Incazelo ngeSihlanguli ( Gymnosporia senegalensis)

 

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi nesikhombisa kuNhlangulana (17 Juni) onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina beSilo, cha,  thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombe kuthiwa iSihlanguli igama lawo, noma ngeSihlangu,noma ngeSihlangwane, noma ngoBuhlangwe . NgesiSwati ubizwa ngeSihlangu esimhlophe. Ka se Pedi bare ke Mophatho, kapa Sephatho. Le Nduku ngesiBhunu ibizwa nge Bloupendoring,noma  Rooipendoring.  NgesiLungu kuthiwa yi Red spikethorn,noma Confetti spikethorn. OSosayensi bayibiza ngeGymnosporia senegalensis. NgesiTsonga kuthiwa yiXihlangu.Kusebenza impande kule Nduku.

Senzani iSihlanguli

Nina beSilo le nduku ivula izindlela . Le Nduku isetshenziswa kakhulu ekuphalazeni . Ingena emithini emhlophe yenhlanhla esingabala kuyo uVumakubangoma omhlophe, uMusa , iNhlanhlemhlophe , uBhubhubhu kanye neminye . ISihlanguli singena ngesizathu sokuzovula izindlela. Le Nduku  ayisali emithini yokugeza iDlozi ebekade liphenduliwe , ihlangula idlozi elibi ibuyise elihle kumuntu . Kuyileso sizathu ibizwa ngeSihlanguli. Iyangena naseGobongweni elimhlophe , bayikhonze kabi oThwasa neZangoma ePhehlweni . UBulawu kahle-hle lobu. Le Nduku ayisali futhi  emithini emhlophe edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Le Nduku iyayivula inhlanhla nina beSilo ,yinhle uma uzoyofuna umsebenzi noma iThenda . Iyangena nakwezokudonsa , kwezamaBhizinisi.

Ake ngime lapho nina abakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

UVulindlela

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo