Incazelo ngoNsukumbili\Senecio gregatus

Incazelo ngoNsukumbili\Senecio gregatus

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya, iSela lintongande lawoBaleka elithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni!

Enhla nasezansi ngiyababingelela abeNgonyama , ngethemba basaphila. Sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi engiwubona esithombeni esingezansi kuthiwa uNsukumbili.

Amagama ka Nsukumbili:

Njengoba besengishilo, lo muthi ubizwa ngoNsukumbili ngesiZulu. Ngalokhu okuthiwa phecelezi yiBotical name ubizwa ngeHypericum patulum. Babuye bawuteketise ngokuthi uwu”Hidcote” , okuyigama lo muthi odume ngalo umhlaba wonke jikelele. oSosayensi bona bawubiza ngokuthi yiSenecio gregatus . UNsukumbili uqhakaza izimbali ezinhle ,eziphuzi, ezithandwa yizinyosi. Kuyileso sizathu kwezinye izindawo uNsukumbili ubuye waziwe ngoTshwalabezinyosi. Umuthi omandla kabi lona.


Welaphani uNsukumbili:

UNsukumbili welapha izilonda ezingaphakathi emuntwini , emathunjini , amaphashini , ezibindini, esinyeni , esibelethweni njalo njalo . Kusebenza kakhulu amakhasi , yebo nempande nayo iyasebenza kodwa into emandla kakhulu kulo muthi ‘amakhasi’. Aye agxotshwe , agxotshwe bese ethelwa amanzi afudumele, noma abiliswe nje okwesikhashana, bese ephuzwa wumuntu onenkinga yezilonda esiswini. Kuthiwa umuntu ophuze lo muthi azipheli izinsuku ezimbili engalaphekile. UNsukumbili ubuye wehlise nenhlungu yembilapho.UNsukumbili uyangena  ezimbizeni zenzalo , kanye nasezimbizeni zabantu besifazane, ushisa zonke izilonda eziyimbangela yokuvaleka kwenzalo, koweSilisa kanye nakoweSifazane. Uyangena nasembizeni wumuntu wesifazane onenkinga yokopha kweFindo noma osanda kuthola uSana. Uye uqhathwe noGobho , iSinwazi kanye nemithi kwelashwe umuntu wesifane onenkinga yokopha okungakhawuli uma esifindweni , noma osanda kubeletha. Imbiza yoMhluma isuke ingaphelele uma ungekho uNsukumbili. Uyangena futhi nasezimbizeni zezifo zocansi . UNsukumbili uyangena futhi nasembizeni yokwelapha umzimba omubi, ushisa izinduna ebusweni. UNsukumbili ubuye ungene naseMabuthweni athunywayo ukuba ayophindisa, bathi uyashesha , awupheli u2 days ungakafiki.  Impande yawo iyathakwa eNtelezi egeza umuntu olala nesilwane , uTikoloshe. Impande yawo iyathakwa naseNdukwini ephalazela iNhlanhla. Ungena ezindaweni eziningi lo muthi . Ake ngime lapho nina bakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni , ngeyawo Ndlela ka Sompisi , ngeyawo Dambuza ka Ntombela .

#Bayoze bethi Bhuti noma bengathandi!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye futhi ulwazi ngamakhambi

UNsukumbili

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo