Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

IMbabazane /IMbati yehlathi/The stinging Nettle Creeper/Tragia glabata /Tragia durbanesnsis

IMbabazane /IMbati yehlathi/The stinging Nettle Creeper/Tragia glabata /Tragia durbanesnsis Nina bakaSimayedwa njengelanga lona limi lodwa eZulwini, uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiMbabazane ngesiZulu , ngesiSwati kuthiwa yiMbati yehlathi. Kanti ngesiLungu lo muthi udume ngeleStinging Nettle Creeper. Isimila esimila endle lesi, simila bese sikhula ngokuthandela isihlahla esikhulu. Lesi simila siyaluma uma sike sathint... qhubeka ufunde »

UFoshela /uQhwashu/Ikhambi lakwaNgcobo/Felicia erigeroides

UFoshela /uQhwashu/Ikhambi lakwaNgcobo/Felicia erigeroides Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu,uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Lo muthi engiwubona esithombeni ubizwa ngokuthi uFoshela ngesiZulu, noma yiKhambi lakwaNgcobo. Ubuye ubizwe ngokuthi uQhwashu, ngenxa yokuthi unamakha anuka kamnandi . NgesiLungu soSosayensi  kuthiwa iFelicia erigeroides . Lona wumuthi owande lena eThekwini , KwaDukuza, nakoNdwendwe . Wumuthi wobuhle lona . Wumuthi wogazi nenhlanhla lona . Wumuthi okhonzwe kakhulu ngamaSoka, izinsizwa ezeshelayo.  AmaSoka awuthaka eNdukwini yawo eMhlophe . okuyiNduku yokwakha ugazi nokwakha iNhlanhla. Lo muthi ubuye ungene emithini ethakwa uma kwakhiwa iSikhahlamezi. ISikhahlamezi yingxube yemithi ethakwa yenziwe iNduku egcotshwa ezandleni nasebusweni. Igcotshwa izinsizwa . Uma insizwa egcobe iSikhahlamezi ike yaxhawula intombi , noma yayithinta, leyo Ntombi ivele ilangazelele ukuya ocansini naleyo nsizwa khona lapho , kangangokuthi ize iyilandele nokuyilandela . Kuleyo mithi kusuke kuthakwe wona uFoshela , uDumbasimbu , uVelangemoyeni ,

read more

Incazelo ngeSibhaha (Warburgia salutaris)

ISibhaha /UMazwahlabayo/UMagwazayikhuphule Nina beNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! USingquma khuluma bakuzw’umoya , abasezitheni nabasemakhaya!USingquma kakhulumi kanamlomo , akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo , lona olwaluqed’umuzi ngokunkenkeza! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi , ngethemba isaphila. Nanso-ke iSibhaha nina beSilo , uJenene wemithi , iNduna uqobo . Lona wumuthi ongena kuzo zonke iziNduku ezilwayo . Yiwona muthi obiza kunayo yonke imithi laphana eMona, isaka eliwu50kg liwuR1000. Kusebenza ixolo nempande kulomuthi . Uma uwuluma , uwuququda uyababa lokhu ukuhishayo . Kuyileso sizathu iSilo uDingane sibongwa ngokuthi siyi ‘Ndiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga’. AmaHashanga kushiwo amaQadase , amaBhunu , ikakhulukazi akaNgalonkulu {uAndries Pretorious}. ISibhaha sibizwa ngokuthi i- Warburgia Salutaris ngesiLungu, kuthiwa i-Shibaha ngesiTsonga, kanti ngesiVenda kuthiwa i-Manaka Okwenziwa iSibhaha ISibhaha singena kuyo yonke imithi elwayo esingabala kuyo imithi exosha imimoya, eyokuphindisa, eyokucupha ithuna, eyokukhipha izizwe ,exosha isilwane , kweyamabhande okulwa, ezintelezini zokuchela izinduku zoMgangela, ezintelezini zokuchela ekhaya, ezinsizini

read more

Incazelo ngoMusa\Crabbea hirsuta

UMusa\Crabbea hirsuta harv Nina baka Zitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSilo, uCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethemba isaphila. Lo muthi eniwubona ngezansi kuthiwa uMusa , wumuthi othandwa kakhulu amaSoka lona .NgesiLungu kuthiwa I”Crabbea hirsuta “. Kufuneka abeSilo baliqhaphele leli gama elithi “hirsuta” ngoba liyavela futhi nasemithini efana noMathanjana, iziKlenama njalo njalo. UMusa uyiSihlanzi esimhlophe . Uwumuthi weDlozi , ongena eGobongweni elimhlophe lokuhlambulula iDlozi. Empeleni uma ubuka izinsizwa ezeshelayo ziyikhonzile imithi yeDlozi, ngoba phela ibuye ibe yimithi yeNhlanhla. Uma sibheka,uVumakubongoma omhlophe okhonzwe amaSoka ,kodwa uwumuthi weDlozi, ubuye ube wumuthi weNhlanhla, uyangena eNdukwini yokuphalazela inhlanhla. Kodwa wona kahle -hle uwumuthi weDlozi. Eminye imithi engena nxazombili INhlanhla emhlophe , UMusa , UMadlozana{UMlulama}, UNgqengendlela{uShobalehhashi} , UMtholo{uMafunazayithole}, UQhume{uMfazothethayo} kanye neminye imithi   UMusa wenza iDlozi libe nomusa , lithwale umuntu ngeQoma. Limthande ngendlela eyisimanga. UMusa uyangena futhi kwezamaSoka, amaSoka ayaphalaza ngawo, awuthaka emithini emhlophe . Wenza intombi

read more

Incazelo ngoQeduhlobo (ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi)

UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi   Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa uQeduhlobo . UQeduhlobo ubuye waziwe ngokuthi ISizukulwane noma uMuzi owawulapha wayangaphi. Le sithelo sikaQeduhlobo siwumuthi wokuphindisa . Siyingozi kakhulu ekuphindiseni , sishaya sibhuqe wonke umndeni walowo muntu osuke egangile , enze ububi. Sishaya nesizukulwane , ingakho lo muthi ubuye ubizwe ngeSizukulwane. Sizebenza kakhulu uma kugezwa amanzamnyama. Amanzanyama yisimo lapho umthakathi evuka khona ebusuku kweSikabhadakazi aphehle umndeni othile okhambeni olunamanzi amnyama . Kulawo manzi amnyama kusuke kukhona imithi efana noDungamuzi, uManxiweni kanye neminye esetshenziswa ngabathakathi uma benza ukungcola kwabo . Uma umthakathi ephehla amanzi amnyama uye akhulume , abiza amagama amalungu alowo mndeni asuke ewuphehla. Isikhathi esiningi lowo mthakathi usuke eyisihlobo sakhona kulowo mndeni asuke ewuthakatha, ngoba uyakwazi ngisho nokuphendula nedlozi lakulowo mndeni asuke ewuphehla,

read more

Incazelo ngoMganu/uBaganiselwa/ uNoganisela\Marula/Sclerocarya birrea

UMganu /Marula/Sclerocarya birrea Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda🙌🏾 Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMganu ngesiZulu, udume kakhulu ngeleMarula. Ubuye waziwe ngoBaganiselwa. Umuthi waseAfrika lona owenza izinto eziningi. Izithelo zawo ezibizwa ngaMaganu kwenziwa ngazo uTshwala besiLungu . Lo muthi ngokolimi loSodayensi ubizwa ngokuthi i”Sclerocarya birrea. NgesiSuthu kuthiwa i-Morula . NgesiTsonga ubizwa ngeKanyi ,kanti ngesiVenda kuthiwa u’Mufula’. Zimbili izinhlobo zoMganu,futhi zombili zikhula zibe zinde impela kangangokuthi zingafinyelela kumaMitha angamashumi amabili(20). UMganu wokuqala uthela izithelo ezingaphezudlwana kwamaThunduluka. Lezi zithelo ziba luhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula  umbala kancane ucishe ube Phuzi . Lezi zithelo ziyadliwa,zimuncwana uma uzidla . Yizona kanye okwenziwa ngazo uTshwala besiLungu(igama ngizoligodla). Kanti nabantu abansundu benza ngazo uTshwala, ababubiza ngokuthi “wuTshwala bamaganu. UMganu wesibili uthela izithelo ezinombala oluhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube bomvu. Lezi zithelo zincane kakhulu uma uziqathanisa nezoMganu wokuqala. Lolu hlobo

read more

Incazelo ngeDelele /iGusha/Okra 🖋️👇🏾

IDelele/iGusha /iOkra. Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela, babuphuzwa imihlambi yezinyamazane🙌🏾 Le sitshalo enisibona esithombeni sibizwa ngokuthi “iGusha” ngesiSwati . NgesiNdebele sakwaMthwakazi kuthiwa “iDelele”. NgesiLungu sibizwa ngeOkra. Lesi sitshalo asinalo igama lesiZulu lesiZulu, kwazise abantu bakwaZulu abasikhonzile,kanti abanye abasazi nokusazi. Siyadliwa lesi sitshalo , sidliwa njengeSishebo,sidliwa ngePapa. Uma upheaka iDelele akufanele ulibhubhudlele uSawoti uma ngoba lokho kuwukuliqeda amandla. USawoti ufakwa kancane.  Zimbili izinhlobo zeDelele/iGusha. Kukhona inhlobo etshalwayo . Bese kuba khona inhlobo emila endle, leyo nhlobo abantu bakwaMthwakazi bayibiza ngokuthi “iDelele lamahlamvu” . Ukunambitheka kwalezi zinhlobo kuyefana ,kanti nemisebenzi nayo iyefana. IDelele/iGusha liba lula kabi uma selivuthiwe,futhi kuba lukhuni ukulisheba ngePapa esitsheni ngenxa yobulula balo,kangangokuthi abanye baze bakhethe ukuliphuza. Bayalincoma oDokotela , bathi lilawula uShukela neAsidi kumuntu. Phecelezi” it stabilize blood sugar and acid in a human’s body” . Kanti lihle kakhulu uma uwumuntu onenkinga yokungayi ngaPhandle(ukuyozikhulula). Phecelezi “constipation problems”. Bathi livula yonke imigudu evalekile ngaphakathi, lenze nendle ibe

read more

Incazelo ngoMaphipha oyiKhubalo(Cape Beech)🖋️👇🏾

Incazelo ngoMaphipha oyiKhubalo(Cape Beech)🖋️👇🏾 UMaphipha/ CapeBeech/Rapaneu melanophloeos/Boekenhout Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo, akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo ,lona olwaluqed’umuzi ngokunkenkeza🙌🏾 Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMaphipha igama lawo, ubuye ubizwe ngeSiqalaba noma ngeKhubalwana. NgesiSwati kuthiwa iGcolo noma uDzilidzili. KwaXhosa ubizwa ngeSiqwane sehlathi. NgesiLungu ubizwa ngeCape Beech,kanti ngesiBhunu kuthiwa Boekenhout. OSosayensi bona bawubiza ngeRapaneu melanophloeos. IKhubalo elihle kakhulu leli ,elingena ezindaweni eziningana. Babili oMaphipha, kukhona lona uyiKhubalo, bese kuba khona noyiNtelezi ongena kakhulu kwezokuchela . UMaphipha oyiKhubalo uyaphipha njengoba negama nalo lichaza. Kusebenza kakhulu ixolo kulo muthi. Angikaze ngizwe kuthiwa impande yawo iyasebenza. Ngike ngizwe kuthiwa namacembe nawo ayasebenza kodwa bengingakaze ngiwasebenzise. Kuthiwa ageza inxeba eselibolile ,kuthiwa abulala wonke amagciwane , izimpethu nokunye . Bathi a-“Anti-bacterial” (phecelezi). Bathi nesithelo naso uma usidla sibulala izilonda ezingaphakathi emuntwini. *Engikwaziyo ngoMaphapha wukuthi uwumuthi omuhle wesichitho . Uwumuthi omuhle wezinduna. Uwumuthi omuhle wokugeza igazi, wenze umuntu athandeke  . Uyangena futhi nasemithini yokulungisa iDlozi, ebeseliphenduliwe,liphendulwa abathakathi.

read more

Incazelo ngoMviyo (uMtulwa/ Wild medlar)

UMviyo: Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Ngethemba isaphila onyakeni osemusha. Lo muthi eniwubona esithombeni igama lawo kuthiwa u’Mviyo” . Lo muthi ubuye ubizwe ngo’Mtulwa’ ngaso futhi isiZulu. NgesiLungu kuthiwa i-‘Wild medlar’. NgesiTswana kuthiwa u’Mmilo’.  Kuthiwa u’ Mothwanye’ ngesiSuthu. Ngolumi lwesiVenda kuthiwa u’Mpfilwa’. UMviyo umuthi othela izithelo ezimnandi kakhulu ,ezibizwa ngokuthi “amaViyo”,noma ‘amaTulo’ ,noma ‘amaTulwana’ . Ziluhlaza ngombala uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala zibe nsundu. Zimnandi zehla esiphundu. Abafana abelusayo bazikhonze kabi. UMviyo muhle kabi kwezendabuko. Izimpande zoMviyo ziyaphalaza, ziwumuthi olwa kakhulu uma uphalaza. Zingena emithini eMhlophe ,imithi yeNhlanhla. Imithi esingabala kuyo oVelabahleke, uVumakubangoma omhlophe, uMtholo(uMafunazayithole), uQhume (uMfazothethayo) kanye neminye. Kulemithi uMviyo ungena njengomuthi uzokulwa, uzokhuphula amandla eminye imithi. AmaSoka awukhonze kabi uMviyo, kwazise vele imithi emhlophe yimithi esetshenziswa kakhulu ngamaSoka. UMviyo uyangena nasemaGobongweni ,eloMndiki neloMndawe . Bawukhonze kakhulu abaNgoma noThwasa . Endulo uMviyo kwakuqiniswa ngawo impi

read more

Incazelo ngeMfeyenkawu🖋️👇🏾

IMfe yeNkawu: Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi kwaZulu🙌🏾. Enhla nasezansi ngiyababingele abeSilo.  Lo muthi eniwubona esithombeni iPhakama elibizwa ngokuthi “iMfeyenkawu” . IPhakama ilezihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu. Lezo zihlahla zimandla kakhulu uma kuza ekwelapheni, zikhuphula amandla eNduku. Imvamisa yazo iba izintelezi, ezichelayo ziphinde zigeze . Ezinye zazo ziyaphalaza. IPhakama liye libizwe ngaso leso sihlahla elisuke limile kuso. Isibonelo iPhakama loMganu, iPhakama loMnyamathi, iPhakama leMinyela njalo njalo. IMfeyenkawu yona ibizwa ngeMfeyenkawu noma imile kusiphi isihlahla. IMfeyenkawu inhle kakhulu eMagobongweni, eloMndiki neloMndawe. Iphakamisa iDlozi. Iyangena futhi nakwezenhlanhla, ezimhlophe , ikhuphula amandla eNduku. AmaSoka ayikhonze kabi iMfeyenkawu , akhuphula ngayo amandla eNduku yawo emhlophe yokuphalazela ubusoka. Kanti futhi iMfeyenkawu ibuye ibe yiNtelezi, ingena kwezokuchela ekhaya ,ukuxosha imimoya emibi. Abanye bayagitshala ekhaya ukuze ivimbe abaSokoco ukuba  bengangeni ekhaya. Iyakhiwa ehlathini, bese ibekwa nje endaweni ephakeme ikakhulukazi phezu kwesihlahla . Noma yenzelwe isigxobo mhlawumbe ipali elinezimbaxa ngaphezulu ukuze ihlale kahle. Abanye

read more

 

error: Akuvumelekile lokho !!