Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yaseMaqadini{kwaNgcobo}

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yamaQadi Inkosi uDube ka Silwane yabaseMaqadini yabusa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oShaka noDingane. AmaQadi ayindlu yakwaNgcobo , baphuma kuNgothoma ka Dingile ka Ngcobo ka Vumizitha {esimazi kakhulu ngelikaVumezitha}. Uma uMnumzane eganwe yisithembu , inkos... qhubeka ufunde »

Izithakazelo ezifanayo \Amagama afanayo

Izithakazelo ezifanayo\Amagama afanayo Ukufana kwamagama abantu akuyona into eqala manje , kuyinto ekade yaqala , eyaqala endulo . Abantu abaningi bayadideka olibweni lakwabo ngenxa yokufana kwamagama. Umuntu ugcina esezihlobanise nesibongo angahlobene nhlobo naso . Kubalulekile ukwazi  amagama oKh... qhubeka ufunde »

Imizi yamakhosi akwaKhumalo

Imizi yamakhosi akwaKhumalo: Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa kakhulu umlando waMantungwa .   Umuzi wenkosi uBheje kwakuseTsheni likaBheje. Lo muzi wawakhe endaweni yaseNgome. Inkosi uBheje yayizalwa inkosi uMagawozi kaZikode umfowabo Mashobana kaZikode. Inkosana yenkosi uZikode kwakunguGasa kaZikode owazala uMagugu , uDonda noSiwela. USiwela ungukhokho waMantungwa akwaNdlangamandla.  Umuzi wenkosi uDonda kwakuseZizibeni. Lo muzi wakwakhe ngaphezu komfula iSikhwebezi . Kusuke kushiwo wona lo muzi uma kuthiwa kumuntu wakwaKhumalo ‘Donda weZiziba’. UDonda wayazalwa nguGasa njengoba besengishilo. Yena wazala uMaqandela. Umuntu owawwugqamisa kakhulu umlando waMantungwa kulendlu kaDonda nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo uCetshwayo kaMpande. UMahlangeni wasala empini yaseMsebe ngowe 1883 empini

read more

Umlando ngeqhawe lakwaMbatha , uManyosi ka Dlekezela

Umlando ngeQhawe lakwaMbatha u-Manyosi ka Dlekezela Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni. Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama u-Shaka , u-Dingane kanye noMpande . Kuthiwa yayondlekile, iqatha, isukile naseGadeni ,iyinde ilaphaya. Kuthiwa le nsizwa yayidume ngokudla imbuzi iyodwa vo iyishaye iyiqede maqede yehlise ngomhluzi wayo wayo kanye nezinkanjana zamankwebevu. Kuyileso sizathu into ka Dlekezela yazimuka kakhulu, yaba nesisu esikhulu . Kuthiwa ize u-Manyosi wayeqatha ezimukile kodwa kwakuthi uma sekuliwa agxume awuzwa nhlobo umzimba wakhe owabe umkhulu, singasho nje ukuthi ubuqhawe bakhe babuthi abufane nobuka Nozishada ka Maqhoboza Nzuza kanye noMbiko ka Madlenya Masuku nabo okuthiwa babekhuluphele kodwa kwakuthi uma isinyathela awabantwana bahlabane kakhulu bagonise izitha amathumbu. U-Manyosi -ke yena wayengagcini ngokuba liQhawe kodwa wayebuye abe u-Somahlaya weziNgonyama kusukela eNgonyameni u-Shaka kuze kube seNgonyameni yakwaNodwengu u-Msimude. Kuthiwa wayededela amahlaya anzima kabi okaNdabezitha ,zihleke iziNgonyama kuze kube buhlungu izisu. Kuthiwa imfuyo yakhe yayibulala inyoka okaNdabezitha, izinkomo kungu-Chibidolo

read more

Umlando ngeNduna uMdlaka ka Ncidi Ntshangase

Umlando ngoMdlaka ka Ncidi uMdidiyeli wezimpi zeLembe. Wayebuye abe yiNduna eNkulu yaseSiklebheni. U-Mdlaka ka Ncidi Ntshangase wabe enguNdunankulu  weSilo u-Shaka, futhi engu-Mdidiyeli omkhulu wempi yeLembe. ” UKhatha-lukhulwini, Balwesabay’uZulu Onyathela ngomkhont’enhlakanhlakeni Olobola ngomkhonto kwaNxaba(kwaMsane) Zonke izizwe zambelekela UNgqombonjeni UKhatha-lukhulwini kumaNdwandwe Inkomo ebixhophile ekhathaz’uNdwandwe USigubudu semkhonto UNgwadla phangel’uMbelebele(iButho leLembe) UZagiyana zezomkhonto! UMahlatshw’ebuhleni #Ulibinda Abantu bakwaNtshangase kusengabantu bakwaZulu , bangabasende leNkosi uNdaba eSigodlweni yaseMgazini noma eGazini, omunye umuzi weNkosi uNdaba kwakuseMqekwini. INkosi uNdaba izala iNkosi u-Jama ,yona iNkosi uJama izale iNkosi uSenzangakhona uYise weLembe. UKhokho wabantu bakwaNtshangase nguShwankweni owabe engowendlu encane khona eMgazini.Inkosi uNdaba ibuye izale nabakwaBiyela, bona-ke baphuma endodaneni yayo  uXhoko . Uma kuxoxwa ngoMdlaka kufuneka sikhumbule ukuthi babebabili oMdlaka futhi bobabili babephila ngesikhathi seLembe. Omunye uMdlaka wayengowakwaLanga , wayeyiNduna yeButho uFasimba nokuyiButho elabuthwa yiLembe. UMdlaka Langa wayezalwa uSodumase , eNkandla. Sisazobuye sixoxe ngaye kabazana uMfoka Sodumase ngelinye ilanga. UMdlaka ka Ncidi wayeMdidiyeli wempi yeLembe ,nguyena owaphaka impi yaseMpondweni eyalwa ngaMampondo eNkosi

read more

Incazelo ngoMkhosiwokweshwama\uMkhosiwoselwa

UKUNYATHELA USELWA / UMKHOSI WOKWESHWAMA/INXWALA/INCWALA Lona nguMkhosi owethakaselwa kakhulu isizwe samaZulu. Uqhutshwa ngasekuqaleni konyaka ngenyanga kaMasingana (Janawali). Ngalesi sikhathi uselwa lusuke seluvuthiwe seluwulungele lomsebenzi. Ubuye waziwe ngokuthi nguMkhosi Wokweshwama ngoba ‎kusuke kweshwanywa ukudla okusha ezweni. Isizwe asivunyelwe ukuthi sidle kuqala ukudla okusha oNgangezwe lakhe engakakudli maqedane akhulule isizwe sakhe ukuba sidle. Owayeqa lomthetho adle ukudla ngaphambi kwalo Mkhosi wayejeziswa ngoba ngisho neNgonyama yayingakudli ukudla okusha ngaphambi kokuba inyatheliswe uselwa. Lo Mkhosi eSwazini waziwa ngokuthi i’Ncwala’. KwaMthwakazi loMkhosi waziwa ngokuthi ‘yiNxwala /uMkhosi weNxwala’. Amabutho eNgonyama akha amadlangala ahaqe umuzi weNgonyama ngaphambi kokuba kube yilolu suku olukhulukazi. Alala kuwo lamadlangala, avuke ebusuku kusempondozankomo ahube amahubo empi akhuze nezaga kube kuhle kube yinqaba. Uma kulungiselelwa loMkhosi iNgonyama ayilali elawini layo kodwa ilala endlini yobukhosi. Umuntu onelungelo lokungena kuba ngunina nezalukazi ezindala kanye nensila yayo. INgonyama iyabazila oNdlunkulu ngalesi sikhathi nabo futhi ababi uvanzi bagcaluze ebaleni lenxuluma njengokwejwayelekile. Uma iNgonyama ilindele loMkhosi ihlezi kulendlu

read more

Umlando ngenkosi uJobe ka Khayi,yaBathethwa🖋️

Umlando ngoJobe 18 Dec 2022 Umlando obhalwe phansi ngenkosi uJobe ka Khayi yabakwaMthethwa.🖋️ Endulo babebabili uJobe ,kwakukhona uJobe wakwaMthethwa kanye noJobe wakwaSithole. UJobe wakwaSithole yena wayezalwa uMaphitha, waphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka kwaZulu. UJobe wakwaMthethwa yena waphila ngesikhathi sokubusa kwenkosi uJama ,kwaze kwaba isikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona ka Jama. Bobabili oJobe babengamakhosi. Okubuye kumangaze kakhulu wukuthi bobabili oJobe bazala oMondisa. Ngamanye amazwi endulo babebabili oMondisa ka Jobe ,kwakukhona uMondisa ka Jobe wakwaMthethwa owaphila ngesikhathi seSilo uShaka,iLembe . Kwakukhona futhi noMondisa ka Jobe wakwaSithole owaphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande , yena wazala uMatshana owabuthelwa ebuthweni uThulwana elalibuye laziwe ngaMamboza. Ibutho uThulwana labuthwa iSilo uMpande , lalande kakhulu aBantwana beSilo uMpande , kubandakanya noMntwana uCetshwayo. Lokho kuchaza ukuthi uMatshana ka Mondisa ka Jobe wayeyintanga yeSilo uCetshwayo. Inkosi uJobe ka Khayi yabaThethwa izala inkosi uDingiswayo. Inkosi uDingiswayo yiyona eyalandela inkosi uJobe esihlalweni sobukhosi. Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uJobe Mthethwa kwasekuqalile ukubuthwa kwamabutho,kwazise kuthiwa kwaqala

read more

Incazelo ngoNomkhubulwana 🖋️👇🏿

Incazelo ebhalwe phansi ngoNomkhubulwana 🖋️ Lolu lwazi lucashunwe encwadini yoBaba uNxumalo noNyembezi esihloko sithi ‘iNqolobane’. Kuthiwa uNomkhubulwana wabe aziwa ngokuthi uyiNkosazana yeZulu, noma indodakazi ka Mvelinqangi, uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba.  Kuthiwa abantu basendulo, babekholelwa ekutheni uNomkhubulwana unikeza abantu izivuno ezinhle. Futhi babekholelwa ekutheni nguyena owayekwazi ukubaxhumanisa noMvelinqangi . Nguyena owabe edlulisela izicelo zabo kowaVela-kuqala. OKhokho bethu babemazisa kakhulu uNomkhubulwana, bemthwele ngeqoma , kangangokuthi babeze bamtshalele nensimu yakhe. Kuthiwa insimu ka Nomkhubulwana yayilinywa ngamakhosikazi wonke esigodi ,ayeyilima ngamakhuba emikhono.  Kule nsimu ka Nomkhubulwana kwakutshalwa ingxubevange yembewu ,kuthi lapho komila khona kube yinto exubene,kungahlakulwa kungavunwa. Mhla kulinywa le nsimu oMame babehuba iHubo elaliqondene naye uNomkhubulwana. Lelo Hubo lalithi Oholayo “Nang’uMagejana nango! Sibiz”amabele awoMame! Abavumayo “Wo hhaye ! Buyani madoda. Niz’ekhaya ! Wo hhaye hhaye!” Kwakuthi ngesinye isikhathi uNomkhubulwana aphiselwe uNomdede igama lotshwala ayephiselwa bona liqondiswa futhi nedili lonke nje lika Nomkhubulwana. Lobu tshwala bukaNomkhubulwana babusiwa ensimini yakhe uNomkhubulwana, obunye babuphuzwa  ,kuhutshwe neHubo likaNomkhubulwana.

read more

Umlando ngoMngoye ka Dingiswayo⬇️

UMngoye Ka Dingiswayo 01 Dec 2022⬇️ Umlando ngoMngoye ka Dingiswayo. UMngoye wabe engenye yamadoda eSilo saBathethwa, iSilo uDingiswayo ka Jobe ka Khayi . Ngokomlando obhalwe phansi ,ezincwadini zoStuart , Bryant nabanye kuthiwa iSilo uDingiswayo sakhothama ngo1818,ngesandla senkosi uZwide ka Langa,yaMandwandwe. Kuthiwa sakhothama singayikhombanga indodana eyabe izothabatha isikhundla sayo,uma sona sesikhotheme . Kwasuka isidididi kwelaBathethwa emuva kokukhothama kweSilo uDingiswayo, uMondisa ka Jobe wazibeka njengenkosi yaBathethwa . Esezibekile kuthiwa waqala ukusoconga izikhulu zakwaMthethwa ezabe zingahambisani nokuzibeka kwakhe . Kuthiwa wabulala eziningi impela izikhulu. Kepha naye wagcina eshonile , ebulawa yimpi yeSilo uShaka . Kuleso sidididi ,noma ngithi kulezo zinxushunxushu kuthiwa kwaba khona aBathethwa abalifulathelayo elaBathethwa . Kubalwa nenkosana yeSilo uDingiswayo,uSomveli okuthiwa waphikelela kwaSoshangane,kwaGasa ,eMuzambikwe. USomveli wazala uSitimela , owagcina ephindele kwaMthethwa ,wayozama ukuthatha ubukhosi kepha kwahlanga zemuka nomoya . Isizathu esabangela ukuthi abanye baBathethwa bathi nyomu kwelaBathethwa kwaba wukuthi emuva kokubulawa kukaMondisa ebulawa iLembe, iLembe labeka uMmbiya ka Shangana ,owabe engafanelwe ubukhosi

read more

Umlando ngoMondisa ka Jobe Mthethwa⬇️

Umlando ngoMondisa/e ka Jobe Mthethwa. Endulo babebabili oMondisa, kwakukhona owakwaSithole ,kwakukhona futhi nowakwaMthethwa. OwakwaMthethwa wabe engenye yamadodana  enkosi uJobe ka Khayi,engumfowabo wenkosi uDingiswayo. UMondisa wakwaSithole wayezalwa inkosi uJobe ka Maphitha Sithole, nguyena owabusa abakwaSithole eQhudeni emuva kokukhothama kwenkosi uJobe . Yena wazala uMatshana ,owabusa abakwaSithole ngesikhathi seSilo uCetshwayo . Inkosi uMatshana ka Mondisa yabamba elikhulu iqhaza empini yaseSandlwana,mhla uZulu wehlula amaNgisi ,mhaka 22 Masingana 1879. UMondisa wakwaMthethwa yena waphila ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka, iLembe. Ngokomlando obhalwe phansi ezinqolobaneni ezilondoloza umlando, kuthiwa inkosi uDingiswayo yakhothama ngo1818 ,ngesandla senkosi uZwide ka Langa Ndwandwe, kuthiwa yakhothama ingayikhombanga insizwa eyabe izoyilandela esihlalweni sobukhosi . Kwathi ukuba inkosi uDingiswayo ikhothame, uMondisa wazibeka esihlalweni sobukhosi  , waba nguyena inkosi yaBathethwa. Kuthiwa ukuhlala kukaMondisa esihlalweni sobukhosi kwabangela ukuba isizwe saBathethwa sinqamuke kabili. Enye ingxenye yamvuma uMondisa njengenkosi , kodwa enye kayavuma ukuba aphathe.  Kuthiwa uMondisa waqala-ke manje ukubulala izikhulu zakwaMthethwa azabe zingahambisani nokuphatha kwakhe. Kuthiwa wazingenela impela

read more

error: Akuvumelekile lokho !!