Mngomezulu

AbakwaMngomezulu!!!!!
…………………………………………………………………………

Badabuka ebeSuthwini babaPedi(Polokwane) .. Isibongo sabo savela ngegama lomsunguli wesizwe sabo uMngomezulu, kuthiwa wafela khona kwelabaPedi. Kuthiwa indodana yakhe uMdluli wabona kungcono ukuthi afuduke ashone ngasolwandle ayozifunela amadlelo aluhlaza. Kuthiwa wehla njalo wakhwela ezintabeni zaseNgwavuma, lapho aze afela khona phezu komfula iNgwavuma ngasendaweni ebizwa ngokuthi kukwaNtshingila. Ekufeni kwakhe washiya indodana yakhe uMafu, kuthiwa uMafu wathanda ukufeza isifiso sabantu bakubo sokuba bayofika ogwini lolwandle. Kuthiwa uMafu nabakubo bagudla umfula iNgwavuma ngaphambi kokuba bazinze… Ilapho abahlangana babantu bakwaThabede , nabo beziqhamukela kwaNgwane.. Laba bantu bakwaThabede babezingela izindlovu. Bahlangana ke bakha ubuhlobo , baganana.. Kungaso leso sikhathi futhi lapho okwafika khona abantu bakwaMyeni.. Ngesikhathi kufika abakwaMyeni , abakwaMgomezulu base bebuswa nguZondiwe indodana kaDlakadla. Kuthiwa uZondiwe wayengumuntu onesandla etshontsha,
Ngesikhathi uSoshangane noZwangedaba bebalekela uShaka badlula kwelakwaMgomezulu becela ukufihla amakhanda okwezinsukwana nje.. Kuthiwa uZondiwe nabantu bakhe babona kungcono ukuthi bazicebise ngokweba imfuyo kaSoshangane noZwangendaba..
UZondiwe wabuye walibangisa endaweni ebizwa ngokuthi kuseNkomazana okungunfula osenhla nezwe. Okubuhlungu ukuthi abantu bakwaMngomezulu kabazange bayilandele inkosi yabo, kodwa basala nomnawakhe kaZondiwe uMsuduka.. Kuthiwa uZondiwe wafika washona ekuhambeni washiya enganandodana eyothatha ubukhosi emva kwakhe..
The English version

Mngomezulu people hail from the Pedi Suthu (Polokwane). Their surname came from the name of the founder of their tribe Mngomezulu, who is said to have died in the Pedi clan. It is alleged that his son Mdluli decided it was best for him to move to the beach in search of greener pastures. He allegedly climbed the Ingwavuma mountains, where he died on the Ingwavuma River near a place called KwaNtshingila. At his death he left his son Mafu, it is said that Mafu wanted to fulfill the wish of his people to go to the beach. It is said that Mafu and his family crossed the Ingwavuma River before settling down … There they met the Thabede people, who also came to Ngwane. Then they got together and formed a relationship, they got married. It was then that the Myeni people arrived. By the time the Myenis arrived, the Mgomezulu family was ruled by Zondiwe son of Dlakadla. Zondiwe is said to have been a thief,
When Soshangane and Zwangedaba fled Shaka they passed through Mgomezulu’s house asking to stay for a few days.
Zondiwe also headed for a place called Nkomazana which is the northernmost part of the country. Sadly, the people of Mngomezulu did not follow their king, but were left with Zondiwe Msuduka’s nephew.

Ukwelamana kwabakwaMngomezulu..!!

UMngomezulu wazala uMdluli yeana wazala uMafu yena wazala uMalinga yena wazala uDlakadla..

UDlakadla wazala uZondiwe noMsuduka..

UMsuduka wazala uLubelo yena wazala uMbikiza yena wazala uZombizwe owazala uNtunjwa…

…………………………………………………………………………

Izithakazelo zakwaMngomezulu.

Dlakadla, Nkabanhel,
Lubelo,
Nkaba yenkosi,
Maphakel’indoda edengeleni ilambile,
Mfiso,Malinga,
Mdluli, Msuthi…

…………………………………………………………………..
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo