Incazelo ngoPhunyukabemphethe (uMpunyu\Porcupine root\Iyeza lamatyala)

Nina bakaNkomo zabantu zineNkenkelenke zikhungela izingobe emashobeni, uSongobese wamakhanda inkomo yangenene iyakuthengana nayiphi na enenekazi iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni!

Nina beSilo ngiyanibingela nonke enhla zasezansi , ngethemba ukuthi nisaphila. Sisaphila thina kwaSokhumalo . Lo muthi eniwubona ngezansi kuthiwa uMpunyu ngesiZulu . NgesiLungu kuthiwa  yiPorcupine root . Umuthi wamacala . Iyeza lamatyala.

Amagama obizwa ngawo.

NgesiZulu lo muthi ubizwa ngokuthi uMpunyu, noma uMpunyumpunyu, noma uPhunyukabemphethe, noma iNkunzenganampondo, noma uMuthi wabacala. NgesiXhosa ubizwa ngawo lawo magama, nakhona ubuye ubizwe ngeYeza lamatyala okusho ukuthi Umuthi wamacala . NgesiLungu kuthiwa yiPorcupine root , noma  iTalinum caffrum. NgesiPedi kuthiwa yiOndindiwa . NgesiBhunu kuthiwa Wildevygie. NgesiSuthu saseNingizimu kuthiwa iKhutsana.


Yini “Porcupine “? Kungani lesi simila siwumuthi wamacala noma umuthi woPhunyuka.

Impande yalo muthi iwukudla kwaNsukuzonke kweNgungumbane ,,phecelezi Daily food . INgungumbane isilwane esinezinungu ezihlabayo esibizwa ngokuthi yiPorcupine ngesiLungu . Lesi silwane sidla nje yonke impande yezihlahla , kuyileso sizathu abelaphi be ndabuko baye bachome unungu lweNgungumbane eziNdumbeni zabo . Basuke bekholelwa ekutheni njengoba iNgungumbane idla izinhlobonhlobo zezimpande nje wonke umuntu uyongena kuleyo Ndumba uzokwelapheka, ngisho noma kungathiwa uphethwe uluphi uhlobo lwesifo. IziNgungumbane zijabula kakhulu uma zizithele kulesi simila uMpunyu, zivele zenze umsinjwana wenjabulo , bese ziyasimba , zishaye esentwala . IziNgungumbane zijwayele ukuhamba ngazimbili , kanye namaChwane azo amabili , okusho ukuthi zisuke zizine ngokwesibalo . Le mpande iwukudla okumnandi kwiNgungumbane. INgungumbane isilwane esingabulaleki kalula ngenxa yezinungu zaso , esizivikela ngaso lapho sihlaselwa yizitha ezifana neziNgwe, amaBhubesi , iziNgulule , iziMpisi kanye nezinye izilwane ezidla ezinye ezilwane . INgungumbane ize izifele yona ngaphandle kokubulawa ngesinye isilwane. Ngaphandle-ke uma kuwukuthi isuke yaba nebhadi yatholwa ngamaPhisi . Izinja zizodwa lingekho iPhisi ngeke ziyibulale iNgungumbane. AmaBhubesi ngeke ayibulale iNgungumbane ngisho noma emaningi kangakanani ngeke ayenze lutho , agcina edelelile, aduba , ayishiya . INgungumbane ilwa ngazo izingungu zayo . Ngakho-ke lesi simila uMpunyu uwumuthi wamacala ngesizathu sokuthi udliwa ziNgungumbane, phela iziNgungumbane zingoPhunyukabemphethe .

UMpunyu kwezokwelapha .

Isigaxa sikaMpunyu {esiyizimpande} siwumuthi wesifuba esibuhlungu. Siyabiliswa sibe isiphungo esiphuzwa wumuntu okhathazwa yisifuba esingapholi. Sibuye sibe wumuthi omuhle wesisu esibuhlungu. Nakhona senziwa isiphungo . Sibuye sibe sihle kakhulu ezinganeni ezikhathazwa yiNyoni, ziyaphuziswa , zichathwe futhi ngaso . Impande kaMpunyu isetshenziswa kakhulu yizinsizwa ezingoPhunyuka, izinsizwa ezihlezi zivika iNgalo yomthetho, ezihlezi zivika ezikaDalawana. Siye sithakwe nemithi efana noNtuma , noSibhaha kanye nezinye izintelezi, kugezwe , kugqunywe futhi nangaso. UMpunyu uyangena futhi naseNdukwini echela iziNduku zensizwa uma izoyongcweka eMgangeleni. Impande ka Mpunyu iyangena nasemithini yokuyovela eziNkantolo,imithi yamacala. Ngike ngizwe abanye bethi impande kaMpunyu inhle kakhulu ekukhipheni inyongo , bathi ikhuculula yonke kanye naleyo eseyenabele nasezibindi , nasemaphashini. Bathi ithakwa kwezibomvu, oNtolwane , oNgwavuma, oMaphipha, oVumakubangoma obomvu  kanye nezinye.

Khumu! Bayoze bathi Bhuti!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngekhambi

UMpunyu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo