Shezi

AbakwaSHEZI!!!
………………………………………………………………………………………………..

Abantu bakwaShezi badume ngokuthi bangabantu baseMachebeni(AmaChube), kanti umholi neqhawe lakhona elidumile nguSigananda kaZokufa owabulawa ngamaNgisi ngesikhathi sempi kaBhambatha kaMancinza wakwaZondi.

Lesi sizwe sizinze laphaya eNkandla futhi sidume ngehlathi lakhona eliyisinindolo. Kanti futhi bakhe entabeni, abathi uma besho ngeyesizwe sakhona. Le ntaba igama layo kuthiwa kukwaManziphambana. Ihlathi laseNkandla njengoba laziwa kuthiwa libalulekile kakhulu emlandweni wakwaZulu ngoba uShaka ngesikhathi elwa noZwide walisebenzisa leli hlathi efihle khona izinkomo nokudla kanye nabesimame. Nalapho singasho ukuthi yilapho ayinqobela khona uShaka impi kaZwide. Okwesibili ,….idlinza lenkosi uCetshwayo kaMpande likuleli hlathi, futhi libhekwe yibona abantu baseMachubeni. Okwesithathu, uBhabhatha wakwaZondi naye wasebenzisa lona leli hlathi ngempi yamakhanda.


Kuthiwa isizwe saMachube kwakuyisizwe esasibusa ngokukhulu ukuthula, kwaze konakala ngesikhathi sokuba uBhambatha abalekele khona kanti ulandelwa ngamabutho amaNgisi. Wangena esihibeni-ke uSigananda owagcina eboshiwe ebekwe icala lokuvukela umbuso.
Wakhothamela ejele, kwathi indodana uNdabaningi naye wadingiswa, kwathi isikhundla sabanjwa ngumfowabo uMjadu owaze wakhothama ziyishumi nesikhombisa kuMasingana ngfonyaka wenkulungwane namashumi ayisishiyagalolunye namashumi amabili(17 -01-1920) eshiya indodana kaNdabaningi esikhundleni enguMdedane.

USigananda wayezalwa nguZokufa.

UZokufa ezalwa nguMvakela kaLumbazo kaDlaba kaHavovo kaSoshukulase..

USigananda yena wazala uNdabaningi. NoMjadu.

UNdabaningi wazala uMdedane..

……………………………………………………………………………………………………………………………………………..

AMaChube aduma ngoZokufa
kaMvakela kaLumbazo owayengukanina kaShaka
kaSenzangakhona ngoba uZokufa wayezalwa
yintombi yakwaMhlongo[udadewabo kaNandi,
unina
weLembe] eNguga Elangani…
AmaChube yisizwe esinomlando obalulekile
KwaZulu,Imvelaphi yabo iseNKANDLA ngoba
ingxenye enkulu yalendawo kuhlanganisa nehlathi
lakhona kungokwakaShezi. AmaChube yisizwe
esasinekhono lokwakha amageja nemikhonto
kanye nezinhlendla. Endaweni yaseNkandla kunentaba
ebizwa ngokuthi kukaNomachi lapho amaChube
ayephala amadwala awancibilikise bese kuphuma
insimbi ababenza ngayo lezinto ezibhalwe ngenhla.
Lokhu babengakwenzi bodwa babesebenzisana
nesizwe sakwaWoyisana[abakwaNzama]..
UZokufa kaMvakela wabamba elikhulu iqhaza empini kaZwide
kaLanga neLembe ngoba phela nguyena owayefihle
abesifazane , izingane kanye nezinkomo emahlathini
amaChube..Lesizwe saziwa kakhulu ngenkosi
yakhona uSgananda kaZokufa owazalwa ngo1810
wakhothama ngo1906. uSgananda wayesebuthweni
iNkutshane yeSilo uDingane
kaSenzangakhona .Wayewudibi uma kuliwa izimpi
zesilo uShaka.Wayekhona futhi esgodlweni
kaMatiwane eMgungundlovu ngesikhathi kubulawa
uPiet Retief.. uSgananda wabamba elikhulu iqhaza eSandlwana.
Waphinda wabamba
elikhulu iqhaza empini yaMakhanda kaBhambatha
kaManciza Zondi ngoba abalandeli bakaBhambatha
babecashe eMome eNkandla emhhumeni.
INkos’uSgananda naye wahlomisa esakhe isizwe
waze wahlabisa nabalandeli bakaBhambatha inkomo
ngesikhathi befika eNdlamadoda emzini wenkosi
uSgananda kaZokufa. uSgananda wagcina
eseboshiwe wakhothamela ejele eneminyaka
engu96..

………………………………………………………….

Izithakazelo zakwaShezi..!!

Dlaba, Mnomiya,Shukulase

Dludle,

Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,

Wadl’izinkomo zamaNdebele
,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,

Dlab’akadleli phansi.
Udle’edlodlweni,Abanye bedlela phansi,

Mavulane owavul’iNkandl’ivaliwe.
Mchube,Mlotshwa,

wena kaLumbazo , kaZokufa.
Sgananda phum’eNkandla…

……………………………………………………………………………..

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo