Umlando ngesibongo sakwaBhebhe. Abantu bakwaBhebhe abatholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi bayingxenye yabantu baseLangeni , Mhlongo. UBhebhe abazibiza ngaye nguyena kanye owakwaMhlongo owazala iNdlovukazi yaseMkhindini iNdlovukazi u-Nand... qhubeka ufunde »
Umlando ngaMaNgwane akwaSigola: Abantu bakwaSigola batholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni okwabe kuyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba lidliwe ngamaNgisi ngowe 1893 ku-Lwezi empini yaseGadade. Laba bantu bakwaSigola bayingxenye yabaNguni abasuka neNkosi u-Mzil... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMguni. Abantu bakwaMguni ngesibongo sakwaMguni abatholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe engxenyeni ebizwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokwabe kuyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba lidliwe ngamaNgisi ngowe 1893. Laba bantu bak... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaSweswe. Abantu bakwaSweswe bayingxenye yabantu bakwaNcube abatholaka eNingizimu yezwe laseZimbabwe engxenyeni ebizwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokuyingxenye eyabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba idliwe ngamaNgisi ngowe 1893 . K... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMlalazi Abantu bakwaMlalazi batholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe , engxenyeni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokuyingxenye eyabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba idliwe ngamaNgisi ngowe 1893. Laba bantu babuye baziwe ngo... qhubeka ufunde »
Umlando ngesizwe sakwaMoyo. Abantu bakwaMoyo abatholakala kakhulu ezweni laseZimbabwe bayisizwe esikhulu futhi esinomlando ojule kakhulu. Indawo abatholakala kuyona kuthiwa kusebuKhalanga nokususelwa egameni elithi ‘Karanga’ nokuwulimi olukhulunywa kakhulu kuleya ndawo. Ezinye izilimi ez... qhubeka ufunde »
AbakwaMasikane kwakungabantu banye nabakwaDlomo eMakhabeleni, uKhokho wabo omdala kwakunguNdimane. Ngenkathi kuphinge izingane zakwaDlomo okunguNodada nomfowabo. Inkosi Magedama yabiza umhlangano kwaphuma isinqumo sokuthi basikelwe indawo eseMakhabeleni, eNdimakude. Indlu kakhokho uNdabambi kaMdiman... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaMsane abande kakhulu eHluhluwe nakoMtubatuba bakhumbuleka kakhulu ngamaqhawe abo amabili oNxaba kaMbekane noMgobhozi kaNongqwewu Msane . UNxaba Msane wayebusa isizwe sakwaMsane ngesikhathi iLembe lihlanganisa izizwe ngeminyaka yama 1800 . Umuzi weNkosi uNxaba kwakusoGobeni , lowo muzi wa... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaHlophe Abantu bakwaHlophe imvelaphi yabo iseSwazini. Isibongo sakwaHlophe singesinye sezibongo ezehluke ngezithakazelo noma ngithi ngezithopho.Isibonelo nje bakhona oHlophe abangamfaki uThumbeza ezithakazelweni zabo.UThumbeza yisona sithakazelo abantu bakwaHloph abaziwa ngaso... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaNdondo kusengabantu bakwaHadebe , ngakho-ke ngokwezigaba zabaNguni nabo bangabaNguni abawuhlobo lwabaMbo Nguni njengabo abakwaHadebe . Laba bantu babuye baziwe ngokuthi nangaMaHlubi , kususelwa egameni likaKhokho wabo uHlubi wayephila kudala kakhulu. UHlubi wayeyindodana kaHadebe okwaw... qhubeka ufunde »