Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

INkosi uMtubatuba yaBakhwanazi

  Nanso-ke iNkosi u-Mtubatuba yaBaKhwanazi . Ibutho layo kwakuwuFalaza ,kanti elikayise u-Somkhele kwakungaMamboza/uThulwane . NgokweZazimlando kuthiwa ayikho inkosi eyabusa kahle abantu bayo njengeNkosi u-Mtubatuba . Kuthiwa yayidume ngokwephana,inogazi kubantu bayo futhi icebe kakhulu inezinkomo ezibulala inyoka,uchibidolo uqobo . Kanti kwake kwaba khona isikhathi lapho inkosi u-Mtubatuba yafuna ukuthenga khona isitimela kodwa abelungu badlala ngayo ,bamane beyishonisa lena nalena . Kuthiwa kwakuthi nxa isigebengu sonile esikhundleni sokuthi isijezise yona yayivele isixoshise ngomhlambi... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uBhokwe kaZibhebhu Zulu 

Nansi isithombe soMntwana u-Bhokwe kaZibhebhu kaMaphitha Zulu . Nguyena owalandela inkosi u-Zibhebhu esihlalweni sobukhosi . Empeleni indlalifa yoMntwana u-Zibhebhu kwakunguMntwana u-Msenteli owayezalwa yiNkosikazi u-Cikose Biyela okaMvundlana owamuzalela udadewabo u-Nomvula ongazange athole abantwana.Imind eni yavumelana ngokuthi u-Cikose owabe engudadewabo omncane kaNomvula ayogana u-Mntwana u-Zibhebhu ukuze amzalele indlalifa. Lelo kwakuyisiko lasebuNguni. Emgcagcweni kaCikose u-Cikose wagcagca ephethe umkhonto kaMntwana u-Zibhebhu wobukhosi nokwakusho khona ukuthi uzozala indlalifa. U-Cikose wakhulelwa wazala u-Msenteli . Wabuye wazala nentombazane u-Nomangxenge owashona eqala ukuthomba . Ngakho-ke nguMntwana u-Msenteli okwakumele alandele uyise esihlalweni sobukhosi kodwa amaNgisi amchitha abe eseqoka u-Mntwana u-Bhokwe ongazange abonwe nanguYise kwazise wayenezinyanga eziyi 18 ngenkathi iKhomishane yamaNgisi eyayiholwa nguCharles Saunders imuqoka ukuba abe yindlalifa yakwaMandlakazi. Inhloso yamaNgisi kwabe kuwukuqhubeka nokudala izinxushunxushu , ngoba ayazi kahle ukuthi uMntwana u-Msenteli wayesondelene neNdlunkulu yakwaZulu ngoba ilobolo loNina ingxenye yalo enkulu yayikhishwe yiSilo uMpande . Ngakho-ke vele ayengeke aze amamukele njenkosi yakwaMandlakazi . UMntwana u-Bhokwe wayezalwa yinkosikazi u-Geja kaMatshana Sithole

Incazelo ngeKlwa 

     

Iqola 

Lolu hlobo lwenyoni lubizwa ngokuthi ‘ yiqola’ .Luncane nje alulukhulu kangako ngokwakheka . Lenyoni idume ngokwengasabi kwayo izinyoni ezinkulu kunayo ezifana noklebe ,amawabayi nezinye. Le nyoni uma ithe yabona inyoni enkulu engangoklebe iphethe itshelwe noma inyama nje iyayihubha ilwe nayo kuze kube sezingeni lokuthi leyo nyoni enkulu iwisa leyo nyama esuke iyiphethe . Bese-ke uma isiyiwisile iqola bese liyazicoshela .Iqola alithandi inyama esemanzi. Inyoni iqola lidla noma ngithi lithanda kakhulu inyama esithe ukoma kancane . Uma leyo nyama esuke iyiphange ezinye izinyoni isemanzi iqola liyaye liye nayo emeveni noma othini lifike liyichome khona bese liyiyeka lapho ize yome. Uma seyomile-ke kube yima liyidla . Leli gama elithi ‘qola’ le nyoni yalithola ngakho ukuqola noma ngithi ukwephanga ezinye izinyoni inyama yazo. Le nyoni iqola ibuye idume ngonya ezinyonini ezincane kunayo ezifana nongcede ,ocilo nezinye. Uma izibona iyazijaha ize ibambe enye yazo iyibulale. Kuyothi-ke uma isiyibulele iyichome futhi othini bese iyiyeka lapho

error: Akuvumelekile lokho !!