IMbabazane /IMbati yehlathi/The stinging Nettle Creeper/Tragia glabata /Tragia durbanesnsis

IMbabazane /IMbati yehlathi/The stinging Nettle Creeper/Tragia glabata /Tragia durbanesnsis

Nina bakaSimayedwa njengelanga lona limi lodwa eZulwini, uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiMbabazane ngesiZulu , ngesiSwati kuthiwa yiMbati yehlathi. Kanti ngesiLungu lo muthi udume ngeleStinging Nettle Creeper. Isimila esimila endle lesi, simila bese sikhula ngokuthandela isihlahla esikhulu. Lesi simila siyaluma uma sike sathintana nesikhumba somuntu, siluma kabuhlungu kangangokuthi size siwudumbise umzimba womuntu. Abafana abalusa izinkomo basazi kahle . Lesi simila siqhakaza izimbali ezinombala oluhlaza , ezinoboya , okuyizona eziluma kakhulu . Ziluma ukudlula amakhasi aso lesi simila. Kusuke kushiwo sona lesi simila ezibongweni zikaNdunankulu kaZulu , uBaba uShenge , uma kuthiwa “IMbabazane emahaqa ehaqaze amadoda emasendeni “.

Iwumuthi iMbabazane, iyelapha. Kusebenza sonke nje isithombo sayo . Ingena kakhulu ezimbizeni eziphuzwa ngabantu besifazane. Iyakwazi nokusebeza iyodwa . Amakhasi ayo noma izimpande aye abiliswe abe yisiphungo sokugeza iSinye neSibeletho sowesifazane . Siyashobingisa lesi siphungo , sishobingisa umuntu wesifazane akhiphe umshobingo onephunga elingelihle. Sisuke sikhuculula konke okungcolile eSinyeni naseSibelethweni . Sivuselela nemizwa yokulangazela ucansi. Sidambisa nenhlungu yeSilumo noma eyoMhluma. Ungayithaka neminye imithi efana noNsukumbili , oGobho , iSinwazi kanye neminye , uyithakele ukunikeza iMbabazane amandla. Izimpande zeMbabazane ziyangena embizeni ephuzwa wumuntu ophethwe yisisu esihudisa igazi. Amakhasi eMbabazane omile ayasiza enkingeni yokopha emakhaleni , umunguzile. Ayashiswa , bese kuhogelwa intuthu yawo .


Ake ngime lapho nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ,uDunjwa yedwa limkhandanisele! UGasane lukaNdaba !

*Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi uluthe thuthu ngempande !

#Khumu!

IMbabazane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo