UMkhanyakude isihlahla esikhula sibe amamitha ayishumi kuya kwayishumi nahlanu . Siwumuthi wogazi . Umuntu uma ephalaze ngaso uyathandeka . Kuphalazwa ngexolo nangezingxabu zawo . UMkhanyakude uyazimilela nje endle kodwa uma umuntu efuna ukuwutshala ekhaya uyakwazi ukuwutshala ngoba uyatshaleka . Uyefana nje noLozilina ngoba nawo uyatshaleka . UMkhanyakude ungena nxazombili emithini ebomvu kanye nemhlophe. Uma umuntu ezophalaza uyaye aqale ngemithi ebomvu efana noVumakubangoma obomvu , iNgwavuma , iNtolwane,uMaphipha neminye. Bese mhlawumbe ngemuva kwesonto elilodwa alandele ngemithi emhlophe efana noVumakubangoma omhlophe , uMadlozaza ,iNhlanhlemhlophe, uMqhume neminye. UMkhwanyakude-ke ungeminye yemithi engena kuzo zombili izinduku , ezibomvu kanye nezimhlophe. Awufakwa kakhulu kodwa uMkhanyakude kuthiwa chatha nje kancane . Wawufaka kakhulu uyokubangela amashwa ,uzondwe abantu ngaphandle kwesizathu .