Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Incazelo ngeSikholokotho (Snake Plant )

Nina bakaMkhwamude wangisika isilevu, uNsungulo olude lwangithunga impumulo ISikholokotho. Lona wumuthi oletha izinhlanhla kubantu uma utshalwe egcekeni lekhaya. Uvimba izinyoka ukuba zingangeni ekhaya. Ubuye ungene nasembizeni yezikelemu. Kanti futhi uwumuthi omkhulu wokwelapha nezindlebe, kukhanyelwa umhluzi wamacembe awo ezindlebeni ezibuhlungu. Zimbili izinhlobo zalomuthi iSikholokotho, kukhona iSikholokotho sangaphandle kanye nesangaphakathi . Esangaphakathi sitshalwa ethinini ,bese sifakwa ngaphakathi endlini, nasemakamelweni imbala. Siletha izinhlanhla ngaphakathi endlini, sidonsa nomoya we-oxygen nokwenza ukuthi abantu abangaphakathi endlini baphefumule kahle, siwusizo kakhulu kwabaphila nesifo sokuxinana phecelezi Asthma. Sixosha yonke imimoya emibi ,esingaphakathi endlini. Bese kuba khona iSikholokotho sangaphandle. Esitshalwa egcekeni ekhaya, sivimba imimoya emibi ukuba engangeni ekhaya. Iphunga laso lizondwa izinyoka kakhulu. Inyoka ayisondeli lapho kutshalwe khona lo muthi. Uma ike yalihogela ivele ijike ibuyele emuva ingabe isangena ekhaya . Kuyileso sizathu lo muthi waziwa ngokuthi yi-Snake Plant ngesiLungu. Sibuye saziwe  ngeMother in Law’s tongue, noma nge Sanseviera . Zombili izinhlobo zeSikholokotho ziyazihlosha izinyoka ekhaya, ziyelapha futhi nezindlebe

read more

Incazelo ngenyoka iNyandezulu 🖋️👇🏿

Incazelo ngenyoka iNyandezulu🖋️👇🏿 Nina bakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini🙌🏿 Yini iNyandezulu? INyandezulu yinyoka encane ngesidumbu, inombala uluhlaza ,inamabadlana amnyama entanyeni. Yiyo lena eniyibona esithombeni. NgesiLungu kuthiwa ‘iSpotted Bush Snake’ .Le nyoka akuyona iNdlondlo noma uDloko  nina beSilo . INyandezulu inyoka engenabo ubuthi,noma ilume umuntu akafi. Le nyoka ikhonze ukuvakashela abantu emakhaya, ifike izisonge othangweni, noma ingene ngaphakathi impela endlini ,ihlale ezintingweni. Le nyoka ibukeka ihlaniphile kakhulu, ihlezi igijimisa amehlo.  Ayiwasusi kakhulu kulona oyibone kuqala, iwagijimisa ilokhu ibheka ngakuye. Abantu abansundu bakholelwa ekutheni le nyoka iyinyoka yedlozi. Bakholelwa futhi ekutheni uma ike yabonakala ekhaya kusuke ukungaBantu abadala abasuke bevakashile. Ngakho-ke kudingeka ukuba uSokhaya ababembe iSiphongwana ahlabele aBaninimuzi ,aphise noKhanjana lotshwala- abonge ukuvakasha kwabo ekhaya . Abantu abangasekho (amaDlozi) babizwa ngeziNyandezulu nje kususelwa kuyo le nyoka .  Kukholelwa futhi ekutheni lona osuke eyibone kuqala le nyoka,nguyena kanye esuke ize kuye.  Ngakho-ke imbuzi ehlatshelwa le nyoka kanye notshwala obuphiswayo buqondaniswa naye lona

read more

Incazelo ngamaqanda ka Xamu

Incazelo ngamaqanda ka Xamu Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu,uTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane.ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNongwengu.Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu.Sisaphila thina kwaSokhumalo Amaqanda ka Xamu Amaqanda ka Xamu ayiSibunge esihle seBhizinisi.Aye athakwe kwiZibunge zeBhizinisi ,athakwa neminye nemithi yokudonsa.Mahle kakhulu kakhulu nasemfuyweni, awuMkhumiso wezinkomo.Enza izinkomo zizale ngendlela exakile.Azehlukani izinkomo ezisetshenzwe ngamaqanda ka Xamu,zidla ndawonye.Abuye angene nasendukwini yenzalo yoMame,oMame  abahlushwa wukungabatholi abantwana.Amaqanda ka Xamu uwathola uma ube nenhlanhla yokubualala uXamu omithi.Noma uwathole eceleni kwesiziba,lapho uXamu osuke uwagqibe khona,uwafukamele.Phela uXamu amaqanda uwafukamela njengeNgwenya,uwagqiba phansi, ebese wona ucambalala phezulu.Kuningi okusebenzayo kuXamu,inhliziyo ingena kwezeSibambelelo, phela kuthiwa uXamu uba noMlingani oyedwa,ufana neMbulu.Uma kwenzeka efa lowo Mlingani bathi uXamu uvele uzihlalele,awuhambi wenza ucansi nabanye oXamu abaningi. Bathi neMbulu nayo injalo.Amafutha ka Xamu axosha isilwane,ayabethela nomuzi. Khumu! Thola ulwazi oluthe xaxa ngemithi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo

read more

Incazelo ngentelezi uMababaza

Nina bakaNkomo zabantu zinenkelenkele zikhungela izingobe emashobeni, indlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela abanxeba okuluphala! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso -ke isigaxa sikaMababaza , intelezi enkulu engena ezintelezini zokuchela ekhaya ,kanye nakwezokubethela ikhaya/umuzi. Le ntelezi ixosha imimoya emini, iphebeza nemihlola engahle ingene ekhaya. Iyaluma, uma ikuthintile esikhumbeni. Kubuye kugezwe nangayo ,kuxoshwe amabhadi nezithunzi,iluma injalo. #Khumu! Thola ukwazi ngamakhambi kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺    

read more

Amagama emithi

*AMAGAMA EMITHI,NGOKWEHLUKANA KWEZINDAWO* -Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. Nina bakaLanga lisehlule madoda sesingamavikithi. Ake sibheke amagama emithi,indlela imithi ebizwa ngayo kuleli lakwaZulu. *ISibhaha — UMazwahlabayo *IPhakama— IMfeyenkawu *UMavumbuka—IHlule *IHluze — uMgxam/INhluthe *INyokiziphinda—UMvithi *UVumakubangoma omhlophe— ISikhwali *UNukani uyikhubalo—UMshiphowenkawu/Shiphambhemu *UMhlakaza— ISindiyandiya/UNdiyaza *UQhume –UMfazothethayo *IKhambilomsinga—Nalo libuye libizwe ngeSolo *UNkungwini— UMnyamawempunzi *INtuma enkulu—INtunta -UPhalabashimane—ISiqunga sikaTikoloshe *IShaladilezinyoka— ISweli/ITshwele lo mlambo *ILabatheka—IZambane lentaba/IDumbe lentaba *AMangwe amnyama — UMunola *UMbhadlangu— UBangalala *ILoyi — IJoyi *IMfuzane — UMsilawengwe *IShabhele— INkomankoma *UMnyamathi — UMathunzentaba *IMpishimpishi — INdodemnyama *ISiqunga —IKhambi likaVico/UTshanibezwe *ISinyembane— UMnwandanyoka *USolo–UMgandankawu/ISikhukhukazi esinamatshwele *UXhaphozi —ISishoshokazane *IZibu—UDabulamanzi/IBhudle lomndawe *UMahogwe— IKhambi likaNgcolosi *INqayi elimhlophe—IKhambi likaMntungwa *INqayi elimnyama—IKhambi likaMthiyane *UMdlonzo— IKhambi leziduli *UMgogiwenhlanya—UMazwenda *UMphafa—UMlahlankosi *UMhlakuva—UMhlafutho *IDlula— IDlulabehlezi *IMpila — UMafuthomhlaba *UNgqengendlela—UShobalehhashi *UNtonganazibomvana—UMfanakazihlanjana *AMalanjana—UQadolo *IMfuzane — UMsilawengwe *IMpindamshaye —IMfulwa *INcamashela– INgcamu *INhlokoshiyane—UMkhaphalanga *UMadwaleni—INsulansula *UMqhumane —IPhengulula *IShabhele— INkomankoma *IShongwe—UHlakahla *UMaguqu—ISidenda *ISihlekahlekane— UMasheshisa *ISiklenama(esimhlophe nesibomvu) —UMahlanganisa *UMvuvuka—ISilengo *ISiphephane—UBendle/INgqabulane *UMshekisane—ISizimane * UQhuzu—UGqomgqomu *UHlaba —UHlabamaphonjwana *UHlabu—INtingo * UMgwanyana–UMgunya /UMbizakazivuthwa *UMakhandakansele—IKhambi likaLinda *UMathithibala —UMabululwana omkhulu *UMganu— UBaganiselwa *UMlahleni—

read more

Incazelo ngesihlahla iSigqiki somkhovu 

Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.  Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi. Nanso-ke iSigqiki soMkhovu nina beSilo. Lesi isihlahla esitshalwa esangweni lekhaya ,ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Sitshalwa yizo zonke izinhlanga, ngisho nabeLungu imbala. Sitshalelwa izizathu ezahlukahlukene. Abantu abansundu basitshalela ukuvimba nokuphebeza imimoya emibi, imikhovu nabathakathi imbala. Kuthiwa uMkhukhuli akangeni lapho kutshalwe khona lesi sihlahla. Kahle-hle kuthiwa akukho moya omubi ongenayo lapho kutshalwe khona iSigqiki soMkhovu. Umuntu ofisa noma ofuna ukutshala iSigqiki soMkhovu kudingeka abe nencwadi emgunyazayo ukuba asitshale, uma esitshala ngaphandle kwencwadi uyakubhekana nengalo yomthetho. Le ncwadi eyimvume yokusitshala itholakala kubona abomthetho. Kuthiwa lesi sihlahla sesiSgqiki soMkhovu sinobulili, kukhona esomfazi nesendoda. Esomfazi sibonakala ngokuthela izithelo esizithela phakathi nendawo, ngaseSiqwini , hhayi emacembeni. Kanti futhi kuthiwa kudingeka  uzitshale zombili, esomfazi nesendoda. Ngakho-ke kudingeka wazi ukwehlukanisa ubulili.  Ungaqala ngesomfazi, bese ulandela ngesendoda.Bathi siyakhungwa lesi sihlahla. Umuntu akaveli asitshale nje. Sinemibandela nemikhuba. Kuthiwa sitshalwa ngemali ekhanyayo, lokho kusuke kwenzelwa ukuthi sisebenze kahle.  Kuthiwa uma sisesincane 

Incazelo ngomuthi uMavumbuka/iHlule 

Nina beMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni ,yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa umdlebe kwaSoshangane! Ehla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso-ke isithombe somuthi uMavumbuka! Wumuthi wesisu lona! Isisu esilumayo, isisu esijuqayo ,isisu esisontayo nesikhipha igazi. Kuye kususwe amaqhuqhuva kule sigaxa, bese siyaphekwa siba yisiphungo eselapha noma yinhloboni yesisu. Lo muthi ubuye ube muhle nasemankonyaneni uma ehuda . Nakhona kusebenza sona lesi sigaxa. Siyaphekwa, sibe yisiphungo eselapha isisu emankonyaneni. Lo muthi ubuye ube muhle nakwabasefazane abahlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Kuye kuphekwe sona isigaxa lesi, siqhathwe nezimpande zoGobho. Bese uyaphuza -ke owesifazane ohlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Lo muthi ize ubonakala nasebusika kodwa wanda kakhulu ehlobo, uma lina. Uvele uqhume nje uvumbuke ,uthi cithi saka yonke indawo. Kubuye kuthiwe yiHlule,ngoba umise okweHlule , igazi. #Khumu!! Thola izincazelo ngamakhambi ezithe thuthu kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺  

Incazelo ngesilwane iSinkwe(Bush baby)

Incazelo ngeSinkwe  (Bush baby) Nina abakaMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo,inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe.Ngethemba basaphila abeSilo.Esithombeni nina beSilo iSinkwe phecelezi Bush baby.Kuthiwa iBush baby ngenxa yomsindo esiwenza uma sikhala ehlat... qhubeka ufunde »

Amakhambi akwaNtu 

Amakhambi akwaNtu :- Amakhambi imithi esiza kakhulu ekwelapheni imbo nasekukhipheni inyongo .Le mithi akudingeki ukuthi nize nitshelwe inyanga ,noma ubani osekhulile ekhaya kufanele azi ukuthi uyokwenzenjani lapho ephethwe umkhuhlane ,noma equtshukelwe inyongo .Inkinga ekhona ukuthi iningi lethu asisawasebenzisi lawa makhambi akwaNtu ngoba umuntu usuke esaba ukuthi abantu bazothi uyathakatha . Ake siwabale amakhambi awusizo :- ISIPHONDO Isiphondo umuthi okuchatha abantwana oxutshwa nobisi .Ungumuthi omkhulu wenyoni .Izingxabo zesiphondo ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokuphalaza kususwe isidina . UKALIMUZI :- Ukalimuzi ikhambi elimila emaxhaphozini ,izimpande ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokwelapha umkhuhlane .Ukalimuzi umuthi wokuchatha izingane ezinomkhuhlane .Nabadala bangawuhlafuna lapho behlaselwe ugonqogonqo INKUPHULANE :- Lo muthi awuyishiyi inyongo .Kugxotshwa amakhazi awo kuhlanzwe ngawo kukhishwe inyongo .Noma bethi unesizinda senyongo inkuphulane iyasibhidliza ,kugxotshwa amakhasi ayo axovwe ngamanzi afudubele bese ilingela ukuphalaza ikhiphe izindenda nenyongo esigcwele esibindini ,wenza umzimba ube lula . ISIHLAKOTHI :- Amaqabunga esihlakothi agxotshwa athelwe amanzi afudumele kuchathwe ngawo izingane nxa zihlushwa izinhlungu zokonakala kwesisu.

ULozilina umuthi wogazi :

  Nango -ke uLozilina umuthi wogazi . Lomuthi ukhonzwe kakhulu izinsizwa ikakhulukazi ezakwaZulu ngoba uwumuthi owakha ugazi. Kuyaphalazwa ngawo lomuthi ,uxutshwa nemithi efana noNhlanhlemhlophe,iNgwavuma, uMadlozana, uVumakubangoma omhlophe. Bese ujikijela nemithi elwayo efana noSehlulamanye ,... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!