma UVumakubangoma wumuthi wokuphalaza okhonzwe kakhulu ngabaNgoma . Umuthi oguqulayo lona, iphunga nje lilodwa lingamenza umuntu aphalaze uma inhliziyo yakhe ilula. Lona wumuthi wenhlanhla obuye wenze umuntu athandeke abe nogazi kubantu . Kanti futhi uyalidonsa nedlozi ulisondeze eduze uma beseliqhelile kumuntu. Kuyileso sizathu-ke lo muthi uthandwa ngabaNgoma . AbaNgoma babuye bawuthandele nanokuthi wakha ugazi kumuntu, phela uma umuntu ezongenwa wumoya wedlozi esikhathini esiningi uye aphelelwe wukuthandeka , abantu baqale bamexwaye, ngisho nabakwabo imbala. AbaNgoma -ke bakholelwa wukuthi uma bephalaze ngawo kuyobuya konke ukuthandeka obekade sekulahlekile. Kuyileso sizathu-ke lomuthi ubizwa ngoVumakubangoma . Zimbili izinhlobo zikaVuma, kukhona obomvu no mhlophe . Obomvu yiwona omandla kakhulu , futhi yiwona odonsa kakhulu idlozi. OThwasa nabo bawukhonze kakhulu, abawushiyi eGobongweni le nhlanhla. Uwumuthi wenhlanhla,uwumuthi wogazi, nensizwa ezeshelayo nazo ziwukhonze kabi ,ziwuxuba noBhubhubhu ,uMaguqu, iNtolwane kanye nemimye imithi yenhlanhla. UVuma omhlophe ubuye waziwe ngokuthi uyiSikhwali. Ngaphandle kokuphalazisa uVuma omhlophe  ubuye welaphe isifo sehliziyo. Uyaye

Amakhambi akwaNtu 

Amakhambi akwaNtu :- Amakhambi imithi esiza kakhulu ekwelapheni imbo nasekukhipheni inyongo .Le mithi akudingeki ukuthi nize nitshelwe inyanga ,noma ubani osekhulile ekhaya kufanele azi ukuthi uyokwenzenjani lapho ephethwe umkhuhlane ,noma equtshukelwe inyongo .Inkinga ekhona ukuthi iningi lethu asisawasebenzisi lawa makhambi akwaNtu ngoba umuntu usuke esaba ukuthi abantu bazothi uyathakatha . Ake siwabale amakhambi awusizo :- ISIPHONDO Isiphondo umuthi okuchatha abantwana oxutshwa nobisi .Ungumuthi omkhulu wenyoni .Izingxabo zesiphondo ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokuphalaza kususwe isidina . UKALIMUZI :- Ukalimuzi ikhambi elimila emaxhaphozini ,izimpande ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokwelapha umkhuhlane .Ukalimuzi umuthi wokuchatha izingane ezinomkhuhlane .Nabadala bangawuhlafuna lapho behlaselwe ugonqogonqo INKUPHULANE :- Lo muthi awuyishiyi inyongo .Kugxotshwa amakhazi awo kuhlanzwe ngawo kukhishwe inyongo .Noma bethi unesizinda senyongo inkuphulane iyasibhidliza ,kugxotshwa amakhasi ayo axovwe ngamanzi afudubele bese ilingela ukuphalaza ikhiphe izindenda nenyongo esigcwele esibindini ,wenza umzimba ube lula . ISIHLAKOTHI :- Amaqabunga esihlakothi agxotshwa athelwe amanzi afudumele kuchathwe ngawo izingane nxa zihlushwa izinhlungu zokonakala kwesisu.

Umlando ngeNkosi uSigananda Shezi 

Awu sukanini madoda nanso-ke iNkosi yaMachube akwaShezi iNkosi u-Sigananda kaZwekufa . Kulesi sithombe inkosi yaMachube yabe isineminyaka elinganiselwa ekhulwini(yebo 100) . Leli qhawe layibamba kwathula umoya emahlathini aseNkandla empini kaKhandapondo ebuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha . Futhi leyompi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaMakhanda . Kuleyo mpi uZulu wavukela amaNgisi umbhejazane ngemuva kwesimemezelo sikaNgqongqoshe wezezimali wamaNgisi(Minister of finance) u-Charles Smythe esasithi uZulu kwakudingeka akhokhe futhi enye futhi intela ngaphezu kwezimbili ezabe vele sezikhona . Zanqikilana emahlathini aseNkandla emhosheni waseMome (Mome Gorge) kwathula umoya . Yaqhubeka yagcina isisabalele kulo lonke elakwaZulu. Kukuleyo leyo mpi lapho kwasala khona uSibindi gidi wakwaNgobese iNgobamakhosi u-Mehlokazulu kaSihayo . Kulesi sithombe inkosi u-Sigananda yayisanda kubanjwa ngamaNgisi eseyolilengisa kodwa yavuka isizikhothamele ngobusuku obabandulela usuku eyayizolengiswa ngalo. Yayizinikele yona uqobo kumaNgisi ngemuva kokuba amaNgisi esebophe indodana yayo. Le nsizwa endala yayibone lukhulu kwaZulu ngoba yayizalwe ngeminyaka yama 1820s nokuyiminyaka lapho iSilo uShaka sasimatasa sihlanganisa izizwe ukuba zibe uZulu . 

UMkhanyakude 

  UMkhanyakude isihlahla esikhula sibe amamitha ayishumi kuya kwayishumi nahlanu . Siwumuthi wogazi . Umuntu uma ephalaze ngaso uyathandeka . Kuphalazwa ngexolo nangezingxabu zawo . UMkhanyakude uyazimilela nje endle kodwa uma umuntu efuna ukuwutshala ekhaya uyakwazi  ukuwutshala ngoba uyatshaleka . Uyefana nje noLozilina ngoba nawo uyatshaleka . UMkhanyakude ungena nxazombili emithini ebomvu kanye nemhlophe. Uma umuntu ezophalaza uyaye aqale ngemithi ebomvu efana noVumakubangoma obomvu , iNgwavuma , iNtolwane,uMaphipha neminye. Bese mhlawumbe ngemuva kwesonto elilodwa alandele ngemithi emhlophe efana noVumakubangoma omhlophe , uMadlozaza ,iNhlanhlemhlophe, uMqhume neminye. UMkhwanyakude-ke ungeminye yemithi engena kuzo zombili izinduku , ezibomvu kanye nezimhlophe.  Awufakwa kakhulu kodwa uMkhanyakude kuthiwa chatha nje kancane . Wawufaka kakhulu uyokubangela amashwa ,uzondwe abantu ngaphandle kwesizathu .     Ngaphandle kokuphalazisa uMkhanyakude ubuye ungene embizeni yokuchatha, emithini yokugquma kanye nakweyokugeza. Abanye bayawuhlafuna nje uma bezoyofuna amatoho kuthi lokho abakuhlafunile bakuphimise bebheke endaweni abazoyofuna kuyona umsebenzi. Basuke benenkolelo yokuthi umlungu uyobabona beqhamuka kude ,

UMphafa /UMlahlankosi 

                    UMphafa yisihlahla esibaluleke kakhulu kubantu abansundu . Isizathu esenza sibaluleke wukuthi loluhlobo lwesihlahla kulandwa ngalo umuntu ongasekho. UMphafa ubuye waziwe ngeloMlahlankosi . UMphafa ungezinye zezihlahla ezinobulili , kukhona uMphafa/uMlahlasankosi wesilisa kanye nowesifazane . Owesifazana uthela izithelo kanti futhi ukhula uthi thuthu kowesilisa .Owesilisa awukhuli kakhulu futhi awuzitheli izithelo . Yomibili iMiphafa inameva ahlaba kabuhlungu.  Uma kulandwa umuntu ongasekho kuyaye kugawulwe/kukhiwe  ihlamvu noma igatshana loMphafa kuyiwe nalo lapho kushonele khona lowo muntu kufikwe kukhulunywe nomphefumulo walowo useshonile , ubikelwe ukuthi usuzolandwa . Phela kushona umuntu kepha umphefumulo kawushoni .  Umuntu ongasekho ulandwa ngabesilisa ngoba kukholelwa ekutheni abesilisa yibona abasondelene kakhulu nedlozi . Uma sekuhanjwa sekuphikelelwe ekhaya kuyaxoxwa nomuntu ongasekho, abikelwe uma sebedlula endaweni ayeyikhonzile , noma lapho kuhlala khona umngane wakhe othile, noma lapho kuhlala khona isihlobo, kungaba uMalume , uBabekazi , uMama omncane njalo njalo . Empeleni endulo uMphafa wawusebenza

 

error: Akuvumelekile lokho !!