Nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela! ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla eziNkwazini zoThukeka! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama !!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona …..Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Lesi silwane inisibonayo kuthiwa iGwinsi igama laso , sibuye sibizwe ngoGalipiki. Uhlobo lwe Gundane olufuywayo emakhaya , othi uma ulubuka luthi alufane neMbila.
Senzani lesi silwane?
Nina beSilo lolu hlobo lwesilwane luyandisa , ukuba khona kwalo phakathi kwekhaya kwenza ukuthi yonke into yande, ichume , ikakhulukazi iMfuyo . Kanti amafutha eGwinsi ayangena futhi eZikweni lezinkomo , zanda kakhulu izinkomo ezisetshezwe ngeNduku ethake lesi silwane uGalipiki. Amafutha ka Galipiki mahle kakhulu naseZibungeni zamaBhizinisi , kwezokudonsa abathengi noma ngithi ama-Clients. NabaNgoma nabo bayawufuya uGalipiki eZigodlweni zabo. Lesi silwane uma sifuywe ekhaya sixosha yonke imimoya emibi phakathi kwekhaya. Sixosha nezinto zabakhunkuli ezithunywa ukuba zizontshontshela abantu imali. Amafutha ka Galipiki ayangena eNdukwini edliwa umuntu onenkinga yokungahlali kwemali esandleni. UGalipiki uma ufuywe endaweni eyiPulazi elinezitshalo uyazandisa izitshalo . ISikhumba sika Galipiki kuye kushunqiselwe ngaso izinkomo ukuze zingasengwa yiMbulu , ukuze futhi zingalandelwa yizinto zabakhunkuli. Amafutha ka Galipiki ayangena nakwezokubethela izulu. Kuthiwa uma ngabe izulu lizogadla ekhaya lapho kufuywe khona oGalipiki kuye kubonakale ngobaleka koGalipiki kulelo khaya, bafohle impela babaleke.
Khumu!!
Niphile nina beZulu eliphezulu . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV
