AbakwaLuthuli!!
………………………………………………………………………………………………………………………….
Badatshulwa nguZakwe owazala uMavela yena wazala uLuthuli yena wazala uMadlanduna, uMadlanduna wayenamadodana amabili uNkomo noDole..
Emandulo kuthiwa abantu bakwaLuthuli babengabantu besibongo esisodwa nabantu bakwaNgcolosi.. babakhelane nesiswe samaQadi[Ngcobo] ngase Siweni Samanqe. Kuthiwa nabo bangaMalala njengabantu bakwaNgcobo, Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka abantu bakwaLuthuli babebuswa nguMashiza indodana kaMavela kaNkomo.
Kuthiwa uShaka akazange abahluphe laba bantu kodwa umuntu owaba luhlupho kubona kwaba yinkosi yakwaQwabe uPhakathwayo. uPhakathwayo wabahlasela ngoba efuna umhlaba wabo ukuze awunike abafowabo baseMambedwini.
Kuthiwa enye indoda yakwaLuthuli yadikila yashiya abantu bakubo ngoba inengwa ukuphathwa ngabantu bakwaQwabe…Igama laleyo ndoda kwakunguShadwa kaSivuba kaDole kaMandlanduna..Wahamba nabantu bakubo ayivumellane nabo ukuthi balishiye izwe lakubo.Kuthiwa uShadwa wahamba nento eyayibaluleke kakhulu ebukhosini bakwaLuthuli, umlalazi. Kwaba ngokukhulu ukwelelesa esizweni sakwaLuthuli lokhu okwenziwa nguShadwa. Bazama ukumlandela ukuze mamephuce lo mlalazi ngoba phela kwakuthi uma amakhosi alapha egeza noma ezisusa uthuli ame phezu kwawo lo mlalazi osuhambe noShadwa. uShadwa wabalekela ngaseNingizimu-abazange bakwazi ukumthola.Kwakhona abasalayo laphaya eMpaphala , besala nendodana kaMashiza uPhosula kanye nomnawakhe wasekhohlwa uMjomba.kodwa nabo basala baphambana ngokukhuluma kwathi uPhosula wabalekela umfowabo wayozinikela kuPhakathwayo.Wathi uma esehlasela umfowabo esesizwa ngabakwaQwabe, uMjombo naye wabaleka wayokhonza kuMgabhi inkosi yaseLangeni ngaphesheya koMhlathuze.
UPhosula wazala uSikubeyana yena wazala uWojiwoji owazala uNjubanjuba obantu bakhebatholakala eMvoti.
Ngenxa yokuthi uShadwa wayefuna ukuzehlukanisa nabantu bakubo, futhi engafuni bawuthole umkhondo wakhe, wabiza abantu bakhe ngokuthi bangaMaThuli, esikhundleni sokuthi bangabakwaLuthuli..Ngenxa yokuthi amaThuli ayakhelane namaDebe aseMngeni,nabo baqala ukuba badebeze ubuso. Bangenwa ngomunye futhi umkhutshana okunquma ucikicane ilunga lokugcina..
Kwathi engasekho uShadwa abantu bakhe basala sebebuswa yindodana yakhe uMyebu owazala uNtaba .Lesi sizwe umngcele waso kwaba nguMngeni kanti eNingizimu umngcele kwaba nguMkhomazi.. baqala kodwa ukuhlaselwa yimpi yakwaZulu eyayesabeka kakhulu, Basheshe bayibona ingozi abantu baseMaThuli basheshe bazinikela kuShaka, owabathanda kakhulu, Sithola ukthi uShaka wakha umuzi wakhe wakwaKhangela izinkomo zakhe zazeluswa Mnini indodana kaFica.
uZakwe uzale uMavela yena wazala uLuthuli yena wazala uMadlanduna,,
uMadlanduna wazala uNkomo noDole, uDole yena wazala uSivuba yena wazala uShadwa noMayila,
uShadwa yenawazala u Myebu….
uNkomo yena wazala uMMavela2 yena wazal uMashiza yena wazala uPhosula noMjomba.
uPhosula wazala uSibukeyana yena wazala uWojiwoji owazala uNjubanjuba..

Sibonge Mashobane kodwa akukho la ekuvela khona igama laMshibe kulomlando.. ngabe kwenziwa yini loko.
Kuthiwa mshibe kamakhiphinje efukwini, mshibe kanonopha
Umlando kaDubazane sizwa ngandlebenye kthiwa sihlobene okanye siphuma kwaKhumalo. Ngalokho bengfisa ukwazi kancono ngalesbongo nokuthi nje sasizesibe oDubazane ngoba kwakwenzenjani. Ngiyabonga Mbulase ngajabulela kakhulu sizolwakho
Good day
Ngicela umlando wakwa Mvemve
Umlando wakwa Mbuthu