Incazelo ngoMpishimpishi (INdodemnyama, Diospyros galpini)

 

Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! IMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kungumhla weshumi nesikhombisa kuNhlangulana(17Juni) onyakeni ka 2023 . Cha , thina sisaphila eMantungweni. Nina beMbube lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMpishimpshi igama lawo lesiZulu, ubuye waziwe ngelikaNdodemnyama. Le Nduku ibizwa ngeDiospyros galpini ngoLimi loSosayensi. NgesiNgisi ibizwa ngeDwarf Hairy , noma Star apple. Kwezinye izindawo le Nduku ibizwa ngeNqwambi.

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo uMpishimpishi ungena kakhulu ezintelezini zamacala kanye nezezitha. Le Nduku nina beSilo iyathakwa entelezini egeza iphinde igqume umuntu ozoyobonana neMantshi ecaleni, noma umuntu onecala kuMphathi wakhe emsebenzini , noma eNduneni , eNkosini njalo njalo . Le Nduku iphinde ingene nasezinsizini zamacala . Le Nduku iyaliqeda  icala  liphele nya , livele libe  yiMpishimpishi ligcine liphelele emoyeni. Le Nduku nina beSilo iyangena nakwezezitha , idida izitha izenze zibone izinto ezingekho, zingabona amaDamu , amaKati kanye nayo yonke nje into ethe phecelezi , engejwayelekile. UMpishimpishi awusali entelezi yeBhola , yenza izimbangi zidideke imiqondo. Ayisali futhi kwezichela iziNduku zoMgangela. Iyangena futhi le Nduku  nakwezoPhunyuka , ezokuvika amaPhoyisa . Iqhathwa kakhulu noNtuma , Nyengelezi kanye nezinye. INdodemnyama nina beSilo ibuye yelaphe. InguMhlabelo omkhulu. Izimpande zeNdodemnyama ziyaphalwa, zigxotshwe, zonyiswe , bese zishiswa zibe yisinzi emnyama enanyekwa emanxebeni noma ezilondeni ezigubhekeyo. Le nsizi ibuye igcatshelwe eduze nalapho kwephuke khona ithambo kumuntu , noma esilwaneni. Kanti izimpande zayo le Nduku ziyangena emithini yokwakha isithunzi , ziyaphalaza , ziyagquma ziyayageza.


Khumu!!

Niphile nina abeGondlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiqona onguMama yiwona onguBaba! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaphethelweni! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “ Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

UMpishimpishi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo