UMathanjana (Rotheca hirsute, Butterfly bush, Matebele violet)

 

Nina abakaMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo uSela lintongande lawo Baleka lithabath’uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabili kuMeyi (Nhlaka) onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila bonke abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni.

UMathanjana .

Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe lo muthi eniwubona esithombeni ubizwa ngokuthi uMathanjana ngesiZulu.Ubuye waziwe ngoSikisiki.  Lo muthi wumuthi wemizwa , umuthi ovuselela imizwa koBaba nakoMame. Ungena kakhulu ezimbizeni zoBhoko lweSisu , kanye nakwezenzalo koMame . Lo muthi ubizwa ngeRotheca hirsute ngeBotanical name . NgesiNgisi kuthiwa iButterfly bush ,noma Wild violet,  noma iMatebele violet. AmaTebele kushiwo abaNguni jikelele. Lena kwaNgwane ubizwa ngoSigibanyongo. Ka se Sotho bare ke Mokata, kapa Khopha.  UMathanjana ungena kakhulu ezimbizeni zoMvusankunzi eziphuzwayo kanye nezichathayo . Uhlanza negazi , uvule yonke imithambo evalekile ebangela ukuba buthuntu kwemizwa , ukungavuki kahle kweNduku. Uye uthakwe nemithi efana noShisizwe , aMasethole, izimpande zoMthunduluka , uDlutshani kanye neminye imithi . Wenza umsebenzi ofanayo nakoMame , uvusa imizwa ewile . Uye uqhathwe kakhulu noGobho , iBhuma kanye neminye imithi kukhandwe imbiza yenzalo yoMame. Ugeza igazi koMame uvuse imizwa ivuke qingqo , igazi lishise . Le Nduku iyasigeza isinye koMame kanye nayo yonke imithambo , ikhiphe namanzi angcolile aba sesinyeni sikaMame. UMathanjana muhle nasezimbizeni zoMzimba omubi , uqeda amathamba , izinduna kanye namaqhubu avele aqhamuke esikhumbeni somuntu.


Niphile nina bakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngezingxabu …..

UMathanjana

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo