Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Lalela izibongo zikaDokotela u3Secs👂⬇️

Lalela izibongo zikaDokotela u3Secs 👂⬇️  

Incazelo ngeNtolwane

Nina beSikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha, saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!! Nanso-ke iNtolwane nina beSilo. Izimpande zalomuthi zinsundu ngokombala, zithi lapho sezifakwe emanzini ziwaguqule umbala abe bomvu tebhu. Wumuthi ophalazayo lona, ukhipha ukhucule yonke inyongo kanye nezindenda. Uqeda isidina nezinduna kumuntu osuke ephalaze ngawo, ubuye udambise nezinhlungu zesifo sehliziyo. Kubantwana uyachatha, uchathela ukuqanda izinhlungu zesisu esikhipha igazi. Uyagena nasemithini yokugeqa iqolo, ezinsizweni nasezintokazini. Abazali babuye bafake impuphu yawo ephalashini lezingane ,ukuze iyolwa nenyongo ngaphakathi esiswini, wenze inhliziyo yengane ithande ukudla. Ekuphalazeni ugijima nezibomvu, esingabala kuzo uMaphipha, iNgwavuma, uVumakubangoma obomvu, bese uthi chatha ixodlwana leNyazangoma elibomvu, noma uHlunguhlungu. INtolwane ibuye ibe yinhle kakhulu emfuyweni. Abafuyi bayiphuzisa imfuyo yabo ukuze inone, inothe yande,ichume. Iphuziswa kakhulu izimbuzi namathole. Zichuma kakhulu izimbuzi eziphuziswa iNtolwane, amathole wona anona  adabuke  .Kuyo yonke imfuyo iNtolwane iba yinhle kakhulu uma uthakwe nezimpande zikaBhoqo,nezikaVimbukhalo. Iphuziswa yonke imfuyo, amahhashi, izinkomo, amathole, izimvu ,izimbuzi nokunye. Le sikhali senza imfuyo inothe, inone,yande. UVimbukhalo

read more

 

error: Akuvumelekile lokho !!