Incazelo ngoMyezane womfula (uNongameliziziba\Willow tree)

Incazelo ngoMyezane womfula\uNongameliziziba\Willow tree

Nina bakaSigquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya! INdudumo yakithi eMgungundlovu uMashikizela ashiye impi yakhe ! UVezi kofa abantu kuyosala izibongo yizona eziyosala zibadabula, yizona eziyosala zibalilela emanxiweni!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba isaphila. Thina eMantungweni sisaphila. Lo muthi eniwubona uMyezane ngesiZulu.

Umsebenzi woMyezane.

Kuthiwa izinswazi zalo muthi zazigaxwa entanyeni yalabo ababesuke behlabane kakhulu empini, zibe wuphawu olutshengisayo ukuba yibona abavelele. Zazigaxwa yiNduna yamabutho , ukuze iNgonyama esuke ibusa ngaleso sikhathi ikwazi ukubona ukuthi obani nobani abavelele kuleyo mpi ebikade iphunyiwe noma iphakiwe. Namuhla uma izingane  ziphumelele kahle komaNyuvesi , uma zethweswa iziqu, kuye kuthiwe zethweswa imiyezane. Kususelwa esenzweni saseNdulo.


Wenzani uMyezane kwezokwelapha?

Ekwelapheni kusebenza uMyezane omile eduze nomfula. Izingxabu ne xolo lo Myezane womfula kungena eMagobongweni , ikakhulukazi iGobongo le Nzuzi. UMyezane ukhuphula iDlozi lasemanzini,ikhakulukazi iNzuzi. Awukhuphuleki umoya weNzuzi ungekho uMyezane nePhakama lamanzi. UMyezane uyangena nasemithini ephalazela ukuqeda uMhayizo. Lona wumuthi okhonzwe kakhulu yiZangoma noThwasa . Kanti nabantu nje phaqa bayawusebenzisa uMyezane ngoba ukhanyisa izindlela . Thatha izingxabu zoMyezane , nezoMhlambamanzi kanye nezoMkhanyakude {noma ixolo} ugeze . ugqume uphalaze , kucace izindlela zakho, kukhanye konke . UMyezane ubuye ungene naseNdukwini eyelapha aMafufunyane phecelezi iZizwe. Baye bawuqhathe noNdwendweni kanye neminye imithi yaMafufunyane. UMyezane uyangena nasemithini yokwakha isithunzi, baye bawuqhathe noMathunzentaba kanye neminye imithi .Ake ngime lapho nina bakaSihlangu simagqabha sinamanxeba ! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!

Khumu! Bayoze bathi Bhuti!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngekhambi.

 

UMyezane womfula\Willow tree

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo