Incazelo ngaManzamnyama

IMVU EMNYAMA

Nina abakaMkhumbi gudluka sibone aMgumgedlela ! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani-lokhu sasiyokwenza amaGudu okubhema!UNongqayiza bayakuthibela , uthitshelwe nguMalimade , uthitshelwe ngabamhlophe abeLungu! UMgwazi kaqaqi uqaqelwa zinyoni!!#ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo… Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila .Sisaphila thina eMantungweni. Nina beSilo ake ngiphose itshana elingatheni eSivivaneni mayelana naManzamnyama..

Yini aManzamnyama?

AManzamnyama ubuthakathi obenziwa yiLungu lomndeni noma isihlobo sibenza emndenini ngenhloso yokuthi kufe wonke umndeni kungasali ngisho noyedwa. Leso sihlobo noma lelo lungu lomndeni kusuke kuyisihlobo sangasohlangothini lukaBaba . Lowo mthakashana uye avuke ebusuku kwesikaBhadakazi athathe ukhamba olugcwele umuthi omnyama aphikelele emathuneni ayoluphehlela khona ngenhloso yokuthi kufe wonke umndeni asuke ewuthakatha. Abaphehli baManzamnyama bayakwazi nokuphendula iDlozi libe libi libulale umndeni. Kuye kube lula kakhulu ukuba bakwenze lokho ngoba phela basuke benayo yonke imininingwane yoMsamo walelo khaya, basuke belwazi futhi noLibo  .. Uma lowo mthakashana esewaphehlile aManzamnyama okuyolandela lapho kuyoba ukufa kwabantu kulowo mndeni obukade uphehlwa . Ayingozi aManzamnyama nina beSilo angawuqeda umuzi uma engavaliwe ngokushesha (engageziwe). Uma kugezwa noma kuvalwa aManzamnyama kuye kuqashwe iNyanga ekwaziyo ukuwavala. Uma sekugezwa aManzamnyama kuye kube nezigaba ezimbili zokuwageza.


Isigaba sokuqala .

Esigabeni sokuqala kuye kuhlatshwe iMvu emnyama bhuqe, kuthathwe inyongo kanye nekhanda layo , bese kuphikelelwa ehlathini kanye nawo wonke amaLungu alowo mndeni (osuke uphehlelwe aManzamnyama).. Inyongo yaleyoMvu emnyama ingena emithini yokugeza aManzamnyama.Ikhanda lona lingena eNdukwini yokucupha.  Kusuke kuqhathwe imithi elwayo efana noQeduhlobo (uMuzi owawulaphala wayangaphi?), uMviyo,iMpinda , iNsindabathakathi , iNdlabaloyi, uMantingwe(uManzamnyama) kanye neminye imithi. UMantingwe umuthi wawo vele aManzamnyama , ubuye waziwe ngoManzamnyama. UQeduhlobo umuthi onzima kabi wokuphindisa. Leyo mithi yomibili uQeduhlobo noMantingwe ayisali nangephutha uma kugezwa aManzamnyama. Lapha ehlathini yonke imininingwane isuke iphethwe yiyona iNyanga , yiyona esuke itshela amaLungu omndeni ukuthi mawenze lokhu , mawakwenzi lokhu. Kuye kugezelwe esiDulini khona ehlathini . Kudliwe zona iziNduku zokulwa , kuncindwe kukhwifwe futhi. Lona umsebenzi wosuku olulodwa , akulalwa ehlathini. Uma sezidliwe -ke iziNduku kube sekuphindelwa ekhaya. IMvu esuke ihlatshiwe ayidliwa nina beSilo , iye ishiswe noma ilahlwe ehlathini . Kodwa ngokwejwayelekile ijwayele ukuhamba neNyanga esuke izogeza aManzamnyama.

Isigaba sesibili.

Isigaba sesibili okuyisigaba sokugcina siye senzelwe ekhaya uma sekubuywa ehlathini. Kulesi sigaba kuye kudliwe imithi emhlophe yeDlozi .Lesi sigaba siye senzelwe ngaphandle komuzi.  Kulesi sigaba kusuke sekulungiswa iDlozi kwazise phela belikade liphenduliwe liphendulwa umthakasha owaphehla aManzamnyama. Kulesi sigaba kuye kuphalaze wonke umndeni uphalaze ngeziNduku ezimhlophe  zeDlozi esingabala kuzo oVumakubangoma omhlophe , uMadlozana, iNtumbadlozi, uQhume kanye nezinye . Nakulesi sigaba kusuke kuseyiyona iNyanga esuke isho yonke into okumele yenziwe. Uma sekuphothuliwe konke,  okuyolandela lapho kuyoba ukugadla kweziNduku ebezidliwa ehlathini , zigadle kuMphehli waManzamnyama  . Ziyagadla impela kangangokuthi ugcina eshonile uma kuwukuthi usaqhubeka  ewaphehla. Uphawu olukhulu lwempumelelo yomsebenzi wenyanga kuba ukuma kokushona kwabantu emdnenini.. ***Kule Post ngifake isithombe seMvu emnyama ngoba yiyona esetshenziswa uma kugezwa aManzamnyama..

Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo