Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Umlando ngeSilo uDingane ka Senzangakhona,iSilo saseMgungundlovu

  Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! UMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kawaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nasezansi ngiyayi... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uSenzangakhona ka Jama

  Nina abaQangabhodiya wawoMkabayi uQabi kwezameva eNtendemuzi! UMenzi kabongwa ngabalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko zond’intamo! INakazi emnyama yakithi kwaNobamba , uSisanhloko kanti abanye bas’izinyawo! Enhla nasenzi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethe... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uMkabayi ka Jama

  UMntwana uMkabayi wayezalwa yinkosi uJama ka Ndaba , inkosi uJama yiyona ezala inkosi uSenzangakhona uyise weLembe , iSilo uShaka. Lokho kusho ukuthi uMntwana uMkabayi wabe enguDadewabo wenkosi uSenzangakhona , kanti kuphinde kusho ukuthi wabe enguBabekazi weLembe. UMntwana uMkabayi wabe eyiw... qhubeka ufunde »

Umlando  ngoMntwana uMshiyeni ka Dinuzulu .

      Umlando ngoMntwana uMshiyeni ka Dinuzulu UMntwana uMshiyeni okwaqanjwa ngaye iSibhedlela esiseThekwini  iPrince Mshiyeni  Hospital wayezalwa yiSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu,kwiNdlovukazi uSilomo ka Ntuzwa Mdlalose . INdlovukazi uSilo yaba ngenye yamakhosi eSilo uDinuzulu eyak... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uTshanibezwe ka Mnyamana Buthelezi:

  Inkosi uTshanibezwe yayizalwa inkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi . Inkosi uMnyamana yagqama kakhulu ngezikhathi zokubusa kweziNgonyama oCetshwayo kanye noDinuzulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo inkosi uMnyamana yabe inguNdunankulu ka Zulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande... qhubeka ufunde »

Umlando ngesizwe samaNdebele asesifundazweni saseMpumalanga:

  Isizwe samaNdebele namuhla sisithola esifundazweni saseMpumalanga , endaweni ebizwa ngaso , okuthiwa kukwaNdebele. INzalabantu yesizwe samaNdebele kuthiwa uNdebele , owabe engenye yamadodana enkosi uMnguni ka Ntu, okuthiwa nguyena odabula wonke amaNguni. Lesi sizwe samaNdebele asihlobene naba... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon Zulu

  ISilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu  Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon ka Dinuzulu kuthiwa sazalwa mhlaka zizine{4} kuNcwaba 1924 , sakhothama mhlaka 17 kuMandulo 1968, sakhothama sineminyaka engamashumi amane nane{44}. Ibutho laso kwabe kunguManukelana {INgangakazane eyanukela iziz... qhubeka ufunde »

Izithakazelo, kweleNgabade jikelele:

Izithakazelo, kweleNgabade jikelele: Wena weSilo nazi zezinye zezithakazelo zezibongo ezitholakala lapha KwaZulu -Natal , nakwezinye izingxenye zezwe. Ake ucoshe nawe . Izithakazelo : Bhembe – {Mashinini, Guliwe, Ntozimandla} Bhengani- {Singo, Nyambawu} Bhengu –{ Ngcolosi, Shongololo, Dlabazane,... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe

Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe Inkosi uZwide ka Langa yamaNdwandwe yaba ngenye yamakhosi eyabe imandla kakhulu endulo, ngezikhathi zezimpi ezaziqhubeka kweleNgabade, ezibizwa ngokuthi uMfecane.Lezo izimpi ezaziqhubeka ngeminyaka yama-1800. UMfecane izimpi lapho amakhosi ayehlasel... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uShingana ka Mpande ka Senzangakhona:

Umlando ngoMntwana uShinganaka Mpande ka Senzangakhona: UMntwana uShingana wayezalwa yiSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona . Kuthiwa wazalwa ngenkathi uYise uMntwana uMpande ewela uThukela ngo 1839,ephikela emaBhunwini ka Andries Pretorious , uNgalankulu.  Kwakungenkathi uMntwana uM... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!