Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngesilwane iMfene️

Incazelo ngesilwane iMfene Nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe.INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.UMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba ukuthi basaphila kumagumbi amane omhlaba. IMfene IMfene yisilwane esitholakala ehlathini ikakhulukazi ezindaweni ezinezintaba. Kuthiwa ziningi izinhlobo zeziMfene,kukhona iMonkey esiyazi ngekeNkawu, kukhona iChimpanzee, kukhona iYellow Baboon,kukhona iGuinea Baboon, kukhona,kukhona iChacma Baboon,iOlive Baboon, kukhona iKinda Baboon kanye nezinye izinhlobo ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngesihlahla iSigqiki somkhovu 

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.  Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Nanso-ke iSigqiki soMkhovu nina beSilo. Lesi isihlahla esitshalwa esangweni lekhaya ,ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Sitshalwa yizo zonke izinhlanga, ngisho nabeLungu imbala. Sitshalelwa izizathu ezahlukahlukene. Abantu abansundu basitshalela ukuvimba nokuphebeza imimoya emibi, imikhovu nabathakathi imbala. Kuthiwa uMkhukhuli akangeni lapho kutshalwe khona lesi sihlahla. Kahle-hle kuthiwa akukho moya omubi ongenayo lapho kutshalwe khona iSigqiki soMkhovu. Umuntu ofisa noma ofuna ukutshala iSigqiki soMkhovu kudingeka abe nencwadi emgunyazayo ukuba asitshale, uma esitshala ngaphandle kwencwadi uyakubhekana nengalo yomthetho. Le ncwadi eyimvume yokusitshala itholakala kubona abomthetho. Kuthiwa lesi sihlahla sesiSgqiki soMkhovu sinobulili, kukhona esomfazi nesendoda. Esomfazi sibonakala ngokuthela izithelo esizithela phakathi nendawo, ngaseSiqwini , hhayi emacembeni. Kanti futhi kuthiwa kudingeka  uzitshale zombili, esomfazi nesendoda. Ngakho-ke kudingeka wazi ukwehlukanisa ubulili.  Ungaqala ngesomfazi, bese ulandela ngesendoda.Bathi siyakhungwa lesi sihlahla. Umuntu akaveli asitshale nje. Sinemibandela nemikhuba. Kuthiwa sitshalwa ngemali ekhanyayo, lokho kusuke kwenzelwa ukuthi sisebenze kahle.  Kuthiwa uma sisesincane 

Incazelo ngomuthi uMavumbuka/iHlule 

Nina beMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni ,yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa umdlebe kwaSoshangane! Ehla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso-ke isithombe somuthi uMavumbuka! Wumuthi wesisu lona! Isisu esilumayo, isisu esijuqayo ,isisu esisontayo nesikhipha igazi. Kuye kususwe amaqhuqhuva kule sigaxa, bese siyaphekwa siba yisiphungo eselapha noma yinhloboni yesisu. Lo muthi ubuye ube muhle nasemankonyaneni uma ehuda . Nakhona kusebenza sona lesi sigaxa. Siyaphekwa, sibe yisiphungo eselapha isisu emankonyaneni. Lo muthi ubuye ube muhle nakwabasefazane abahlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Kuye kuphekwe sona isigaxa lesi, siqhathwe nezimpande zoGobho. Bese uyaphuza -ke owesifazane ohlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Lo muthi ize ubonakala nasebusika kodwa wanda kakhulu ehlobo, uma lina. Uvele uqhume nje uvumbuke ,uthi cithi saka yonke indawo. Kubuye kuthiwe yiHlule,ngoba umise okweHlule , igazi. #Khumu!! Thola izincazelo ngamakhambi ezithe thuthu kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺  

Umlando ngenkosi uMatomela Zuma 

Nina bakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma. Enhla nasezansi ngiyababingelela  abeSilo. Ake ngisike elijikayo ngenkosi uMatomela yabakwaZuma.  Babebabili oMatomela endulo,kwakukhona owakwaZuma, kanye nowakwaNgubane . UMatomela wakwaNgubane wayezalwa uNdlovu ka Nyonebomvu ka Mbovu . UMatomela Ngubane wayewumfowabo ka Nzombane. UMatomela Zuma wayezalwa uShisa kaMgebhe. Wayebusa abantu bakwaZuma ngesikhathi sokubusa kweLembe,iSilo uShaka. Waziphephisa ekuhlaselweni yi-Lembe ngokunikela ngamadodana akhe ,ukuba ayoba yingxenye yempi yeLembe. Ngalokho iLembe alizange limhlasele, ngenkathi lihlanganisa izizwe ,ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu. Inkosi uMatomela yazala amadodana yawo esingabala kuwo inkosana uMsholozi, uLugaju ,uSiguqa kanye nabanye. Ngaso isikhathi sokubusa kweLembe le nkosi yaManxamalala yake yabambana ngezihluthu nenkosi uZihlandlo kaGcwabe yaseMbo. Kulempi yawudla umhlanganiso impi yaseMbo. Inkosi uMatomela yagcina ikhotheme, ngokudunguzela. Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi kwayo kwabusa inkosana yayo uMsholozi, eyabusa ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane kwaZulu. Inkosi uMsholozi yazithola isihlaselwa yimpi yeSilo uDingane ,iSilo uDingane sasesiqale umkhankaso waso wokubulala bonke abantu ababe bengabahlobo beLembe.

Amakhambi akwaNtu 

Amakhambi akwaNtu :- Amakhambi imithi esiza kakhulu ekwelapheni imbo nasekukhipheni inyongo .Le mithi akudingeki ukuthi nize nitshelwe inyanga ,noma ubani osekhulile ekhaya kufanele azi ukuthi uyokwenzenjani lapho ephethwe umkhuhlane ,noma equtshukelwe inyongo .Inkinga ekhona ukuthi iningi lethu asisawasebenzisi lawa makhambi akwaNtu ngoba umuntu usuke esaba ukuthi abantu bazothi uyathakatha . Ake siwabale amakhambi awusizo :- ISIPHONDO Isiphondo umuthi okuchatha abantwana oxutshwa nobisi .Ungumuthi omkhulu wenyoni .Izingxabo zesiphondo ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokuphalaza kususwe isidina . UKALIMUZI :- Ukalimuzi ikhambi elimila emaxhaphozini ,izimpande ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokwelapha umkhuhlane .Ukalimuzi umuthi wokuchatha izingane ezinomkhuhlane .Nabadala bangawuhlafuna lapho behlaselwe ugonqogonqo INKUPHULANE :- Lo muthi awuyishiyi inyongo .Kugxotshwa amakhazi awo kuhlanzwe ngawo kukhishwe inyongo .Noma bethi unesizinda senyongo inkuphulane iyasibhidliza ,kugxotshwa amakhasi ayo axovwe ngamanzi afudubele bese ilingela ukuphalaza ikhiphe izindenda nenyongo esigcwele esibindini ,wenza umzimba ube lula . ISIHLAKOTHI :- Amaqabunga esihlakothi agxotshwa athelwe amanzi afudumele kuchathwe ngawo izingane nxa zihlushwa izinhlungu zokonakala kwesisu.

Umlando ngeNkosi uSigananda Shezi 

Awu sukanini madoda nanso-ke iNkosi yaMachube akwaShezi iNkosi u-Sigananda kaZwekufa . Kulesi sithombe inkosi yaMachube yabe isineminyaka elinganiselwa ekhulwini(yebo 100) . Leli qhawe layibamba kwathula umoya emahlathini aseNkandla empini kaKhandapondo ebuye yaziwe ngokuthi yimpi kaBhambatha . Futhi leyompi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaMakhanda . Kuleyo mpi uZulu wavukela amaNgisi umbhejazane ngemuva kwesimemezelo sikaNgqongqoshe wezezimali wamaNgisi(Minister of finance) u-Charles Smythe esasithi uZulu kwakudingeka akhokhe futhi enye futhi intela ngaphezu kwezimbili ezabe vele sezikhona . Zanqikilana emahlathini aseNkandla emhosheni waseMome (Mome Gorge) kwathula umoya . Yaqhubeka yagcina isisabalele kulo lonke elakwaZulu. Kukuleyo leyo mpi lapho kwasala khona uSibindi gidi wakwaNgobese iNgobamakhosi u-Mehlokazulu kaSihayo . Kulesi sithombe inkosi u-Sigananda yayisanda kubanjwa ngamaNgisi eseyolilengisa kodwa yavuka isizikhothamele ngobusuku obabandulela usuku eyayizolengiswa ngalo. Yayizinikele yona uqobo kumaNgisi ngemuva kokuba amaNgisi esebophe indodana yayo. Le nsizwa endala yayibone lukhulu kwaZulu ngoba yayizalwe ngeminyaka yama 1820s nokuyiminyaka lapho iSilo uShaka sasimatasa sihlanganisa izizwe ukuba zibe uZulu . 

Umlando ngeSilo uCetshwayo 

Umlando ngeSilo uCetshwayo kaMpande: ISilo uCetshwayo sabusa ngesikhathi esinzima kwaZulu ngoba sabusa ngesikhathi abeLungu sebefike baze banethezeka , sebeqala nokushaya imithetho ezweni likaMthaniya ngoba eqinisweni ngaleso sikhathi basebeqalile vele ukulidla elakwaZulu . Empeleni abeLungu bafika kudala ngesikhathi iLembe lihlanganiswa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu.  Kuzokhumbuleka ukuthi uHenry Fynn nebandlana lakhe bafika kwaZulu kusabusa lona iLembe , yilona elabasikela indawo yokwakha lapho sekuseThekwini khona namuhla.  Labo beLungu babengamaNgisi .Kwahamba kwahamba lelo dlanzana lamaNgisi lajikeka uZulu ,laba isitha esikhulu. Kuyakhumbuleka ukuthi uHenry Fynn wesibili nguyena owayexhasa uMntwana uZibhebhu ezinduku zamagwala ukuba ahlasela uMbuso kaZulu ngaphansi kweSilo uCetshwayo nangesikhathi seSilo uDinuzulu.  UFynn wesibili wayezalwa nguFynn okuqala yena kanye owayekhonze ngaphansi kweLembe , owasikelwa indawo lapho sekuseThekwini khona. Sesibuyela eNgonyameni uCetshwayo kaMpande: INgonyama uCetshwayo yayizalwa yiNgonyama uMpande kuNdlunkulu uNgqumbazi Zungu(okaMondi) .UMntwana uCetshwayo nguyena owayemdala kuBantwana beSilo uMpande . Esiswini sikaNina uNgqumbazi wayezalwa noMntwana uMbixambixa noMntwana uNdabuko. UMntwana uNdabuko wahlupheka kakhulu neNgonyama uDinuzulu ewa

Umlando ngeNkosi uHlubi Molefe 

Inkosi uHlubi Molefe yayibusa abaTlokwa bakwaMolefe ababezinze endaweni yaseNtabazwe(Harrismith) ngesikhathi saminyaka yama 1800. Yayikade iqale ukubusa ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela kaMokotjo ihlulwa yiNkosi uMushweshwe . Kwathi lapho isihluliwe iNkosi uSekonyela yabaleka yaphikelela eKoloni nokuyilapho yagcina ikhothamele khona.  Ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela abaTlokwa bazithola sebeyisizwe esingenayo iNkosi . Ngakho-ke izikhulu zakwaMolefe zagcina ziqoke uHlubi kaMotha owayezalwa eKhohlo lakwaMolefe. Uyise weNkosi uHlubi wayezalwa eKhohlo , engumfowabo weNkosi uSekunyela . Igama likhe kwakunguMotha ka Mokotjo . Wabusa-ke uHlubi ebusela endaweni yaseSefate khona eNtabazwe nokuyilapho kwakwakhe khona umuzi weNkosi uSekonyela waseJwalabhoholo .  Kwakuyiminyaka yama 1870s ngaleso sikhathi nokuyisikhathi lapho amaNgisi ayemise kabi iSilo uCetshwayo . AmaNgisi agcina agcina esesikele iNkosi uHlubi indawo eSinquthu ngenhloso nje yokudala izinxushunxushu , kuphazamiseke uMbuso weSilo uCetshwayo . Ngakho-ke iNkosi uHlubi yagcina engenye yamakhosi ahlonyiswa ngezibhamu ahlasela uZulu. Ngamanye amazwi lawo makhosi ayeyizimaku zamaNgisi . Kulawo makhosi singabala inkosi uYamela kaPhangandawo Shange,uMntwana uHhamu kaMpande(kaNzibe) , uMntwana uZibhebhu namanye .

Umlando ngoMntwana uNdabuko kaMpande 

  UMntwana uNdabuko kaMpande ungomunye waBantwana baseNdlunkulu yakwaZulu abawulwela kakhulu uMbuso kaZulu ikakhulukazi ngesikhathi seNgonyama uDinuzulu. Wazama impela uMntwana uNdabuko ukuwuvikela uMbuso kaZulu .  UMntwana uNdabuko walwa ngokuzikhandla empini yakwaNdunu neyakwaCeza phakathi kwenyanga kaNhlangulana ngowe 1888. KwaNdunu igquma eliseduze nakwaNongoma . Impi yakwaNdunu yayiphakathi kukaZulu ngaphansi kweSilo uDinuzulu kanye noMntwana uZibhebhu wayesetshenziswa ngamaNgisi ukudala izinxushunxushu kwaZulu. Kuleyo mpi uZulu wadla umhlanganiso nokwathi ngemuva kwaleyompi amaNgisi abopha iSilo uDinuzulu noyise baso aBantwana oNdabuko noShingana abathwesa amacala okuvukela umbuso wawo . AmaNgisi abathumela eSiqhingini iSt Helena , iSilo sagwetshwa iminyaka eyishumi, uMntwana uShingana wagwetshwa iminyaka eyishumi nambili , uMntwana uNdabuko yena wagetshwa iminyaka eyishumi nanhlanu. UMntwana uNdabulo wayebuthelwe eButhweni u’Mbonambi onduku zibomvu igazi “, okuyiButho okwakukhona kulo noMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe. Wayebuthwe yiSilo uMpande. Ngesikhathi iNgonyama uDinuzulu noYise bayo bedingiselwe eSt Helena uNina weSilo uDinuzulu iNdlovukazi uNomvimbi Mzimela yiyona eyasala ibheke isizwe sakwaZulu , isizana noNdunankulu uMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe. UMntwana uNdabuko wayelamana neSilo

Umlando ngoMntwana uZibhebhu Zulu 

UMntwana uZibhebhu kaMaphitha kaSoyisa kaJama Zulu unina kwakunguKhundlase kaSothondose Nxumalo . Wayebuthelwe ebuthweni loMxhapho . Imizi yakhe kwakuseBhanganomo ,eNkalakuthaba neminye. Imizi kayise uMaphitha kwakuseNkungwini, eKuvukeni, eKuxedeni, oPhanyekweni,kwaMandlakazi nemiye. Yena-ke uMntwana uZibhebhu kwabo kwakuseNkungwini. Wayeganwe ngamakhosikazi angale kwama 80,nesingabala kuwo okaMasiphula, okaMathanda ,abakaMatshana (babebathathu ), okaNdengezi , okaMdlume nabanye . Ngesikathi sempi yaseSandlwane uMagasa (uMntwana uZibhebhu) walwa ngasohlangothini lukaZulu ,futhi walwa ngobuqhawe obukhulu. Kukhona lapho adubula abulala idlanzana lamaNgisi ayelifice ligeza esizibeni eMfolozi eMhlophe. Ngesikhathi sempi yaseNdondakusuka uMandlakazi walwa ngasohlangothini lukaJininindi (uMntwana uCetshwayo) . UMandlakazi wawuholwa nguMntwana uHhayiyana kaMaphitha umnawakhe kaMagasa owayezalwa ekhohlo . Kwathi ngemuva kokwehlulwa kukaZulu ngamaNgisi ,eseshise nesigodlo sasoNdini ngowe 1879 ,ngenyanga kaNtulikazi mhla zingama 4, kwathathwa isinqumo sokuthi iSilo uCetshwayo siyobhaciswa ehlathini laseNgome. Ngaphambi kokuba ahambe uJininindi wathatha wonke umdlunkulu kanye nezingane zakhe ezazimbandakanya iWundlu uMntwana uDinuzulu wazisa eBhanganomo kuMntwana uZibhebhu ukuba asale nazo kanye nabo bonke omndlunkulu ngenkathi sona iSilo sisekubhaceni.  UMntwana uZibhebhu wanikwa izinkomo enikwa

error: Akuvumelekile lokho !!