Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Incazelo ngoSakhayedwa (Valachellia sieberiana, uMkhamba)

  Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe ,uQwasa lukaWasa inkomo yiViyo , uSihlangu simagqabha sinamanxeba , uFulathela uBombo lwabhidlika! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uSakhayedwa ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNozitholana(uNdlelazimhlophe, Silene capensi)

Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sasaphila eMantungweni kungumhla weshumi nesi... qhubeka ufunde »

Ukuphupha udoba izinhlanzi.

Ukuphupha udoba izinhlanzi. Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha laiyakugalela ngawo eMankenganeni ! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba isaphila iNgabade enhla nasezansi. INhlanzi ingesinye sezilwane okungekho lula neze kuba umuntu as... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaluleka (Gerrardina foliosa, uMuthi okuzila, uMlulama omncane)

  Nina abakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo , iHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu ! UVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona ezosala zibadabula, yizona ezosala zibalilela emanxiweni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMphenduli(IMpendulo, Acalypha villicaulis)

  Nina abaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi ! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba isaphila kungumhla weshumi nesishiyagalombili (18Juni) onyakeni ka 2023. Cha, t... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSihlanguli ( Gymnosporia senegalensis)

  Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi nesikhombisa kuNhlangula... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMpishimpishi (INdodemnyama, Diospyros galpini)

  Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kungumhla we... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCubudwane

  Incazelo ngeCubudwane Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani , uSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilomo! UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yon... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMagwazucaca(uMembeso, uMbeza, Andrachne capensis)

  Nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba isaphila kungu mhla weshumi nesithupha kuNhlangulana(16Jun... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMduze (Crinum macowanii)

    Nina abakaGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! INtethe egolwe nganti zamkhonto kithi kwaMalandela , uDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele! Ngiyayibingelela yonke iNgabade kuzo zonke izindawo , kuwo womane amagumbi omhlaba. Ngethemba basaphila abeSilo . Ch... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!