Incazelo ngomuthi uMsilawengwe\iMfuzane \Kerrieblom\Gnidia capitata\Setele\Kgosi ya ditlhare:

Incazelo ngomuthi uMsilawengwe\iMfuzane \Kerrieblom\Gnidia capitata\Setele\Kgosi ya ditlhare:

Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibala izinyembezi! UMudli wenguyazana eyedwa kwaNolele! UMagwaza ayiqhube ayise eKhayakonina kwaSothondose!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeSilo. Sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMsilawengwe ngesiZulu. Ubuye ubizwe ngeMfuzane . Lona wumuthi ongena ezindaweni eziningi , uyangena nasemithini yokulwa , ulwa ngendlela eyisimanga.

Amanye amagama oMsilawengwe:

Lo muthi udume iNingizimu Afrika yonke jikelele.  AbeTswana bawubiza ngeKgosi ya ditlhare okuhumusheka ngokuthi “inkosi ye mithi “ ngenxa yamandla alo muthi ekulweni . NgesiBhunu lo muthi bawubiza ngeKerrieblom. Igama lawo lesiLungu ,phecelezi Botanical name, kuthiwa iGnidia capitata,noma Lasiosiphon capatatus . NgesiSuthu kuthiwa yiThopana , noma Thopa, noma Thopa e nyenyana.


Welaphani uMsilawengwe?

Lona omunye wemithi enobungozi kakhulu efana neSende lenja , kanye neNtuma.  Umuthi omuhle kakhulu lona kwezokulola iMbazo, nasekugeqeni iqolo. Ukhipha kwasani. Uyachatha lo muthi , uchathela ukuqinisa uBhoko lwesisu kwabesilisa, kodwa udinga ukuqashelwa okukhulu ngoba uma kuke kwangena ixodlwana noma ucezwana lwembali uyahamba impela umuntu.  Kuchatha impande yawo, amakhasi angena kwezokuchela. Uyakwazi ukuyiqinisa impela iNduku ngokuchatha  uwodwa vo , uMama ajabule abe yiNqaba  eKamelweni. Kodwa  iSikali siye sidinge ukuqashelwa ngoba uyingozi kabi uma uwubhubhudle, uye udinge nokucwengisiswa ngendwangu yeLineni , kungedluli lutho . Kanti  futhi udinga nokuphekisiswa uma uwupheka, udinga ukuphekwa impela , amaHora amane alungile. Bese uyachatha -ke , ngeSikali esingaphansi kancane kukaHafu weNgilazi.  UMsilawengwe uyangena futhi nasembizeni ephuzwayo, yokuqinisa lona uBhoko lwesisu. Engingakusho nje wukuthi qaphela uma uwusefa , qaphela futhi neSikali, umuthi onamandla kakhulu. Insizwa ezisebenze ngaleNduku ayimithisi -ayimithisi nje umhlola.  Impande namakhasi  ale Nduku kuyiNtelezi elwayo , kungena emithini yokuchela ibala ixoshe oTikoloshe,kanye nayo yonke imimoya emibi. UMsilawengwe uyakwazi ukulwa neSilwane owodwa vo , kusebenza amakhasi nempande. Kufake kokubili emanzini bese uchela ikhaya kusihlwa. UMsilawengwe uyangena naseNtelezi echela izinduku zokungcweka. Lona wumuthi ongaliboni iLumbo. Kuthiwa wuMsilawengwe ngoba iNgwe isilwane esithi lapho silwa sivuse umsila , siwumise. Ngisho noma sibaleka sibaleka siwumisile umsila. Asiwufaki emilenzeni njengezinye izilwane. Lo muthi ubuye ubizwe ngeMfuzane . Ake ngime lapho nina bakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande:

 

UMsilawengwe

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo