AMankankane

Amankankane uhlobo lwezinyoni oluhlola okubi. Inhliziyo yenkankane izinyanga ziyayithaka emuthini wentando(igobondela) . Ziyixuba neminye imithi bese kuphuma umuthi wentando ohamba phambili ngoba ngokuvamile amankankane ahamba ngamabili , iqhude nesikhukhukazi . Kanti nalo eliphelele liyangena emithini yeziko lezinkomo .. Inkankane libuye laziwe ngokuthi yi”ngangane”

Abafana bazifunda ekwaluseni zonke iziny‎oni abahlalisana nazo. Bafunda amagama azo, bafunde nezikhathi ezifika ngazo, kanye nezikhathi ezihamba ngazo uma kuyilezo ezibuye zimuke.Izinsizwa uma ziphume inqina yokuyozingela zikholelwa ekutheni kuyishwa elikhulu ukuhlangana namankankane uma umuntu eyozingela.  Amankankane izinyoni ezithe chithi saka nezinkalo zonke zakwaZulu. Iyezwakala imilozi yemishungu yamankankane ntambama uma ilanga selibantu bahle.


Umbala wamankankane unkankane ,kodwa uma uqala ukuwabona amankankane , kuba ngathi umbala wawo unsundu nokukhatheleyo..Lihle inkankane, okubi ngalo alihloli inhlanhla.‎ Uma lidabula phambi kwakho usohambweni usuke uzoba namashwa.

Liyavela igama lenkankane ezibongweni zeNgonyama uShaka uma kuthiwa

‘OHlangene nodwendwe lwamankankane mhla eyodla aMampondo iziphukuphuku’

Nani boFaku

Nani noGambushe

Kwathi lapho aMampondo ethola umkhosi ukuthi ingene ekaZulu, umholi wawo uFaku wabaleka nabantu bakhe kanye nezinkomo bayobhaca ehlathini. Kuthe aMampondo esecabanga ukuthi  ukuthi uZulu usehambile aphuma ekubhaceni nezinkomo. Kanti akahambile uZulu.Wawathelekela abaleka aphinde‎la ehlathini. UZulu wazishaqa zonke izinkomo zaMampondo waya nazo kwaZulu.

Ngakho-ke uZulu akasakwazanga ukushobocisa aMampondo, kodwa wakwazi ukuthumba izinkomo. Ukubaleka kwaMampondo eyobhaca ehlathini kwaba yishwa kuZulu.

Ake ngime lapho nina bakaMaswezisela wakithi kwaBulawayo! Oswezisele uZwide mgamagqanqula!

#nguShaka lowo

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo