Incazelo ngentelezi uMvuthuza\Cathederal bells\Never die\ Leaf of life.

Incazelo ngentelezi uMvuthuza\Cathederal bells\Never die\ Leaf of life.

Nina bakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo!  IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #NguVezi lowo!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila phila thina eKuphumuleni. Nina beSilo lo muthi engiwubona esithombeni esingezansi kuthiwa uMvuthuza igama lawo. Lelo yigama lawo lesiNguni. Lona wumuthi ovuthuza isichitho .

Amagama lo muthi obizwa ngawo kwezinye izindawo , noma kwamanye amazwe.

Nina beSilo lo muthi kuthiwa wehlukene kaningana. Lapha kweleNgabade kuthiwa kukhona owentaba , kanye nowejwayelekile nje omila noma ikuphi. Owentaba angiwujwayele kangakho kodwa bathi uma ubuka amacembe awo uzothola ukuthi aqatha kunalawa eniwabona esithombeni . Kepha nawo ukuthiwa uyasivuthuza isichitho , noma yinhloboni yesichitho.


UMvuthuza lena kwelaseJamaica bawubiza ngokuthi yi-“Leaf of life”. Kanti lena eSiera Leone bawubiza ngokuthi yi-“Never Die”. Igama lawo lesiLungu elejwayelekile umhlaba wonke nje jikelele kuthiwa yi-Cathederal Belss. Lena ezweni lase Trinidad bawubiza ngokuthi “Wonder of the world”.

Welaphani ziphi izifo uMvuthuza?

Nina beSilo njengoba besengishilo ukuthi kuthiwa ziningi izinhlobo zoMvuthuza{emhlabeni jikelele}, kuthiwa zonke lezi nhlobo amacembe azo awumuthi omkhulu wamanxeba , awumuthi omkhulu wendawo edumbile.Bathi aboshelwa endaweni edumbile kuvele kwehle ukudumba. Kuthiwa uma umuntu elimele , opha, uma ukhamela inkovu yecembe enxebeni kuvele kume okopha , kanti nenxeba lisheshe livale. Kuthiwa amacembe oMvuthuza mahle kakhulu nasekwelapheni umuntu ono10mins eshaywe yinoma yiluphi uhlobo lwenyoka,bathi inkovu yawo ibulala ubuthi benyoka ngokuphazima kweSo. OSosanyensi bexwayisa ngokuthi singalinge siwaphuze amacembe oMvuthuza ngoba anyusa ushukela emzimbeni womuntu , Amandla kakhulu kangangokuthi aze anqinde amandla namasosha omzimba uma umuntu ewaphuzile. *UMvuthuza uwumuthi omkhulu wesichitho , ikakhulazi lolu hlobo abalubiza “ngeZintwala zeNgulube” lapho umuntu esuke elunywa khona yizintwala kuyo yonke ingxenye yomzimba enezinwele. Ene lezo zintwala azivamsile ukumluma umuntu uma eyedwa, zigadla kakhulu uma ephakathi kwabantu. Lolo wuhlobo lwesichitho olubi kakhulu futhi ululetha ihlazo kumuntu . UMvuthuza awuluboni lolo hlobo lwesichitho , uye uthakwe nezinye. Uyagquma uphinde ugeze. Kusebenza izingxabu namacembe . UMvuthuza awusizwa futhi nesichitho sezinduna, usishaya usidudule uyosiphasa eWeni. UMvuthuza ubuye ubolise njenge Mbozisa . Izingxabu zawo ziyangena endukwini ephalazela ukukhipha idliso. Uyabolisa futhi nemithi yabathakathi . Uma uxakwe ngaBakhunkuli emsebenzi thatha amacembe oMvuthuza uwathele amanzi, bese lawo manazi uwacwengela eSipakupakwini esincane uyochela ngawo indawo usebenzela kuyo , zonke izintelezi zaBasokoco ziyobola phihli! Ubuthakathi bubhokile bakwethu ikakhulukazi ezimotweni,kwiZimpolompolo. Izingxabu zoMvuthuza ziyangena nakwiMbiza ephuzelwa ukubolisa idliso . Muhle impela ekuboliseni

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” olunye ulwazi ngekhambi

#Bayoze bathi Bhuti!

 

UMvuthuza

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo