Amakhambi akwaNtu

Amakhambi akwaNtu :-
Amakhambi imithi esiza kakhulu ekwelapheni imbo nasekukhipheni inyongo .Le mithi akudingeki ukuthi nize nitshelwe inyanga ,noma ubani osekhulile ekhaya kufanele azi ukuthi uyokwenzenjani lapho ephethwe umkhuhlane ,noma equtshukelwe inyongo .Inkinga ekhona ukuthi iningi lethu asisawasebenzisi lawa makhambi akwaNtu ngoba umuntu usuke esaba ukuthi abantu bazothi uyathakatha .
Ake siwabale amakhambi awusizo :-
ISIPHONDO
Isiphondo umuthi okuchatha abantwana oxutshwa nobisi .Ungumuthi omkhulu wenyoni .Izingxabo zesiphondo ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokuphalaza kususwe isidina .
UKALIMUZI :-
Ukalimuzi ikhambi elimila emaxhaphozini ,izimpande ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokwelapha umkhuhlane .Ukalimuzi umuthi wokuchatha izingane ezinomkhuhlane .Nabadala bangawuhlafuna lapho behlaselwe ugonqogonqo
INKUPHULANE :-
Lo muthi awuyishiyi inyongo .Kugxotshwa amakhazi awo kuhlanzwe ngawo kukhishwe inyongo .Noma bethi unesizinda senyongo inkuphulane iyasibhidliza ,kugxotshwa amakhasi ayo axovwe ngamanzi afudubele bese ilingela ukuphalaza ikhiphe izindenda nenyongo esigcwele esibindini ,wenza umzimba ube lula .
ISIHLAKOTHI :-
Amaqabunga esihlakothi agxotshwa athelwe amanzi afudumele kuchathwe ngawo izingane nxa zihlushwa izinhlungu zokonakala kwesisu.
UMADOLWANE :-
Uvame ukutholakala emihosheni .Ucishe ufane nentelezi umalungana .Lo muthi owokuchatha abantwana uma bephethwe umkhuhlane . Umadolwane uyachatha umuntu ophethwe imfiva noma isinye .
INTOLWANE :-
Lo muthi unezimpande ezinsundu ngokubomvu ezenza umuthi wokuguqula umbala ube bomvu ,umuthi wokukhipha inyongo .Ukhipha kakhulu inyongo ukhucule nezindenda .Intolwane yelapha isihudo , isifuba nesisu ,iyageqa futhi .Iwusizo olukhulu kwamasimame ngoba iyakwazi ukunciphisa ngasese umgodi ube mncane , futhi yabasiza abesimame uma behlushwa ukuba manzi esithweni sabo sangasese . Ixutshwa nentume enkulu ,igxotshwe ize ibe impumpu , uma isiyileso simo-ke isuke isikulungele ukufakwa esithweni sowesimame ,ukuze sinciphe .Lo muthi ubuye uthakwe nezimpande zikabhoqo nezikavimbukhalo kwenziwe isichonco kuphuziswe imfuyo ukuze iqine ibenhle futhi .
UMQALOTHI:-
Umuthi omkhulu wesisu lona Noma siqunjelwe kangakanani uma uke waququda ixolo lawo siyodamba nakanjani uma kungesona esamaloyo . Kubiliswa izingxabo kuphuziswe ophethwe isisu .Ixolo liyaququdwa ukwelapha isisu . Ubuye usize ukukhipha izikelemu ,nokusiza abaphethwe isilumo .
INYATHELO
Amaqabunga neziqu zalesi simila zenziwa isiphunga somkhuhlane oza nenyongo eningi .siyiqoqa yonke naleyo esichitheke umzimba wonke . Sibuye sinqande usi ,isisu esibuhlungu,umkhuhlane ozwelisa amakhaza ,ilumbo lezintwala nezinhlungu zeqolo nesinye .Izimbali zawo zenziwa umuthi wombandama ,isikhumba esikhekhebukayo ,ukuqubuka nokuluma komzimba .
UBHUBHUBHU:-
Lobu bulawu bunamandla kakhulu .Buyinala emahlanzeni ,Bukhula phakathi kwemithi bube intandela . Ngisho izangoma zibethembe kakhulu , aziphezi ukuphalaza ngabo .Umuthi wokuphalaza wenziwa ngezingxabo zobhubhubhu zixushwe nezinye izimila kwelashwe umuntu ophethwe ihabiya .Kubuye kwenziwe ngawo futhi ubulawu .
UQHUME:-
Kusengobunye futhi ubulawu obethenjwe izangoma lobu . Buhle kakhulu ngisho kwabadala benza umzimba ube lula uklase .
UVUMAKUBANGOMA\UVUMA:–
Lobu ubulawu obumhlophe obukhonzwe kakhulu zinsizwa ezeshelayo .Zisuke zinethemba lokuthi intombi izozivuma njengegama lobulawu . Uvuma uba isihlahla kusetshenziswa amaxolo aso noma izimpande . Uvuma wenza ubulawu bezinsiwa kusetshenziswa izimpande ubuye usize nasemaphusheni amabi.
ISIKHWILI :-
Isikhwili lesi uvuma obomvu .Kwenziwa ngaso ubulawu obusetshenziswa abadala kanye nabancane .
IMBOZISA:-
Uma kunezimbangi ezikhafula insizwa ziyihlanzela ,kufuneka iphalaze ngembozisa nakanjani ubulawu balezo zinsizwa buyobola nakanjani . Kufana noma umuntu enedliso ,uma ehlanze ngembolisa ilibolisa liphume seliyizibhucu .Iwubulawu kanti futhi ibuye ibe isitshenziswe ibe intelezi .
UNUKANI :-
Uhlobo lwesihlahla esinephunga elibi ..Abanye basibiza ngePhunga . Sikhula sibe sifushane sivama ukumila ngasesibayeni .Uma insizwa iphupha amaphupho amabi akhombisa ukuthi izimbangi ziyayikhafula zihyiphinse ,kuhle inhlanze ngonukani . Umthi omnyama lona muhle kakhulu ekuchitheni isichitho .Ixolo lakhona liyasetshenziswa ukuqunda izimbangi .Kukholelwa ekutheni njengoba ixolo lakhona linuka nje lenza izimbangi zinuke .
UMTHOLO:-
Ubulawu obuhle lobu .Umtholo umuthi omkhulu nje,omila emahlanzeni Okusetshenziswa amaxolo awo okwenza ubulawu . Izinsiwa eziphalaza ngawo ziba negugu lokuthi ziyothola izintombi . Lo muthi udonsa umphezulu , uyathandwa umbane . Uma uthe wamila eduze nemizi kufuneka ugawulwe kukhishwe nezimpande zawo ngoba phela uzobiza umphezulu .Ingakho phela iSilo saOndini inkosi uCetshwayo kaMpande sibongwa ngokuthi ”Izulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ”..Umunga nawo umuthi othandwa umphezulu .
UMATHUNGA
Imbiza enamandla yokugeqa Isiza kakhulu kulabo abasuke bephethwe amaqolo .Umathunga ikhambi eliyigaxa esimbiwa phansi ,kwenziwa ngalo umuthi nesichonco sesifuba nembiza ehambisayo ,liyasiza kwabaphethwe iqolo .
UMATHUKULULA :-
Umathukulula imbiza yokugeqa .Idonsa kakhulu akufuneki ithathwe mawala .
UMTHOMBO:-
Imbiza enkulu yomzimba omubi lena .Uma uchatha ngayo umzimba uyagezeka kuphele nezilonda .
Ngiyema lapha bakwethu .Nina baka”Ndaba ngiyameba ngimuka naye .Ngimbuke kuze kwehle izinyembezi ,kube sengathi ngibuka isihlahla somdlebe”’..ILembe lelo ,umsunguli wesizwe samaZulu.

 

 

 

IDANGABANE:-
Idangabane liyasetshenziswa ukuthoba libuye lelaphe nesifo sehhayihhayi [se-high blood presure].Kunesisho esithi umafavuke njengedangabane .Kushiwo kumuntu ogula kakhulu emva kwesikhashana abe esesindile .Ne nkosi yabakwaMthethwa inkosi uDingiswayo ibongwa kanjalo ,lezo zibongo yazithola emva kokugwazwa kwayo kabuhlungu igwazwa ibutho likayise uJobe . Yakwazi ukululama lulokho kugwazwa kwayo ,-yalibusa izwe emva kokukhothama kukayise uJobe .
UBABE:-
Ubabe buyagxotshwa lumatiswe bese lugcotshwa umuntu uma ehuzukile .Kukhona ubabe olunezimbali ezimhlophe kanye nalolo oluneziluhlaza .
UMAVUMBUKA :-
Lesi simila sisetshenziswa siluhlaza ukwenza umuthi okwelapha isisu esihambisayo .
INHLUTHI YOTSHANI:-
Izigaxa zenhluthi yotshani ezonyisiwe ziyqothwa zixutshwe nezimila ezithile ukwenza intelezi yokugeza ikhaya uma kade kushoniwe
ISIGQIKI SEMFENE:
Senza intelezi yokuxosha omoya ababi ekhaya .Abantu abaningi bavama ukusitshala siphahle ikhaya ,Namamhlophe basikhonze kakhulu .
UMABOPHE
Izimpande zikaMabophe zenza intelezi okuchelwa ngayo uma kuduma izulu,kubuye kuphalaze amalunga omdeni ongenelwe umphezulu .Kulazwa ngawo uma kuyiwa ecaleni ,kubuye kuchelwe izinduku uma kuyiwa emdlaleweni
ILOYI :-
Linobongozi uma kwenzekile umuntu walidla uyahlanya .Lidume kakhulu ngobungozi .Kodwa akahlanyi unomphela , uba ngcono abuyele esimeni sakhe emva kwezinsuku. Yilokhu kuhlanya komuntu odle amacembe eloyi okwenza ukuba uMagolwana Jiyane imbongi yeSilo saseMgungundlovu athi
”UVezi ngimfumane bemzila ”
Ngafike ngamudla,
Kanti ngizifaka iloyi esiswini ‘
Kule migqanyana kuphawula ukuthi uDingane uyingozi njengeloyi ..
Iloyi livama ukutholakala ezindaweni ezinemiquba njengasesibayeni .AbaThwa babezingela ngalo , kuthiwa babelithela esizibeni lapho kuphuza khona izinyamaza,zizo
thi uma sezidakiwe-ke bazigwaze bazibulale ..
Izifo ezelashwa iLoyi .
Amaqunga alo ayagxotshwa anameke ithumba ukuze lisheshe livuthwe ukuze lizokhanywa , Kwamanye amazwe njengaseZimbabwe amaqunga ayabhenywa ukwelapha [i-Asma] isifo somoya . Kodwa bona abalibizi ngeLoyi , bathi u’Mligazigone’.Liwusizo kakhulu iloyi , nababhali bezincwadi oHutchins noManana bayavumelana bathi iLoyi ikhambi elelapha isifuba esicinananayo .Amacembe eloyi ayonyiswa aqothwe abhenywe njengegudu ukwelapha ukucinana kwesifuba .Lokho kufakazelwa umlando wenye yezinduna zenkosi u-Mzilikazi uNokwane wakwaZwane .Umlando usitshela ukuthi wayephethwe isifo somoya [iAsma] .Kuthiwa wayebhema lona iloyi kwaze kwagcina kuthiwa uMhlanebeleth’igudu. Amaqunga eloyi ahlanganiswa nezinye izimila ukwelapha ihabiyakwenziwe nombhemiso okwelapha ikhanda nesifuba . Amacembe abuye anxanxathwe abekwe phezu kwesilonda ,elaphe umzimba omubi kanye namathumba .
UGAGANE :-
Ugagane lodume ludume kakhulu ngameva alo abuhlungu ngokuhlanyisayo .Lunezimbali ezinhle ezixube umbala obomvu nophuzi ngokuphaphathekile .Lezi zimbali ebusika zikhipha imidumba enezinhlamvu.Luvame ukumila emahlanzeni ,
Izingxabo zogagane zixutshwa namaqabunga ukwenza imbiza yokwelapha izinyo elibuhlungu ,amehlo abuhlungu kanye nesisu.Izimpande zogagane zibuye zithakwe nomuthi wokuqinisa induku kumbe ubhoko lwesisu lungawi kalula .
Ngiyema lapho beNguni

 

#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

 

 

 

 

(Esithombeni uGebeleweni)

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo