UVumakubangoma

 

 

UVumakubangoma


UVumakubangoma wumuthi wokuphalaza okhonzwe kakhulu ngabaNgoma . Umuthi oguqulayo lona, iphunga nje lilodwa lingamenza umuntu aphalaze uma inhliziyo yakhe ilula. Lona wumuthi wenhlanhla obuye wenze umuntu athandeke abe nogazi kubantu . Kanti futhi uyalidonsa nedlozi ulisondeze eduze uma beseliqhelile kumuntu. Kuyileso sizathu-ke lo muthi uthandwa ngabaNgoma . AbaNgoma babuye bawuthandele nanokuthi wakha ugazi kumuntu, phela uma umuntu ezongenwa wumoya wedlozi esikhathini esiningi uye aphelelwe wukuthandeka , abantu baqale bamexwaye, ngisho nabakwabo imbala. AbaNgoma -ke bakholelwa wukuthi uma bephalaze ngawo kuyobuya konke ukuthandeka obekade sekulahlekile. Kuyileso sizathu-ke lomuthi ubizwa ngoVumakubangoma . Zimbili izinhlobo zikaVuma, kukhona obomvu no mhlophe . Obomvu yiwona omandla kakhulu , futhi yiwona odonsa kakhulu idlozi. OThwasa nabo bawukhonze kakhulu, abawushiyi eGobongweni le nhlanhla. Uwumuthi wenhlanhla,uwumuthi wogazi, nensizwa ezeshelayo nazo ziwukhonze kabi ,ziwuxuba noBhubhubhu ,uMaguqu, iNtolwane kanye nemimye imithi yenhlanhla. UVuma omhlophe ubuye waziwe ngokuthi uyiSikhwali. Ngaphandle kokuphalazisa uVuma omhlophe  ubuye welaphe isifo sehliziyo. Uyaye uxutshwe nemimye imithi ube yisiphungo esiphuzelwa isifo sehliziyo. Kanti obomvu wona ubuye welaphe amanxeba   nezilonda ezibhibhayo. Uyaye ugaywe uma sewomile ,bese impushana yawo inanyekwa amanxebeni nasezilondeni ezibhibhayo. Uma umuntu ephalaze ngawo ,noma egeze ngawo , noma egqume ngawo unqamula wonke amaphupho amabi nokwethuka izanya. Umuthi wenhlanhla lona, owedlozi lona , owogazi , unqamula namaphupho amabi . AbaNgoma bawukhonze kabi ,ingakho ubizwa ngabo. ISilo saseMgungundlovu sibongwa ngawo lomuthi uma kuthiwa “uVemvane lukaPhunga noMageba , uVemvan’olumabal’azibhadu. Ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala, lunjengoPhunga waseBulawini ,lunjengoVumakubangoma”. UVumakubangoma umbiwa lena koMkhuze ,uma ufuna esingathi phecelezi “ufresh” iya eVuna kwaNongoma ,uyadayiswa ,udayiswa ngabantu abasuka khona eMkhuze . Uyadayiswa nasemaKhemesi , kodwa uma ufuna osemusha ungaya kwaNongoma.

Nansi isithombe sikaVuma omhlophe ngezansi. Obomvu kasisitholanga isithombe sawo. #Khumu! 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo