Khuphe

Umlando ngesibongo sakwaKhuphe .

Abantu bakwaKhuphe iningi labo litholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe endaweni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokuyindawo eyabe iyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba idliwe ngamaNgisi ngowe 1893 . Kukhona noSopolitiki weSifazane ogama lakhe lingu -Thokozani Khuphe. Laba bantu bakwaKhuphe babekade beyingxenye yaBakone baseMokopane (entabeni uMgombane) abahlaselwa bathunjwa iNkosi u-Mzilikazi Khumalo eminyakeni yama-1930s . UKhokho wabo ngu-Kgope wakhona ebuKoni. Abantu basekanye nabakwaMatlala, Mothiba, Ngoepe, njalo njalo. Igama elithi ‘kgope’ lisho imbila isilwane esihlala emigedeni entabeni, kuyileso sizathu abakwaKhuphe behlonipha iMbila noma uNogwaja. UNogwaja phela nawo useyingxenye yomndeni weziMbila.

Kwathi ngesikhathi sekuwelelwe ngaphesheya kweNgulukudela abantu bakwaKhuphe bahlaliswa emngceleni wezwe likaMthwakazi nelabaNgwato(iBotswana) , kuyileso sizathu abantu bakwaKhuphe bebuye betholakale naseBotswana. Umuntu ogqama kakhulu emlandwini walesi sibongo ngu-Tshilalu Khuphe okuthiwa nguyena owayebahola ngesikhathi seNkosi u-Mzilikazi. Kwathi ngesikhathi seNkosi u-Lobhengula kwabuthwa izinsizwa zakwaKhuphe zibuthelwa eviyweni elabizwa ngokuthi yi-ZiNhlabamkhosi noma iZiKhuza . Leli Viyo umsebenzi walo kwabe kuwuba iZinhloli ezazibheka konke okwakwenziwa iNkampani eyabe inikezwe imvume yokwemba amatshe ayigugu ngaseThathi. IThathi ingxenye yezwe likaMthwakazi eyagcina idliwe ngabaNgwato ngosizo lwamaNgisi . Lendawo icebe kakhulu ngamatshe ayigugu ikakhulukazi igolide . IZiNhlabamkhosi zayalelwa ukuba zingaklekli ukuze zidide abaNgwato namaNgisi. Kwathi ngowe 1947 izwe selidliwe ngaMaNgisi ngokuphelele iNkosi u-Tsekedi yabaNgwato yangaleso sikhathi yadlisa abaThwakazi ababezinze ngaseThathi imbuya ngothi,yanancisha intuthuko , nokwaholela ekutheni iningi labo ligcine lifudukele ngaloBulilima nakwabe kungamanxiwa abo akudala.


Kukhona enye ingxenye yabakwaKhuphe ezibiza ngokuthi ingekayakwaNgwadi, lokho kususelwa ekutheni kwathi ngenkathi abantu bakwaKhuphe behamba besuka ngaseThathi sekubhoke indlala bazisiza ngokudla izithelo ezazibizwa ngeziNgwadi. Enye indlu evelayo ekaButale , yiyona ethe chithi saka kweleBotswana.

Ake ngime lapho nina beNgabade

Izithakazelo zakwaKhuphe

-Mpheri wegumbo Hulu

-Ntombo

-Sungwasha

-Mvundla

#Khumu!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo