Abantu bakwaSikhakhane bavele ngoSikhakha wakwaXulu. Bathi uSikhakha lona welelesa watholakala encinda odengezini olwaluncinda amakhosi akwaXulu kuphela. USikhakha yena wayengesiye owendlu yasebukhosini , ngakho wayengafanele ukuncinda kulolu dengezi . Lokhu kwakusho umbango . Ngakho-ke indlela yoku... qhubeka ufunde »
Izibongo zeSilo uShaka kaSenzangakhona INyosi : uMxhamama kaSoshaya wakwaSibisi UDlungwane kaNdaba*!UDlungane woMbelebele!Odlung’emanxululumeniKwaze kwasa amanxuluma esebikelana UMjokwane aNdabaUsalakutshelwa usalakunyenyezelwaUsishaka kasishayekiUnodumehlezi kaMenziIlembe eleq’amanyeAma... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaKhwela bangabanye bendlu kaQwabe. Noma nengabalulekile emlandweni kangangokuthi abanye baze bathi akusiwona amaZulu kahle ngoba bengazelwa lutho. Kodwa kuthiwa uTotose indodana kaLufutha waxabana nabo wase ebashiya wakhwela izintaba wayokwakha komakhelwane bakhe ezintabeni baseMangangeni... qhubeka ufunde »
AbakwaSibiya.. Badabuka eMhlathuze. BangamaNtungwa Nguni ngokwezigaba zobuNguni Bazalwa uMalandela obeyinkosi yaMaNguni endlini encane, phela endlini enkulu uMalandela wazala uQwabe owazala abakwaQwabe, kanye nomnawakhe uZulu owazala abakwaZulu. UKUDABUKA KWABANTU BAKWASIBIYA KUSUKELA EZINSIZW... qhubeka ufunde »
Endlini encane yakwaMaphumulo ilapho kuphuma khona abantu bakwaMseleku. Ukuze babe ngabantu bakwaMseleku yingoba kwathi kuhlasele impi bonke abantu bebaleka bona banele bafika osebeni lolwandle base bayakhohlwa ukuthi kuyabalekwa balibala ukuzidlela lokhu okwakubizwa ngokuthi ngamaseleku[okungamasen... qhubeka ufunde »
Izithakazelo zakwaMgwaba. >>>. Mbhense! Mgwaba! Bhensela, Sindane, Sibind’ esimnyama nenyongo yaso. Wena kaMpiko, Ntombi kazendi, zenda ngonyezi Ngoba ngomnyama zesaba ukuqhuzuka Nyath’ emnyama kaSobhalabhala Nin’ abahle njengomkhono wendlovu Nina bakwaZulu Mhoboyi kaMpiko. >>&g... qhubeka ufunde »
I
Izithakazelo zakwaNene >>>>>> Nene! Sithenjwa! Vezi! Mngadi kaNgema Madlokovu Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile! Igcwele izingwenya nezingonyama, Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni! Madlokovu sabela uyabizwa eNkonjeni. Sithuli saseNgweni esingasho lutho kumuntu Nqoyi, M... qhubeka ufunde »
Izithakazelo zakwaChili >>>>>>>> Mthuyi, Mnguni! Qwabe kaNozidiya, Khuzwayo! Mlamlankunzi Ungaziyeka zibulalane Mthatathu kaGumede, Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe. Isigogo esisind’ abatshathi. Donga olulal’ amankentshane Nina bas’ Ongoye. Mbuse, Malinda L... qhubeka ufunde »
AbakwaSokhulu Abantu bakwaSokhulu babakhelane nabakwaKhumalo ngaseMfolozi emyama. Bathi indoda yakwaSokhulu yayishiya indawo yakubo yalibhekisa ngasolwandle lapho kwakwakhe khona isizwe sakwaMthethwa siphethwe inkosi yaso uKhayi kaXaba. Le ndoda igama layo kwakunguDlabela kaSikhangane kaNoxoko ... qhubeka ufunde »