Incazelo ngoGobho (Wild Rhuharb  \Gunnera perpensa\Ipuzi lo mlambo)

uGobho:

Nina beSilo sakithi oSuthu uSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abazindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade, ngethemba ukuthi basaphila abeNgonyama. Cha, thina sisaphila eMantungweni.  Lo muthi eniwubona ngezansi kuthiwa uGobho ngesiZulu, umuthi woMame.

Amanye amagama oGobho .

UGobho lubuye lubizwe ngoGubhe ngesiZulu.  NgesiXhosa lubizwa ngokuthi yiPuzi lo mlambo. NgesiBhunu kuthiwa Rivierpampoen, NgesiSuthu kuthiwa uQobo. Kanti ngesiLungu kuthiwa Wild Rhuharb , noma River pumkin, noma Gunnera perpensa ngokolimi lo Soseyensi.


Lwelaphani uGobho.

UGobho lunezimpande ezibomvu ngokombala, ezithi azifane nezentolwane, okuyizona ezisebenzayo ekwelapheni.Lona  wumuthi usetshenziswa kakhulu ngabantu besifazane , ungena kakhulu embizeni yenzalo, imbiza ephuzwa wumuntu wesifazane onenkinga yokungabatholi abantwana. Uye uthakwe neminye imithi efana noNsukumbili , iSinwazi kanye neminye imithi . UGobho luwumuthi omuhle okuhlanza isinye esingcolile  sowesifazane. Kuleyo ndawo luyakwazi ukusebenza lulodwa vo. Kuye kubiliswe izingxabu , zenziwe isiphungo esiphuzwa wumuntu wesifazane onenkinga yokungcola kwesinye. Lesi siphungo simenza akhiphe konke okungcolile ngaphakathi esinyeni , ukukhipha ngokushobinga , kuphume amanzi anephunga elingelihle. Izingxabu zoGobho zibuye zibe wumuthi omuhle wokuhlanza isibeletho sowesifazana osanda kubeletha . Nakhona kuye kubiswe izingxabu , zenze isiphungo esiphuzwa wuMdlezane. Nasenkomeni kuye kube njalo . Izingxabu ziye ziphuziswe inkomo esanda kuthola uMvemve , kuhlanzwe isizalo sayo. UGobho luwumuthi omuhle kabi wokundambisa izinhlungu zeFindo phecelezi period pains. Nakhona kusebenza zona izingxabu , ziyakwazi ukusebenza zizodwa vo. Ziye ziphekwe , ebese kuphuza owesifazane osefindweni .UGobho luyangena nasembizeni yoMhluma. Kuningi okwenziwa wuGobho kodwa ngizoma lapha okwanamuhla

Baphile abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe, uMashikisela ashiye impi yakhe.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngekambi

Khumu!!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo