UMphafa yisihlahla esibaluleke kakhulu kubantu abansundu . Isizathu esenza sibaluleke wukuthi loluhlobo lwesihlahla kulandwa ngalo umuntu ongasekho. UMphafa ubuye waziwe ngeloMlahlankosi . UMphafa ungezinye zezihlahla ezinobulili , kukhona uMphafa/uMlahlasankosi wesilisa kanye nowesifazane . Owesifazana uthela izithelo kanti futhi ukhula uthi thuthu kowesilisa .Owesilisa awukhuli kakhulu futhi awuzitheli izithelo . Yomibili iMiphafa inameva ahlaba kabuhlungu. Uma kulandwa umuntu ongasekho kuyaye kugawulwe/kukhiwe ihlamvu noma igatshana loMphafa kuyiwe nalo lapho kushonele khona lowo muntu kufikwe kukhulunywe nomphefumulo walowo useshonile , ubikelwe ukuthi usuzolandwa . Phela kushona umuntu kepha umphefumulo kawushoni . Umuntu ongasekho ulandwa ngabesilisa ngoba kukholelwa ekutheni abesilisa yibona abasondelene kakhulu nedlozi . Uma sekuhanjwa sekuphikelelwe ekhaya kuyaxoxwa nomuntu ongasekho, abikelwe uma sebedlula endaweni ayeyikhonzile , noma lapho kuhlala khona umngane wakhe othile, noma lapho kuhlala khona isihlobo, kungaba uMalume , uBabekazi , uMama omncane njalo njalo . Empeleni endulo uMphafa wawusebenza ukulanda umuntu ongasekho wesilisa hhayi owesifazane , owesifazane wayelandwa ngoMganu . Zikhona izindawo zakwaZulu ezisakwenza lokho ,owesifazana basamlanda ngoMganu , owesilisa basamlanda ngawo uMphafa . Uma kuwukuthi uMphafa awutholakali endaweni lapho kushonele khona uMufi kuyaye kusetshenziswe uMthathe . UMthathe wuhlobo lwesihlahla ulonamaxolo aphuzi uma esegawuliwe noma ngithi uma esegeciwe. UMthathe unukisa okomuthi wesilungu wokuhlikihla(rub) amadolo abuhlungu. Uma ungatholakali nawo uMthathe kuyaye kusetshenziswe iSiqunga/ uTshanibezwe. Uma naso iSiqunga singekho kuyaye kushiswe imphepho endaweni lapho kuphangalelele khona uMufi , kukhulunywe naye abikelwe ukuthi usezolandwa . Isizathu sokulandwa komuntu ongasekho kusuke kwenzelwa ukuthi ayohlala nabakwabo noma nezingane zakhe ekhaya . Esinye isizathu esokuthi angasali ehlupha abantu abahlala endaweni ashonele kuyo ngokuvuka abonakale ehamba kodwa yena ebe esashona.
Kucacile
Amen,
Kuyintokozo impela. Siyohlale sicije izindlebe.