Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe

Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe

Inkosi uZwide ka Langa yamaNdwandwe yaba ngenye yamakhosi eyabe imandla kakhulu endulo, ngezikhathi zezimpi ezaziqhubeka kweleNgabade, ezibizwa ngokuthi uMfecane.Lezo izimpi ezaziqhubeka ngeminyaka yama-1800. UMfecane izimpi lapho amakhosi ayehlaselana ngenhloso yokwakha noma yokukhulisa ubukhosi bawo . Amakhosi ayenqotshwa ayephoqeleka ukukhonza ngaphansi kwaleyo nkosi esuke idle umhlanganiso . Lowo mkhankaso  wagcina uphunyelelwe yiSilo uShaka , kwakheka isizwe esisodwa esinguZulu. Isizwe sakwaNdwandwe sagqama kakhulu ngaso isikhathi sokubusa kwenkosi uZwide , kanti nezwe nalo lanwebeka laba likhulu ngaso isikhathi sokubusa kwayo inkosi uZwide. Kuthiwa umngcele walo wawusuka phezu komfula uPhongolo kuze kuyoma ngeMfolozi emnyama, kwehle njalo kuze kuyofika eSikhwebezi , eduze kwehlathi laseNgome , kuphinde kwehle njalo kuyashaya ngasolwandle kwiSt .Lucia Bay .

Imizi yenkosi uZwide ka Langa

IHlankosi lenkosi uZwide lalibizwa ngokuthi kukwaNongoma, yilona okwaqanjwa ngalo idolobha lakwaNongoma.Omunye umuzi wenkosi uZwide kwakukwaDlovunga , kuthiwa kulowo muzi kwakuhlala iNdlovukazi uNtombazi , unina wenkosi uZwide . Eminye imizi yenkosi uZwide kwakusoPhiyaneni , kwaLindizwe , eSikhwishini , eKuqobokeni , eManyandane, kwaNdwalaza, eNgoqongweni, eMpungakazi , eMpakama kanye neminye . Umuzi waseManyandane uyavela ezibongweni zenkosi yaBathwakazi , uMzilikazi ka Mashobana uma kuthiwa “ISinambathi sigxabhe senyela eManyandane” , nowaseKuqobokeni uyavela ezibongweni zeLembe uma kuthiwa “UZulu lidume emuva komuzi eKuqobokeni , lwazithatha izihlangu zamaPhela”. Lezi zibongo zakheka ngemuva kokuba iSilo uShaka sehlule inkosi uZwide . AmaPhela yibutho le nkosi uZwide.

Iqhaza leNdlovukazi uNtombazi embusweni wenkosi uZwide.

INdlovukazi uNtombazi yayiqhamuke eSwazini , yayizalwa uNdlangamandla wakwaNtshalintshali. Kuthiwa yafika kwaNdwandwe kusabusa inkosi uLanga , uyise wenkosi uZwide. INdlovukazi uNtombazi yayikhokhovu lwenyanga olwalubuye lube wuMkhunkuli. Yiyona eyayelekelela inkosi uZwide ngezintelezi ezinamandla , okuyizona ezazenza kube lula enkosini uZwide ukuba yehlule amanye amakhosi. Kwakuthi uma inkosi uZwide yehlule enye inkosi -ikhanda lalelyo nkosi lalishumpulwa , liyophanyekwa eLawini leNdlovukazi uNtombazi , kuhlotshiswe ngalo iLawu. Lowo mkhuba kuthiwa wawuyindlela yokuqinisa izintelezi zeNdlovukazi uNtombazi , eyayibuye yaziwe ngeleNdlamadoda. Maningi amakhanda amakhosi aphelela kwaDlovunga , eLawini le Ndlovukazi uNtombazi .  Singabala elenkosi uDingiswayo , enkosi uMashobana ka Zikode , elenkosi uPhungashe ka Qwangubana yakwaButhelezi , elenkosi elenkosi uDonda ka Gasa yakwaKhumalo , elenkosi uMlotha yaMantshali . kanye namanye . INdlovukazi uNtombazi yakhothama ibulawa yimpi yeLembe ngenkathi impi yeLembe inqoba eyenkosi uZwide ngowe 1821. Okubuye kushiye imibuzo ngeNdlovukazi uNtombazi wukuthi abantu bakubo okungabakwaNtshalintshali bahlobene nabakwaNdwandwe , nabo baphuma kuLodonga ka Mavuso waseSwazini njengabo abakwaNdwandwe. Kodwa kubuye kungamangazi kakhulu ngoba sibona nenkosi uMzilikazi  nayo yabuye yaganwa uMaNxumalo kodwa ibe izalwa yiSithole sakwaNdwandwe. UMaNxumalo wayizalela inkosana yayo uNkulumana. Kanti nenkosi uDingiswayo yayizalwa uMaMbokazi , kanti ngokomlando abantu bakwaMbokazi basondelene kakhulu nabakwaMthethwa.

ISilo uShaka sehlula inkosi uZwide :

Ababhali bezincwadi bangaphambilini bathi kwakuwunyaka ka 1821 ngenkathi kubambana phezulu izinkunzi ezimbili, iSilo uShaka nenkosi uZwide , kuthiwa zanqikilana izikhawu ezintathu . Kuthiwa esokuqala saba laphaya egqumeni lakwaGqokli, esesibili kuthiwa saba semfuleni uMhlathuze, esesithathu futhi esaba esokugcina saba laphaya ehlathini laseNkandla . Njengoba besengishilo nina beSilo, izimpi zoMfecane kwabe kungezokwakha ubuNgonyama , inkosi eyayidla umhlanganiso yayiba yinkosi yaleyo nkosi esuke yehluliwe. Leyo eyayigoba uphondo yayiphoqeleka ukugebisa ikhanda kuleyo nkosi esuke idle umhlanganiso . Ngenkathi kudumelana uZulu noNdwandwe mabili kuphela amakhosi amakhulu ayesesele , lawo makhosi yinkosi uZwide neSilo uShaka. Ukuba kwakuwumdlalo webhola besiyosho sithi “kwabe kungowamanqamu”phecelezi “final”. Kwazise iSilo iSilo uShaka saseyehlulile inkosi uPhungashe yakwaButhelezi , saseyihlulile futhi nenkosi uPhakathwayo yakwaQwabe. Ngakolunye uhlangothi inkosi uZwide yaseyibulale inkosi uDingiswayo yaBathethwa.  Inkosi uPhungashe yathi seyehlulwe yiLembe yabalekeka kwaNdwandwe , yayokhosela khona , kanti izofike ibulawe yinkosi uZwide . Ikhanda layo lagcina lihlobise iLawu le Ndlovukazi uNtombazi. Kuthiwa isizwe samaNdwandwe sasikhulu kakhulu uma siqhaniswa nesizwe seSilo uShaka ,okunguZulu. Kuthiwa kwakulindeleke ukuba amaNdwandwe azidlele amahlanga kuZulu , kwazise inkosi uZwide yayisinguMakadebona, isineSipiliyoni. Kanti iyohlangana nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili. Sawudla umhlanganiso iSilo uShaka, sakheka kanjalo isizwe esikhulu esihlonishwa umhlaba wonke jikelele, esinguZulu. Impi yeSilo uShaka yayididiyelwa yisona iSilo uShaka , selekelana neNduna uMdlaka ka Ncidi wakwaNtshangase. Impi yenkosi uZwide yona yayiholwa nguSoshangane ka Zikode wakwaNxumalo . Kanti ngasohlangothini lwamaNdwandwe kwakukhona iqhawe uZwangendaba wakwaJele. Bobabili uZwangendaba noSoshangane bagcina bebaleke baphikelela enyatho . UZwangendaba wagcina ekhothamele ezweni labaFipha , eTanzania. Abazukulwana bakaZwangenda namuhla banoBukhosi obukhulu eChipata eZambia, kanye naseMzimba eMalawi. USoshangane yena wagcina ache isizwe sakhe esikhulu esaziwa namuhla ngokuthi yiSizwe sikaGasa , asiqamba ngoMkhulu wakhe uGasa. Inkosi uZwide yona yaphulukudlela yabaleka yabheka kwelabaLobedu, kwiNdlovukazi yakhona uMujaji.

USikhunyana ka Zwide :

Maningi amadodana enkosi uZwide asala empini , kulawo madodana singabala uNqabeni, uDayingubo , uMpepha , uNomhlanjana . Enye yamadoda enkosi uZwide ogama layo kwkaunguSomaphunga yona ayazinikela eSilweni uShaka ngemuva kwempi. ISilo uShaka sayinika izinkomo , sayiganisela nabafazi. USomaphunga wazala uMgojana , uMankulumana owaba uNdunankulu weSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu, wabuye wazala uHuqeni , uMchilwana, uMvanana , uMpondo kanye nabanye. Kwathi ngowe 1826 uSikhunyana enye yamadodana enkosi uZwide yazama ukuvusa ubukhosi bakwaNdwandwe . ISilo uShaka sathi singazizwa lezo zindaba saphaka impi eyaphikela oPhongolo lapho kwakunkanise khona uSikhunyana, kwaliwa impi enkulu wagcina ehluliwe uSikhunyana wabaleka. Kukuleyo mpi kwasala enkundleni iqhawe leLembe , uMgobhozi ka Nongqiwu Msane . Leyo mpi namuhla yaziwa ngokuthi yimpi yaseziNdololwaneni , yalwela endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuse Zaaihoek , buqamama nasoPhongolo. Kusuke kushiwo yona leyo mpi ezihashweni zeLembe uma kuthiwa “UZwide umphendule iSigcwelegcwele , namuhla usephendule nendodana” . Indodana okukhulunywa ngayo lapha nguSikhunyana. Izihasho zibuye ziyithinte inkosi uZwide uma zithi”UMxoshi womuntu amxoshele futhi , ngimthand’exosh’uZwide ezalwa nguLanga, emthabatha lapha liphuma ngakhona , emsingisa lapha lishona ngakhona’…Zibuye ziyithinte uma zithi ‘USishayandlondlo ka Mjokwana, ubusika nehlobo behlukene, obakwaNtombazi nobakwaLanga.. INdlondlo okukhulunywa ngayo lapha yinkosi uZwide , ngoba yabe iyinkosi enkulu eyayesatshwa. Zibuye zithi “UMaswezisela wakithi kwaBulawayo, osozwisele uZwide ngamagqanqula”. Livela kaningi impela igam alenkosi uZwide ezihashweni zeLembe kodwa ngizoma lapha okwanamuhla.

Khumu!!

Izibongo zenkosi uZwide ka Langa :

UZwide kaLanga

UNonkonkel’abantu bahlatshwe,

Kuhlatshw’iminyango enesisila,

Yena bangamhlabi

Ezindleleni ufana nayiphi na?

Ufana nemvundlayo.

Emithini ufana namuphi na?

Ufana noMnyamathi.

Ezinyokeni ufana nayiphi na?

Ufana neNyandezulu.

Isikhova sikaMkhonto noLanga!

UMashesh’afike kuMashobana

Noyis’uLanga engazang’afike

Iqili abalihlabe lishon’ilanga,

Zingakahlatshwa izibhabhayiyana.

Amakhubalo adliwa ngangubo yankomo

Adliwa ngangubo yeNgonyama

Izibuko elimadwal’abaushelelezi,

Lishelele uMalusi waseNgoleleni,

Lashelel’uDingiswayo waseluYengweni.

Awuqedwa Ndwandwe!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunhye ulwazi ngezibongo zaboHlanga kanye namakhambi

 

Menzi Ndwandwe, umdali webhola

 

 

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo