AbakwaMasikane kwakungabantu banye nabakwaDlomo eMakhabeleni, uKhokho wabo omdala kwakunguNdimane.
Ngenkathi kuphinge izingane zakwaDlomo okunguNodada nomfowabo. Inkosi Magedama yabiza umhlangano kwaphuma isinqumo sokuthi basikelwe indawo eseMakhabeleni, eNdimakude.
Indlu kakhokho uNdabambi kaMdimane wakwaDlomo owayezala indodakazi uNodada yaseka indodakazi yabo baluduba uzalo.
Ngenxa yokuthi babesikelwe indawo yabo bafike bazibiza ngoMasikane bangabe besazihlanganisa nakwaDlomo.
Ukhokho Ndabambi ubezalwa uMdimane abafowabo kunguLanga noZipho. Yena wazala uNombanga kanye nabanye.
Bagcina sebehlakazeka lapho babesikelwe khona izwe bahamba baze bayofika koMpumalanga naseSwazini.
Ukhokho Nombanga uyena osale kwaZulu wandisa isizwe sakwaMasikane wakha izindlu eziningi njengoba kweyaseMnambithi wazala uNdabuko, Mzizi, Mbumba noMaheshe.
KweyaseMbhedeni indlu wazala uNyaniso uyise kaMashuqini noMhlophe.
Enye yezindlu yakhe yayiseHlwathi eNdimakude eMakhabeleni, kuleyondlu kwabuye kwaphuma OMasikane bakaKhokho uMzwazwa kaNzipho abafudukela eLilane ngaseMatimatolo yagcina isinyukele eShane ngaphansi kweNkosi uSthole sebeholwa uShodwana kaJanilozi kaMzwazwa.
Enye indlu iseHluhluwe uma udlula koMpangeni
Enye kwazalwa oNkosikayithandwa kaMzuzwane owayelama emhlane uNkonge.
Izithakazelo zakwaMasikane:
-Tiba
-Nyabuse
-Mphokwe
-Mleke
-Scubu somlenze kasiphekwa
-Wasipheka kuqhuma izimbiza
Kuloba Mthokozisi kaZweni kaMgewula wakwaDlomo