Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Shembe

Umlando ngesibongo sakwaShembe   Abantu bakwaShembe baphuma kuMantungwa akwaDonsa , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u... qhubeka ufunde »

Mngwengwe

Umlando Nezithakazelo ZakwaMngwengwe #Ucashunwe ku-Lwazi Programme. *Izithakazelo zabo* Mngwengwe kaZitha kaNyamande Nyama kayishi, isha ngomphephezelo. Abehla ngomzungulu wasala wabola *Umlando wabo:* Abantu bakwaNgwengwe bavela enkabazwe lapho bephuma khona.Behla njalo ngasogini oluseMpumalanga baze bafika lapho kuseMozambique base besabalala abanye badlulela eSwazini baqhubeka abanye laba esesibathola kwaZulu. Inkosi yaso lesi sizwe yayikade inamadodana amabili angamawele. Kwenzekile ke elidala laqonywa yintombi. Lamawele abefana ngalendlela yokuthi bekunzima ukuwahlukanisa. Nentombi ibihluleka nawukuwahlukanisa indlela abefana ngayo. Kuthi lapho inkosi isiguga yathi eweleni elidala alikhombe intombi ukuze liganwe bese elibeka esikhundleni sobukhosi. Kanti elincane liyakuzwa lokho okushiwo inkosi kumfowabo omdala. Labe seliya entombini lathi uyise ufuna ukulibeka esihlalweni sobukhosi nokuthi laqhubeka lathi selizondwa nayileli elinye iwele, lifuna ukulibulala, ngakho abeqe. Nebala beqa nebutho labalandeli baze bafika lapho kuyiKwaZul khona namuhla, njengoba sekushiwo. AbakwaZondi bafika kamuva ababebaleke kubo kwaDlamini eSwazini. Kamuva nje sekubusa iLembe KwaZulu, ngelinye ilanga kwakucitshwa inseam. Kwakuneqhawe lakwaNgwengwe elalinemba kangangoba laze laciba ibhece lisekhanda lentombi

read more

Ngongoma

Umlando ngesibongo sakwaNgongoma. Abantu bakwaNgongoma bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni, basekanye nabantu bakwaNgcobo, abakwaNgidi, abakwaShangase , abakwaHlabisa , abakwaNzama, abakwaChamane kanye nabanye. Zonke lezi zibongo ziphuma kuVumizitha ,owayephila eminyakeni eminingi kakhulu eyadl... qhubeka ufunde »

Cebekhulu

Umlando ngesibongo sakwaCebekhulu Abantu bakwaCebekhulu bangaMangwe, bakanye nabantu bakwaZwane , abakwaHludla, abakwaNdiweni, abakwaNsele kanye nabanye. Akucaci kahle ukuthi lesi sibongo sakwaCebekhulu saqambeka kanjani, kuningi nje okushiwo ngoSomlando mayelana nokuqambeka kwalesi sibongo sakwaCeb... qhubeka ufunde »

Fakude

Umlando ngesibongo sakwaFakude (Fakudze): -Kuloba uErnest Lulama Nxasana. Umlando womlomo usitshela ukuthi isibongo sakwaFakudze savela ngesenzo sendoda eyayihlala ezintabeni zaseSwazini. Kuthiwa ngesikhathi inkosi uSobhuza wokuqala efika ezweni laseSwazini wathola indoda eyayihlala ezintabeni ezazi... qhubeka ufunde »

Machi

Umlando ngesibongo sakwaMachi Kuloba uMthokozisi Fabase Dlomo AbakwaMachi kusengabantu bakwaXolo njengoba bezalwa umuntu munye uMsuthu kaNtamonde kaSabela kaHenge.Lezizwe sizithola sezisendaweni yaseMatatiela esiDumbini zibuswa inkosi Sabelo zidabuka eLisotho.Sekubusa inkosi Ntamonde kwaba nempi yob... qhubeka ufunde »

Mathonsi

Umlando ngesibongo sakwaMathonsi Abantu bakwaMathonsi kuthiwa baphuma eBathenjini , kuthiwa bahlobene futhi nabantu bakwaMadondo. Endulo sibathola bakhe ngaphansi kwentaba iQhudeni ngaseNkandla. Kuthiwa abantu bakwaMathonsi baphuma kuBathembu abangoMvelase, namuhla esibathola bethe chithi saka eMsin... qhubeka ufunde »

Khanyile

Umlando ngesibongo sakwaKhanyile ***Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo*** (Lo mlando ucashunwe encwadini ka Solwazi J Maphalala esihloko sithi ‘Izibongo zamakhosi akwaZulu uMqulu 3) Abantu bakwaKhanyile bawuzalo lwenkosi uMalandela njengabantu bakwaQwabe, abakwaZulu, abakwaSibiya, abakwaGaz... qhubeka ufunde »

Mpontshane

Umlando ngesibongo sakwaMpontshane Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha ethi ‘Ziphuma eguleni’ Abantu bakwaMpontshane kusengabantu bakwaButhelezi, baphuma kuJeqe Buthelezi owabe eyiNsila yeSilo uShaka . Ngenkathi uJeqe eyiNsila lapha... qhubeka ufunde »

Njilo

Umlando ngesibongo sakwaNjilo Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo *Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi ‘Ziphuma eguleni’ Abantu bakwaNjilo bangamaDebe Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Endulo sibathola bakhe ngasemfuleni uMlaza , kodwa ngenxa yezimpi ezazid... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!