Phungula

Phungula
Mdlovu
Mbang’mude
Mbandlwa
Kgakga okundletshana incane
Ingaba nkulu ifuze ekhaya konina
Nomasikisiki
Inyoni esindwa isisila sayo
Nyoni eyaqamba amanga
Yathi amabele avuthiwe kanti ibone imisingizane
Qhweza
Hashana ehlangeni
Nkomo edla yodwa
Uma idla nezinye ziyaphangalala
Phungula
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo