Incazelo ngoMababaza(Albuca bracteate)

 

Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini. Isela elintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankengenaneni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela kuyo  yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Cha, thina sisaphila eMantungweni.

UMababaza.

Nina beMbube enamandla  lo muthi eniwobona esithombeni kuthiwa uMababaza igama lawo, ngesiLungu ubizwa ngeAlbuca bracteate . Isigaxa salo lo muthi siyaluma uma sithinta isikhumba , sifana nesikaNdonganazibomvana \uNtonganazibomvana. Isigaxa sikaMababaza esifana nesikaAnyanisi siyangena entelezini echela ikhaya, ukuxosha imimoya emibi. Siyangena naseNdukwini ebethela iphinde icuphe ikhaya. Sihle kakhulu nasekukhipheni isilwane , kanye nasekugezeni umuntu uxakwe izichitho , imimoya emibi , izilwane njalo njalo . UMababaza muhle kakhulu ekucheleni ikhaya uma kuzoba noMcimbi, kanye nangesikhathi usuchithekile uMcimbi.  UMababaza muhle nasekuboliseni idliso ngaphakathi esiswini. Usebenza ngendlela ethi ayifane neyeMboziso. Uyaphuzwa uma kade uphupha udla ebusuku, noma uphuzwe ngaphambi kokuba uphalazele ukukhipha idliso. Kanti impuphu kaMababaza iye ivuvuzelwe ekudleni uma lokho kudla  kusolakala ukuthi kunedliso noma kunobuthi. UMababaza uyathakwa naseNdukwini yokwakha iSibambelelo sangaphgansi, uye uthakwe noNcamashela kanye neminye imithi.

Ake ngime lapho nina beSilo , nina bakaSihlangu simagqabha sinamnxeba , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombuili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu. Vakashela uYou Tube osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande .

Khumu!!

UMababaza

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo