Incazelo ngoMusa\Crabbea hirsuta

UMusa\Crabbea hirsuta harv

Nina baka Zitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSilo, uCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethemba isaphila. Lo muthi eniwubona ngezansi kuthiwa uMusa , wumuthi othandwa kakhulu amaSoka lona .NgesiLungu kuthiwa I”Crabbea hirsuta “. Kufuneka abeSilo baliqhaphele leli gama elithi “hirsuta” ngoba liyavela futhi nasemithini efana noMathanjana, iziKlenama njalo njalo. UMusa uyiSihlanzi esimhlophe . Uwumuthi weDlozi , ongena eGobongweni elimhlophe lokuhlambulula iDlozi. Empeleni uma ubuka izinsizwa ezeshelayo ziyikhonzile imithi yeDlozi, ngoba phela ibuye ibe yimithi yeNhlanhla. Uma sibheka,uVumakubongoma omhlophe okhonzwe amaSoka ,kodwa uwumuthi weDlozi, ubuye ube wumuthi weNhlanhla, uyangena eNdukwini yokuphalazela inhlanhla. Kodwa wona kahle -hle uwumuthi weDlozi.

Eminye imithi engena nxazombili

INhlanhla emhlophe ,


UMusa ,

UMadlozana{UMlulama},

UNgqengendlela{uShobalehhashi} ,

UMtholo{uMafunazayithole},

UQhume{uMfazothethayo} kanye neminye imithi

 

UMusa wenza iDlozi libe nomusa , lithwale umuntu ngeQoma. Limthande ngendlela eyisimanga. UMusa uyangena futhi kwezamaSoka, amaSoka ayaphalaza ngawo, awuthaka emithini emhlophe . Wenza intombi ingabi nalulaka, uyenza ithambe ibe nomusa eSokeni. Kwesinye isikhathi amaSoka awufaka nasemlonyeni , ngaphansi kolimi lapho eyokhuluma nentombi . Ivele ithambe intombi , ibe nomusa eSokeni. UMusa noVelangemoyeni imithi emibili eyenza imisebenzi efanayo , kanti nayo le mithi icishe ifane futhi , kodwa uVelangemoyeni wona mncane . Ake ngime lapho nina beSilo

*Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngempande

Niphile nina bakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani!

UMusa\Crabbea hirsuta

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo