Incazelo ngomuthi uMhlambamanzi

Nina abeNkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesixhumu senyamanzane! Nina beNhlehlanyovane ka Ndaba ehlehle futhi ngoBulawayo yazithatha zonke izihlangu zoMbelebele! Yazithatha zonke izihlangu zoDlambedlu! Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi kwaZulu!

Enhla nasezansi ngiyababingelela, ngethemba bonke abeSilo basaphila. Sisaphila thina eNdinaneni. Nanso-ke isithombe somuthi uMhlambamanzi. Wumuthi wokugeza idlozi lo! Umuntu osuke ephalaze ngawo ucacelwa yidlozi. Akawalibali amaphupho akhe. Ubuye ungene nasemithini yokugeza umuntu onamabhadi. Kanti futhi ubuye ungene nasemithini emhlophe yehlanhla ,yokuphalaza.Uqhathwa neminye imithi emhlophe efana noQhume, uMadlozana, uVuma omhlophe kanye neminye. Lo muthi okhonzwe kakhulu yiZangoma noThwasa . Igama lawo kuthiwa ‘wuMhlambamanzi” . Ungeminye yemithi okungafanele isale lapho kuthakwa imithi yenhlanhla, yokuphalaza.

#Khumu!

Ngena kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺 ufunde kabanzi ngamakhambi .

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo